Isolezwe

Basophe ukugcina isithunzi sothisha ngenhlanga­no

- NHLAKANIPH­O MNQAYI

I NHLANGANO yothisha asebathath­a umhlalapha­nsi iretired Educators Voice (REV) ihlose ukubuyisa isithunzi sothisha ngokuthi ibagcine bematasa futhi basebenzis­a nesipiliyo­ni sabo ukusiza emphakathi­ni. Okuseqhulw­ini kule nhlangano ukunakekel­a othisha asebathath­a umhlalapha­nsi iphinde inakekele abafundi ngokubasiz­a ngemiseben­zi yasekhaya ntambama iphinde ibathengel­e imifaniswa­no yesikole kulaba abangathat­hi entweni. Usihlalo wale nhlangano umnuz Msizi Ngcobo, ekhuluma nesolezwe, uthe ngaphandle kokuhambel­a amalungu abo agulayo nemindeni yamalungu asedlule emhlabeni kuningi okunye abahlose ukukwenza. “Inhloso enkulu ukuthi sibuyise isithunzi sikathisha futhi sibhekelel­e izikole nabafundi abaswele. Siyalekele­la ukuthengel­a abafundi imifaniswa­no yesikole nezicathul­o. Okunye esihlose ukukwenza ukuthi siqale isikhungo sokuthi bathibe indlala,” kusho ungcobo. Unkk Nomvula Mkhwanazi onguthisha owathatha umhlalapha­nsi efundisa esikoleni samabanga aphansi esisemlazi ingilosi, uthe IREV yenza ukuthi aphile. “Uma uhleli ekhaya ungenzi lutho ugcina usuyisaluk­azi. Ukungena kwami kule nhlangano ngiphilile njengoba sengize ngaqala nokufundis­a amakilasi antambama. Ngifundisa izingane eziqhamuka ezikoleni ezehlukene, ngizenzise umsebenzi wasekhaya eziwunikwe esikoleni,” kusho unkk Mkhwanazi.

Unkk Bongiwe Mbatha wasendwedw­e obefundisa esikoleni saselindel­ani, Isicelulwa­zi, uthe kuningi akufundile kule nhlangano njengokugc­ina isithunzi sikathisha njengoba bebenenkon­zo yokuhlonip­ha ozakwabo abangasekh­o.

“Okukhulu engikwenza­yo ukulekelel­a izingane ikakhuluka­zi labo abahlulwa isifundo sezibalo njalo ntambama nangomgqib­elo. Engikuthan­da kakhulu ngerev ukuthi ikwenza uhlale ukhuthazek­ile futhi sibona nabantu esasifunda nabo kudala,” kubeka unkk Mbatha.

Ngolwesith­athu, le nhlangano ibe nenkonzo yokukhumbu­la ozakwabo abangasekh­o, EDLI

Hall, egreyville, ethekwini.

Kule nkonzo kukhunjulw­e onkk Sbongile Ndlovu, Khanyisile Zondo, Duduzile Mlanduli nofezile Nkomo abadlule emhlabeni ngomashi no-ephreli kuwo lo nyaka.

Le nhlangano engenzi nzuzo yasungulwa ngo-2018 ngoba kubonakala ukuthi othisha asebathath­a umhlalapha­nsi ababe besanakwa, yenza okuningi njengoba ihambela ilungu lale nhlangano uma lixinwe ukugula, ilekelela ngokulifih­la uma selidlule emhlabeni nokunye.

Inamagatsh­a amahlanu elisemlazi, Durban South,

Durban North, Durban Central nasemfume.

 ?? Isithombe: NHLAKANIPH­O MNQAYI ?? AMALUNGU enhlangano iretired Educators Voice (REV), kwesokunxe­le onkk Thandi Mthembu, Nomvula Mkhwanazi, Mnuz Msizi Ngcobo (usihlalo WEREV), nonkk Busisiwe Manqele kanye nobongiwe Mbatha (unobhala)
Isithombe: NHLAKANIPH­O MNQAYI AMALUNGU enhlangano iretired Educators Voice (REV), kwesokunxe­le onkk Thandi Mthembu, Nomvula Mkhwanazi, Mnuz Msizi Ngcobo (usihlalo WEREV), nonkk Busisiwe Manqele kanye nobongiwe Mbatha (unobhala)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa