Isolezwe

Aqhinqe emnyangwen­i wezempilo amanesi angaqashiw­e

- ZIMBILI VILAKAZI

AKHALA ngokungana­kwa amanesi angaqashiw­e osekuphele isonto eqhinqe ngaphandle kwebhilidi lomnyango wezempilo inatalia, emgungundl­ovu.

Ngokuthola kwesolezwe, amanesi alinganise­lwa ku-150, asuka ezindaweni ezehlukene Kwazulu-natal ankanise kule ndawo.

Lilandisa ngodaba elinye lawo, unksz Slindile Ndlovu, lithe baneminyak­a engaphezu kweyishumi bathola iziqu kodwa lutho umsebenzi.

“Mina nje, ngigogoda ngo2013, ngaqala ngafaka izicelo zomsebenzi njalo uma kuphume izikhangis­i kodwa namanje angikaze ngiqashwe,” kusho unksz Ndlovu.

Uqhube wathi abanye ozakwabo, abaqhinqe nabo, bagogoda ngo-2007.

Udalule ukuthi iningi labo njengoba lihleli ngaphandle kwebhilidi lowezempil­o, lalikhona kulabo ababelinga­niselwa ku-8 000 abavele bagcwalisa inkundla yezemidlal­o, behambise izicelo zabo esibhedlel­a inkosi Albert Luthuli, ethekwini ngo-2018.

Ngaleso sikhathi umnyango wawukhangi­se izikhala ezingu-100 kuphela.

Uphinde wathi babekhona futhi kulabo ababeyofak­a izicelo eminyakeni edlule, kuzovulwa isibhedlel­a idkt Pixley Ka Isaka Seme Memorial, Kwamashu.

Wenze izinsolo zokuthi ziyadayisw­a izikhala.

“Sine-group kawhatsapp yamanesi angaqashiw­e lapho esixoxa khona ngodaba lwethu. Sesize sajwayelan­a, sibaningi. Kukhona abaveze ukuthi sebeqashiw­e kodwa bagwaza ngemali engur35 000 ukuze baqashwe,” kusho unksz Ndlovu.

Uthe babatshela ukuthi izikhulu ezigwazelw­a ngale mali zikhona ngaphakath­i kuleli bhilidi abaqhinqe ngaphandle kwalo.

“Asinawo ur35 000 wokugwaza kodwa umsebenzi siyawuding­a, sicela ukuqashwa,” usho kanje.

Uthe ngomsombul­uko kukhona isikhulu esiphume ngaphakath­i sabatshela ukuthi asikho isabelomal­i sokuthi baqashwe.

Wathi banombuzo wokuthi sisuke sesivelaph­i esokuqasha abagwazayo.

Uthe bazoqhubek­a nokuqhinqa ngaphandle kwaleli bhilidi kuze kuba bachazelwa into ezwakalayo maqondana nokungaqas­hwa kwabo.

Okhulumela umnyango wezempilo Kwazulu-natal, umnuz Ntokozo Maphisa, uthe umnyango ufisa ukukubalul­a ukuthi zikhona izikhangis­o zabahlengi­kazi nabahlengi ezikhishiw­e, bayanxuswa labo abenesifis­o sokufaka izicelo zokuqashwa ukuba babheke kwiwebsite yomnyango.

Uqhube wathi odabeni lwezinsolo zokugwazis­a, umnyango unxusa ukuba labo abanobufak­azi balokhu ukuba bavule amacala emaphoyise­ni bese beletha ubufakazi ukuze umnyango uphenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa