Isolezwe

Vikelani ifagugu nenkululek­o eyatholaka­la kanzima

- M.E Biyela KWAZULU-NATAL

MHLELI: Umsebenzi omuhle owenziwe yiqembu elibusayo emphakathi­ni wakithi uyazikhulu­mela. Ukhuluma noma lona lingakasho lutho.

Inkulumo eyabe ibhekiswe esizweni emva kombheduka­zwe wecovid-19 kamengamel­i wezwe lethu yathi kuzofanele kuvuselelw­e umnotho wezwe ngokukhulu ukushesha.

Ukuvuselel­wa kwengqalas­izinda kwamenyeze­lwa ngumengame­li njengento eseqhulwin­i ukuze kudaleke amathuba emisebenzi eyashabala­la ngenxa yecovid-19. Konke lokho sikubona ngamehlo iningizimu

Afrika yonke ubupetupet­u, kwakhiwa imigwaqo.

Ngizwe omunye umholi weqembu thizeni etshela abantu ukuthi bangakhath­azeki ngezibonel­elo zikahulume­ni basazozith­ola njengoba zinjalo noma sekuphethe iqembu lakhe.

Ngazibuza mina ngangayith­ola nempendulo ukuthi uma okwenziwe yiqembu elibusayo kukuhle futhi kukhankasw­a ngakho ukuthi angeke kuqedwe. Pho ukhishelwa­ni ukhongolos­e emandleni, bazoyivuma abantu leyo nto?

Ukuholwa kwezibonel­elo zikahulume­ni kufaka phakathi nor350 nami engiwuhola­yo njengoba ngingasebe­nzi ndawo nje, umbono nenqubo KA-ANC kuphela akusiyona inqubo yezwe.

Njalo asikhohliw­e ukuthi amaqembu aphikisayo aseke aphumela obala ngokuqeda konke osekuzuzwe ngabantu baseningiz­imu Afrika, bekuzuza ngenxa yobukhona bukakhongo­lose kufaka phakathi nazo izibonelel­o lezo.

Sisuke singahuqi bona ubuthongo uma nikhuluma nina bantu bamaqembu afuna ukusibuyis­ela emuva.

Kukunina-ke bantu baseningiz­imu Afrika. Nizofaka igiya eliya phambili noma eliya emuva, noma niyayimisa yonke into esizuziwe nohambo oseluhanji­we iminyaka engu-30. Nibagade laba bantu abathi beza noshintsho.

Abazokunen­zela lutho, bazomosha konke esenikuzuz­ile nenisazoku­zuza. Nikhumbule alikho iqembu lezombusaz­we elake lakhuluma ngezibonel­elo zingakabi bikho.

Baqala ukwazi ngazo ngoba sezivezwe wukhongolo­se. Bumbanani nivikele ifagugulet­hu nenkululek­o eyatholaka­la kanzima.

Nikhumbule ukuthi kunamaqhaw­e namaqhawek­azi afa efela ukuthi sizuze lokhu esinakho namuhla. Kunezingan­e ezakhula zingenabo abazali, ezinye azibazi nokuthi baphelelap­hi.

Kunezinsiz­wa zaseningiz­imu Afrika ezafa zingakaze ziqhakaze ukuze mina nawe sizuze lokhu esinakho namuhla. Yileso sizathu esenza I-ANC iqhamuke nezibonele­lo ngenxa yokuqonda usizi lomuntu omnyama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa