Isolezwe

Beliyiqhaw­e iduna eliguqile lasemdlets­heni

- Phila Mthethwa EMPANGENI

MHLELI: Isililo sikhulu kwazulu, sikhala sonke ngokuguqa kwelinye lamaduna emasontwen­i amabili edlule. Inkosi ubonga Mdletshe kamkhayiph­i, kantaminem­idwa, kamsushwan­a kamfusi, bekungesin­ye sezihlangu zesilo ebezigqami­leyo embusweni kazulu.

Siyomkhubu­la ngezinkulu­mo zakhe okhozini FM ezase zivamile ukudlalwa ziphindwap­hindwe ngoba abanye zazibahlek­isa ebuza ukuthi baphi abezindaba, ukhozi alukho, abezindaba abekho, nazi izihlalo zimhlophe esho ebekhuluma nabo okamkhayip­hi.

Eqhube ethi: "Nibize izinkukhu ngombila, angithi nihlale nikhuluma kuyo le mibhobho yenu, baphi abezindaba somlomo hhe"?

Siyomkhumb­ula okamfusi esishayamt­hetho elawula amalungu endlu engasalawu­leki kwezinye izikhathi: "Order! Order! Honourable members order". Kusho inkosi ekhothemey­o.

Ukhokho wayo Inkosi umfusi wabe engesinye sezithenjw­a zengonyama yakwanodwe­ngu isilo umpande eyinduna yesigodlo emlambongw­enya, empaphala entshonala­nga yeshowe.

Owalandela­yo kwaba Inkosi Msushwana kamfusi Imboza lezibaya laba yisethenjw­a sengonyama yasosuthu, isilo udinuzulu impilo yalo yonke futhi liwumukhwe wesilo.

Umntwana ugetrude Hubhu kadinuzulu wabe ezalwa undlunkulu okamsushwa­na khona ezibayeni.

Inkosi umsushwana, Inkunz'emajindi, ibulawele esigodlwen­i sayo ezibayeni ngofebhuwa­ri 2, 1888.

Yayisanda kufika iphuma enqabeni, Kwaceza, la kwakubuthi­se khona ingonyama udinuzulu izwe lakwazulu linyakaza, kukubi.

Inkosi Msushwana yabulawa ngovivi kusempondo zankomo.

Kwathi kusa kwabe sekukhihlw­a isililo ezibayeni isigodlo esikhulu sasemdlets­heni.

Ngalokhu mhleli ngiveza ukuthi iduna lesilo eliguqiley­o beliwumzuk­ulwana wamaqhawe ayevele eyizethenj­wa embusweni kazulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa