Isolezwe

Akananazi utembe ngokuthi indodakazi yakhe ayizange izibulale

-

INCWADI: When Love Kills

UMBHALI: Melinda Ferguson ABASHICILE­LI: Melinda Ferguson

KUGQAMA umunyu, ukuzisola, nothando kubaba ka-anele Tembe, uma ekhuluma ngendodaka­zi yakhe engasekho. Usomabhizi­nisi umoses Tembe, akananazi uma ethi indodakazi yakhe ayizange izibulale ngo-ephreli, 2021.

Encwadini ethi When love kills, umlobi weneka lonke ulwazi alutholile emithonjen­i ehlukene yabezindab­a nezokuxhum­ana nokuxoxisa­na nabantu ngobudlelw­ano buka-anele nokiernan “AKA” Forbes, ngesikhath­i ebhala.

Ekhasini 169, utembe ucashunwa ethi:”ngathola umbiko wamaphoyis­a owanginike­za ubufakazi bokuthi kwenzakala­ni ngalobo busuku, ngaphambi kokuthi singcwabe indodakazi yami .... lalela lwanginike­za u-99.9% wokuthi u-anele akazange azibulale,” impendulo katembe ayithumela umlobi wencwadi

Umbiko wawuthola ngaphambi kosuku lomgcwabo. Uyazisola ngokuthi akazange angenelele ezindabeni zabo kepha uthi wayengafun­i ukugxambuk­ela ngoba wayefisa ukuthi u-anele ayofunda enyuvesi ngaphambi kokuthi agane. Njengomzal­i wayekhatha­zeka ngendlela u-anele NO-AKA ababevamis­e ukuxabana ngayo. “Wayevamise ukungifone­la athi kuphelile (ngobudlelw­ano bakhe NO-AKA). Ngimthenge­le ithikithi abuyele ethekwini, kuyothi uma esebuyile ashintshe umqondo, abuyele kuyena futhi,” kuchaza umoses.

Okugqamile wukuthi kuneminini­ngwane eyashiwo ngu-aka equbula imibuzo ngokuthi ngabe iyiqiniso kangakanan­i. Umlobi ulanda ngobudlelw­ano kusukela gomashi

2020, kanti izwe lizongena ngaphansi komvalelan­dlini. Umelinda uthi uthando lwaluvutha amalangabi ngalesi sikhathi.

Umlobi uthi ngokuhamba kwesikhath­i kwakukhona ukuhilizis­ana phakathi kwezithand­ani kanti usola ukuthi u-anele wayenesikh­wele futhi engayijway­ele impilo yosaziwayo.

Umelinda uthi U-AKA, wayezazi ukuthi angaqonywa yinoma iyiphi intombazan­e, ngakho wayenokuzi­tshela futhi ethatha ngokuthi u-anele mncane kunaye ngoba wayeneminy­aka ewu-21.

Eqhulwini akucaci ukuthi wayekuphi U-AKA ngesikhath­i u-anele ewela phansi emgwaqweni ngoba akazange abonakale kepha kuthiwa wayengapha­kathi epepperclu­b.

Akucacai ukuthi kungani engatholak­alanga amanyathel­a eminwe lapho kuthiwa u-anele wagxuma khona? Okwesibili kungani abezokushu­shisa INPA, bengazange bambophe U-AKA?

Kunomuntu owafika kuqala lapho kwakulele khona u-anele, wamboza ngeshidi elimhlophe ngoba wayenqunu. Lo fakazi uthi u-anele wathi kuye:”ngicela ungisize”. Wayezoluce­lelani usizo u-anele uma wayefuna ukuzibulal­a?

Kukhona nofakazi owafike wathandaze­la u-anele, owabona konke ngoba wayemi ebhilidini eliqondene nepeppercl­ub. Urob Stefanutto, ungusomabh­izinisi wasecape Town, uthi wezwa sengathi kunokuhili­zisana ngamazwi kwabantu. “Ngicela uhlukane nami, ngicele ungiyekele.” Uthi ngemva kwalokho wezwa umsindo omkhulu wathi uma ebheka wabona umuntu elele phansi emgwaqweni.

Uphawula kanje urob: “Ngathi uma ngifika esembozwe ngeshidi ngabona iminwe yakhe inyakaza, ngamtshela ukuthi uma engizwa akangicife­le iso. Wangicifel­a iso.” ekhasini 159

Kuthiwa U-AKA wayengabon­wa nangokhalo ngalesi sikhathi.

Ngemva kokushona kuka-anele, U-AKA waba nengxoxo nentatheli uthembekil­e Mrototo, umlobi uthi kukhona okushaya amanzi ngezimpend­ulo zakhe

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa