Isolezwe

Uyaziphind­iselela unkosikazi weqabane

- nompume Nzimande

INCWADI: The comrade’s wife

UMBHALI: Barbara Boswell ABASHICILE­LI:JACANA Media

UKUPHOXEKA kukankosik­azi weqabane ngemva kokuthola ubufakazi bokuthi umyeni uyashendez­a, kwenza azibuze aziphendul­e ngesinqumo sakhe. Incwadi ethi: Comrade’s wife yinoveli elotshwe ngubarbara Boswell, exoxa ngezinsele­lo zokushada.

Ngenxa yokuthi uneil ungusopoli­tiki uhlale esemgwaqwe­ni elungisele­la imihlangan­o ezindaweni ezahlukene. Unkosikazi u-anita uthemba ukuthi konke kuhamba kahle kanti uneil uthola ithuba lokungcebe­leka nomakhwaph­eni.

Sekukaning­i uneil emlaxaza uma bese holidini asale yedwa u-anita abukele izinyoni kanti umyeni uyazitika nezintombi.

Ngemva konyaka beshadile uneil, uhlela ukuthi bashawe wumoya ethekwini, besuka ecape Town. Kuthi engazelele u-anita, epakishela umyeni wakhe izimpahla azithele phezu kwamakhodo­mu namaphilis­i omvusankun­zi iviagra. Uvuka emaqandeni u-anita! Aphequlule konke.

Uyaphenyis­isa ngemiyalez­o esocingwen­i lukaneil, athole uhlu lwamagama ezintokazi ezimbhalel­ayo, zimtshela ukuthi ziyamkhumb­ula, zincoma nempatho yakhe. Useyabona manje u-anita ukuthi kungani uma bexabana uneil, avele amuphe isipho esihle bese eyakhohlwa.

“Ngithi uma ngiphenduk­a embhedeni ngithole uneil ephethe ibhokisi elincane elinamacic­i amahle abizayo ... kepha afana ncamashi nalawo awanikeza ucarol (intombi kaneil),” kuchaza u-anita.

Kusa ngokunye kuneil uma kutheleka abakwasidl­odlo emzini wakhe esathi ucambalele kanti bazombopha. Phela u-anita udalule konke okwenziwa ngumnyeni okungekho emthethwen­i ngenhloso yokuziphin­diselela.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa