Isolezwe

Owedurban Gen kuma-awards ase-afrika

- CHARLES KHUZWAYO

INTOKAZI ezakhele ugazi ngokulingi­sa indawo yomhlengik­azi ongusne Mtshali kwidurban Gen, unombulelo Mhlongo, uqhathwe nezihlaban­i zamazwe ngamazwe kumashinin­g Star Awards.

Unombulelo (31) wasophongo­lo, uqokwe emunxeni webest Star Actress in Africa, lapho edlana khona imilala nozakwabo abanjengos­ila Bisalu wasedemocr­atic Republic of Congo no-ann Stella Karim.

Abanye abalingisi besifazane abaqokwe kulo mqhudelwan­o wezindondo ngoconnie Ferguson, Thabisile Zikhali, Ngele Ramulondi nozodwa Khumalo.

Uzodwa nothabisil­e baqhathwe emkhakheni webest Star Emerging Actress ekubeni uconnie ekowebest Star Actress.

Kwenzeka lokhu nje, unombulelo ungomunye wabalingis­i abaqokwe emqhudelwa­neni womhlaba iscream Awards 2024.

Lo mlingisi, osebuya kuzalo nakwiskeem Saam, ukwitop 10 kumunxa weyouth Actress of the Year, lapho edlana khona imilala notimini Egbuson, umercy

Eke IGAC Motor yasenigeri­a, ulydde Coco, utirie OY, Tekunbi, Kayade Ojuakope basenigeri­a noyolanda waseningiz­imu Afrika.

Unombulelo uthe ukujabulel­e kakhulu ukukhuza ibuya okwesibili kulo mncintiswa­no. Uma unombulelo egcina ngokuphume­lela, kuzobe kungekhona okokuqala ehlabana emqhudelwa­neni osezingeni lomhlaba. Nyakenye ukhale wemuka nendondo yebest Supporting Actress- Southern/eastern Africa nebest Actress-africa kumazikomo Africa Awards elusaka, ezambia muva nje.

Wayeqokwe eminxeni emine kodwa wahlulwa emkhakheni emibili, okungowe-inspiratio­nal Woman of the Year nowebest Supporting Actress.

Kwibest Supporting Actress of the Year-africa, unombulelo waqumba phansi ungele Ramulondi, Thando Thabethe, Ziya Zulu, Gista Warsuki, Noele Ramulondi baseningiz­imu Afrika nabanye bakwamanye amazwe.

Kwi-actress Of The Year Southern Africa, wahlula uthabsile Zikhali,

Ama Qamata, Rosemary Zimu,

Ngele Ramulondi nabanye bakwamanye amazwe.

Abamazikom­o Africa Awards bathi okwawinisa unombulelo ukuzimisel­a nokusebenz­a ngokuzikha­ndla ekuthuthuk­iseni ikhono lakhe lokulingis­a.

Unombulelo uqale ukuduma kuleli ngokudlala indawo kanomcebo kuzalo emuva kokuba ucassandra Masemola kwiskeem Saam. Ufundele ukulingisa esikhungwe­ni saselos Angeles, E-USA ngo2010.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ISITHOMBE:SIGCINIWE ?? UNOMBULELO Mhlongo uqokwe emunxeni wabalingis­i besifazane e abavelele e-afrika
UTHABISILE Zikhali usekwibest Star Emerging Actress kumashinin­g Star Awards
Isithombe: FACEBOOK ISITHOMBE:SIGCINIWE UNOMBULELO Mhlongo uqokwe emunxeni wabalingis­i besifazane e abavelele e-afrika UTHABISILE Zikhali usekwibest Star Emerging Actress kumashinin­g Star Awards
 ?? ISITHOMBE:FACEBOOK ?? UCONNIE Ferguson ngomunye wabalingis­i abaqokwe kumashinin­g Star Awards
ISITHOMBE:FACEBOOK UCONNIE Ferguson ngomunye wabalingis­i abaqokwe kumashinin­g Star Awards

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa