Isolezwe

Kwengezwe iminxa kumadstv Content Creator Awards

- FANELESIBO­NGE BENGU

SEKUVULIWE ukungenela imiklomelo, amadstv Content Creator Awards, abuya nezinguquk­o ezimbalwa.

Le miklomelo kuzoba ngokwesith­athu ikhona nonyaka. Okusha kulo nyaka kuthiwa kuzobe kubungazwa kakhulu abakhiqizi bemisebenz­i kunemisebe­nzi ngqo.

Kufakwe iminxa emisha okubalwa kuyo eyomxoxi wezindaba ovelele. Kuwona kuvunyelwe ifilimu emfishane, iqophamlan­do noma indaba ewuchungec­hunge engena ijule esihlokwen­i futhi ifundise umbukeli.

Omunye umunxa omusha ngowebest Event After Movie Award okuthiwa ngowabenza imicimbi.

Kukhona novotelway­o wetrendset­ter Award lapho kubhekwa khona umuntu (influencer) osezakhele igama emkhakheni akuwo futhi osenabalan­deli abaningi.

Ukungenela ungena ku-www.contentcre­atorawards. co.za, kuzovalwa ngojuni 21.

Phakathi kwabawina nyakenye kubalwa ipodcast and Chill with Macg, Mihlali Ndamase, Kefilwe Mabote, nomrepha ongasekho, U-AKA.

Abaqokiwe bazomenyez­elwa ngo-agasti bese kuvulwa nokuvota, kuthi abawinile bamenyezel­we ngookthoba.

Isiyonke iminxa engenelway­o yile:

1. Thumb-stopping Award

2. *New* Best Event After Movie Award

3. Podcast of the Year Award

4. *New* Storytelle­r Award (10 minutes to 30 minutes)

5. Song of the Year Award (opens for public voting once the five nominees are announced)

6. Best Creator Campaign Award

7. Social Commentary Award

8. Dstv Creator of the Year Award (public voting once the nominees are announced)

9. Emerging Creator Award (public voting once the five nominees are announced)

10. Cause Award (public voting once the five nominees are announced)

11. *New* Pan-african Creator Award

12. *New* Trendsette­r Award

(public voting once the five nominees are announced)

13. Fashion & Style Award

14. Foodie Award

15. Travel & Lifestyle Award

16. *New* Gaming Creator of the

Year

17. Beauty Award

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMACG ongumsungu­li wepodcast and Chill with Macg eyawina kumadstv Content Creator Awards nyakenye
Isithombe: INSTAGRAM UMACG ongumsungu­li wepodcast and Chill with Macg eyawina kumadstv Content Creator Awards nyakenye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa