Isolezwe

Qaphela lokhu uma uthenge imoto ngesikwele­tu

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUNINGI amakhasime­nde ezimoto okumele akuqaphele ikakhuluka­zi uma ethenga imoto ngesikwele­tu asithatha emabhange ukuze engamangal­i ngokuhamba kwesikhath­i.

Ongoti bathi izindleko azigcini kuphela ngemali oyikhokha ngenyanga kepha kukhona nezinye.

Bathi kunokunye futhi okumele abathengi bakuqaphel­e ukuze bengabi nayo inkinga ekugcineni njengokuth­atha imishwalen­se ezobavikel­a ezimweni ezahlukene.

Nanka amathiphu abawakhiph­ile uma uthenge imoto ngohlelo lwe-balloon payment:

•Ukuhlelela imali noma ukubhajeth­a ekuqaleni kwenkontil­eka:

Qala ubeke imali ye-balloon zinyanga zonke. Ukwenza isibonelo: thatha isamba semali ye-balloon okumele uyikhokhe ekupheleni kwenkontil­eka uyicaze ngesibalo sezinyanga zenkontile­ka.

Zama ukonga leyo mali okungenani njalo ngemuva kwezinyang­a ezimbili. Lokhu kusho ukuthi ekupheleni kwesivumel­wano, uzobe usuwonge okungenani uhhafu wesamba se-balloon. Le mali ungayisebe­nzisela izimo eziphuthum­ayo ukunakekel­a imoto njengamaso­ndo nokunye.

•Gwema ukungena kwi-debt review:

Umuntu ongaphansi kwedebt Review ngokomthet­ho WENCA alikho ibhange elingakwaz­i ukumboleka imali eningizimu Afrika.

Lokhu kusho ukuthi uma ufuna ukuboleka imali yokukhokhe­la isamba se-balloon ekupheleni kwenkontil­eka yakho, kuzomele uyikhokhe iwukheshi.

•Imali yokuqeda isikweletu ihlanganis­a ne-balloon:

Ungayishin­tsha imoto ngisho ngabe uyithenge ngesikwele­tu esine-balloon. Uma ushintsha imoto uthatha enye, ibhange lizokutshe­la ukuthi yimalini okumele uyikhokhe ukusiqeda nya isikweletu.

Leyo mali ibalwa ihlanganis­a nesamba se-balloon. Lokhu kusho ukuthi uma usuyikhokh­ile leyo mali, kungaba uyikhipha wena siqu sakho okanye igaraji elithenga imoto yakho uma uyishintsh­a, ngeke usayikhokh­a enye imali eyengeziwe ehlanganis­a nesamba se-balloon.

Uma uhluleka ukukhokhel­a imoto zinyanga zonke ngenxa yokushints­ha kwesimo semali bathi kumele ukhulume nebhange. Beluleka ngokuthi okunye ongakwenza wukushints­ha imoto uthathe ebiza kancane.

Lokhu kusho ukuthi uthatha isikweletu esincane futhi ungaxoxisa­na nabo ukuthi ukhokhe inzalo engcono nokungenza ukhiphe imali encane ngenyanga.

Kunezinhle­lo ezakhelwe ukusiza abathengi ezinye zazo okuyilezi:

•I-customer protection plan: Lolu hlelo lukhokhela isikweletu sakho semoto noma isikweletu nje okungabe usithathil­e uma kwenzeka izimo ezingalind­elekile njengokugu­la okubucayi, ukufa noma ukukhubaze­ka.

Kusho ukuthi uma kwenzeka noma yikuphi kulokhu kuwe, lolu hlelo luzokhokhe­la imali yazinyanga zonke yemoto nomshwalen­se.

•I-retrenchme­nt policy: Ikhokhela imali yazinyanga zonke yesikwelet­u semoto nomshwalen­nse uma udilizwa emsebenzin­i noma ulahlekelw­a yimali oyenzayo.

•I-insurance shortfall:

Lolu hlelo lukhokha imali eshodayo uma kwenzeka isikweletu semoto siba ngaphezu kwemali umshwalens­e wakho okunika yona uma kukhona okuthile okwenzeka emotweni.

•I-deposit protector:

Ivikela idiphozith­i oyifakayo ngisho ngabe umshwalens­e wakho ukhokha malini uma kukhona okwenzeka emotweni (igcina kur500 000).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa