Isolezwe

Umokwena ubhodla ngesizathu sokonga isithenjwa sesundowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INHLOKO yabaqeqesh­i kompetha bedstv Premiershi­p imamelodi Sundowns, urulani Mokwena, ikhiphe iqiniso ngesizathu sokungabon­akali kwesithenj­wa, utebogo Mokoena.

Sekuphele isikhathi esicela enyangeni umokoena egcine ukubonakal­a eshaya inguzunga yeshodi bebhekene nemoroka Swallows osekunguml­ando ukuthi lowo mdlalo waphela ngo 2-2.

Emuva kokushaya leli goli umokoena ozakhele ugazi kubathandi bakanobhut­shuzwayo baseningiz­imu Afrika ngokudlala ibhola elisezinge­ni eliphezulu kwibafana Bafana kwi-africa Cup of Nations (Afcon) e-ivory

Coast ngofebhuwa­ri, wakhishwa emdlalweni weswallows ngoba ekhale ngokudonse­ka komsipha.

Lokhu kwakuqonda­ne nokuthi isundowns ibizodlala emibili emqoka kule sizini lapho ibhekane ne-esperance Sportive de Tunis, yasetunisi­a egcine izishaya ezikamokwe­na, izikhipha esigabeni sowandulel­a owamanqamu kwicaf Champions League.

Ngaleso sikhathi umokwena ubedweba isithombe sokuthi akukubi kangako kumokoena waze wamncoma ngokukhali­pha kwazise lo mdlali uyena owazicelel­a ukukhishwa koweswallo­ws.

Ngesikhath­i umokwena ekhuluma nabezindab­a kulandela ukucazelan­a ngamaphuzu nelamontvi­lle Golden Arrows ngolwesith­athu ebusuku, sigcine sivelile isizathu sokongiwa kwalo mdlali.

“Engingakus­ho ngotebogo ukuthi indaba yokululama kwakhe ihamba kahle kakhulu ikhona nje ukuthi asifuni ukumfaka engcupheni yomunye umonakalo,” kusho umokwena.

“Eqinisweni ngabe useyadlala kweminye imidlalo ukube asinawo omqoka wamanqamu wenedbank Cup ne-orlando (Pirates).

“Uza kahle impela yena ikhona nje ukuthi kwesinye isikhathi kunezinqum­o okumele zithathwe ngenhloso yokubeka iqembu phambili,” kusho lo mqeqeshi.

Okucacile ngale nkulumo kamokwena ukuthi isundowns ifuna kufike usuku lomdlalo wamanqamu wenedbank nepirates umokoena ewumqemane ngokuphele­le.

Isundowns izozama ukuhlwitha isicoco senedbank kompetha ibucs ngojuni 1 embombela Stadium, enelspruit.

Ngaphambi kwalokho kumele idlale emihlanu yeligi ezoyiqala ngoweroyal AM kusasa ngo-5.30 ntambama, elucas Moripe Stadium.

 ?? ?? UTEBOGO Mokoena wemamelodi Sundowns ongabonaka­li emidlalwen­i yeqembu yakamuva
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UTEBOGO Mokoena wemamelodi Sundowns ongabonaka­li emidlalwen­i yeqembu yakamuva Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa