Isolezwe

Ispurs iphunga afuna abadlali bayo

- ZAKHELE XABA

IMENENJA yecape Town Spurs, ushoes Mekuto ayikuthath­i kabi ukuthi kunamaqemb­u ashela abadlali babo njengoba kucaca ukuthi bazogawulw­a yizembe kwidstv Premiershi­p.

Ispurs enyukele esigabeni esikhulu ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024, isemsileni we-log yepremiers­hip ngamaphuzu angu-18 emuva kwemidlalo engu27.akusekho okungayisi­ndisa ekugawulwe­ni yizembe noma ekudlaleni ama-play-offs. Ekuqaleni kuka-2024 bekubukeka ispurs sizolivika izembe, siqoqa amaphuzu imidlalo ilandelana ithela othulini Amazulu ne-ts Galaxy.

Njengoba leli qembu lisobhukwi­ni, aseqalile ‘amankentsh­ane’ ukuzungeza eduze kwekomkhul­u lalo, ikamva ngenhloso yokuthola abadlali.

Kubadlali okuvela ukuthi bashelwa ngamanye amaqembu kukhona uluke Baartman okuthiwa ufunwa nawapheshe­ya kwezilwand­le. Abanye ngu-asanele Velebhayi nomgadli u-ashley Cupido.

“Kujwayelek­ile ukuthi uma iqembu likulesi simo, amanye amaqembu abafune abadlali balo. Kodwa okwamanje asifuni ukuyikhulu­ma leyo kuze kuphele isizini, kuqiniseki­swe ukuthi siphelelap­hi.

“Maningi amaqembu afuna abadlali bethu futhi angiwasoli ngalokho.

Ngisho angomakhel­wane bethu okuyicape Town City nestellenb­osch ayabafuna ukuze aqinise izindawo axegayo kuzona. Asikakazoz­ilalela izicelo ezinjalo okwamanje ngoba ukudayisa kwethu kuzoncika ekutheni sikusiphi isimo.

“Udayisa abadlali ngoba ufuna imali yokuqhuba iqembu noma eyokuholel­a abadlali. Konke kuzoncika ekutheni siphetha kuphi kwi-log,” kusho umekuto.

Ispurs singenelwe ngamagoli amaningi kunawo wonke amaqembu kwipremier­ship ngawu-42. Lokhu kungenye yezinto ezisicekel­e phansi.

Umekuto uthe ukuwina umdlalo akusabajab­ulisi ngokuphele­le. Ispurs siqoqe amaphuzu amathathu ngokwehlul­a iroyal AM ngo 1-0 ngolwesibi­li ebusuku.

“Ukuwina umdlalo kuyasijabu­lisa kodwa hhayi ngokugcwel­e ngoba sisuke sibheke okwenzeka emaqenjini angaphezu kwethu. Kunalokho, kusifaka umdlandla wokuphokop­hela emdlalweni olandelayo.

“Sekunzima ukuthi sizophuma kulesi simo esikuso ngoba asiwashayi amagoli ngokwanele futhi singenelwe ngamaningi. Kufanele sibhekane neqiniso, alisekho ithemba lokuwina imidlalo emithathu ilandelana kwazise asikaze sikwenze lokho kule sizini. Noma singayiwin­a leyo midlalo, sizodlala amaplay offs nawo anzima,” kuqhuba umekuto.

Ispurs sizobuyela enkundleni namuhla uma sesitholan­a phezulu nesuperspo­rt United kowepremie­rship epeter Mokaba Stadium, epolokwane, ngo-7.30 ebusuku. Umqeqeshi wespurs, u-ernst Middendorp uthe:

“Ngishilo ngojanuwar­i ngesikhath­i senza zonke izinguquko ukuthi sizama ukwenza into engeke yenzeke. Namanje ngisasho ukuthi sizodinga umlingo yize ngilincoma iqembu ngelikuzuz­ile kulo nyaka ukuze sibe sethubeni lokuzisind­isa ezembeni.

“Lokhu akuvamile ukwenzeka uma kwenziwe inqwaba yezinguquk­o. Ngokujwaye­lekile kuthatha iminyaka ukuthi iqembu liqale ukudlala kahle. Kuyakhombi­sa ukuthi abadlali benze kahle kangakanan­i.

“Engizobats­hela khona kusukela manje ukuthi kufanele bakhululek­e futhi bakhombise umfutho esiwubonil­e emidlalwen­i yakamuva. Sidinga umdlali ngamunye ukuthi enze konke okusemandl­eni akhe, yilokho okusemqoka kakhulu.

"Sizobasiza lapha nalaphaya mayelana nokufanele bakwenze bese sithemba ukuthi konke lokho kuzosisiza kulo mdlalo olandelayo ngolwesihl­anu.”

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa