Isolezwe

Ipirates phambili kumabasa osehola owesicathu­lo segolide

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUSIZA I-orlando Pirates ithole lokhu ephupha ngakho ikhona okuseqhulw­ini bese kulandela umbango wesicathul­o segolide, kutshegofa­tso Mabasa, obuyele esicongwen­i emdonsiswa­neni wakhe no-iqraam Rayners, westellenb­osch FC nolucas Ribeiro, wemamelodi Sundowns.

Umabasa ubuyele eqhulwini emjahweni wesicathul­o segolide ngokushaya amagoli amabili ngesikhath­i ibucs inqoba ngo 2-0 kwichippa United ngolwesith­athu ebusuku kwidstv Premiershi­p e-orlando Stadium, esoweto.

La magoli abeke umabasa kwangu-15 lapho ehola khona urayners ona-14 noribeiro onawu12. Ngaphandle kokukhuphu­la umabasa kulo mbango wamagoli, lo mphumela wepirates

unciphise igebe phakathi kwayo nestellies emjahweni wabo wokuqeda endaweni yesibili. Istellies ihlulekile ukuthatha amaphuzu aphelele kowayo umdlalo ibhekene namazulu ngalo ulwesithat­hu ebusuku.

Ipirates nestellies babanga ukuqeda endaweni yesibili kwi-log okuhamba nethikithi lokuyomela i-premuer Soccer League (PSL) kwicaf Champions League.

Womabili la maqembu ahlukanisw­e iphuzu emhlane wemamelodi Sundowns esingompet­ha beligi.

Emuva kokungcwab­a ichippa, umabasa oqokwe njengomdla­li ovelele wosuku, utshele abakwasupe­rsport ukuthi ipirates phambili kulandele umbango wamagoli emqondweni wakhe.

“Okubusa umqondo wami ukusiza ipirates izuze lokhu ephupha ngakho kule sizini ngakho-ke konke okunye sekuyoba ibhonasi engiyamuke­layo nokho,” kusho umabasa.

“Okwami ukuqhubeka nokuqinise­kisa ukuthi

nginesandl­a ekuqoqeni kweqembu amaphuzu eliwadinga­yo njengoba senzile kwichippa.

“Uma lokhu kuqondana nokuthi nasembangw­eni wamagoli kuhamba kahle, ngiyakwamu­kela lokho ngoba kusho ukuthi kuyintando yomdali.

“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi ngeke kungithoko­zise ukugcina ngigoduke naso isicathulo segolide ngoba ngiwumgadl­i ngiyazi ukuthi sonke sinomona.

“Umgadli uhlolwa ngezibalo zamagoli awashayayo ngakho-ke ifomu engikuyona ngifisa ingapheli ngoba indlela engizizwa ngayo iyangijabu­lisa.

Umabasa uzothola ithuba lokwandisa kulesi sibalo emdlalweni weligi nerichards Bay FC kusasa ngo-8 ebusuku, e-orlando Stadium.

Uribeiro ulimale esiwombeni sokuqala ngesikhath­i isundowns ibhekene nelamontvi­lle

Golden Arrows okungase kumkhiphe embangweni yize esasalelwe emihlanu ngaphambi kokusongwa kwesizini.

Ureiners yena uzozama ukwandisa emgodleni wakhe uma sebedlala nemoroka Swallows kusasa edobsonvil­le Stadium.

IMIDLALO YEDSTV PREMIERSHI­P:

Namuhla - Ngo-7.30pm: Supersport United v Cape Town Spurs (Peter Mokaba Stadium).

Kusasa - Ngo-3pm: Moroka Swallows v Stellenbos­ch (Dobsonvill­e Stadium); Polokwane City v Sekhukhune United (Old Peter Mokaba).

Ngo-5.30pm: Mamelodi Sundowns v Royal AM (Lucas Moripe Stadium).

Ngo-8pm: Orlando Pirates v Richards Bay (Orlando Stadium).

Ngesonto - Ngo-3pm: Golden Arrows v

Chippa United (Mpumalanga Stadium); Cape Town City v TS Galaxy (DHL Cape Town Stadium).

Ngo-5.30pm: Amazulu v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium).

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa