Iningi libishe ezikweletini emzansi
UCWANINGO lwakamuva lwenkampani esiza abacwile ezikweletini luveza ukuthi abantu bakuleli basala bengenalutho emuva kokuhola ngenxa yemalimboleko enyuka umlibe.
Lolu cwaningo olwenziwe yidebt Busters luveza ukuthi imali eningi yabantu ikhokhela amabhondi ezindlu, izimoto, imali ebolekwayo nokunye.
Isikhulu sedebt Busters, umnuz Banay Sager, sithe babheke abantu abahola kahle, ababizwa nge-middle class.
“Sithole ukuthi amaholo abantu labo okuthiwa bahola kahle aqedwa wukukhokhela izindlu. Isibonelo nje, umuntu onebhondi kar1.5 million usekhokha ur4 000 owengeziwe emalini akade eyikhokha nyangazonke. Uma umuntu kade ekhokha ur10 000 kwibhondi yomuzi wakhe kusho ukuthi manje usekhokha ur14 000 ngenxa yokunyuka njalo kwemalimboleko. Akusiwona kuphela amabhondi aqeda imali kodwa nenye imali ebolekwayo, ama-credit card nokukhokhela izimoto,” kusho usager.
Uthe indlela abantu abasindwa ngayo sebeza kubona ukuzofuna usizo lokukhokhela izikweletu.
“Into enhle wukuthi abantu abalindi ukuthi badlelwe imizi kodwa beza kuthina bazocela usizo lokuthi sibahlelele kahle izikweletu. Lokhu kusho ukuthi siyakwazi ukubalekelela ukuthi bakwazi ukukhokha imali encanyana ukuze bakwazi ukuphila ngoba imalimboleko ibaklinyile,” kusho usager.
Akusibona kuphela abahola kahle abathwele kanzima kodwa nalabo abahola kancane nabathembele kwizibonelelo zikahulumeni bayakhala.
Abantu abaningi bakhala ngokubiza kwegilosa njengoba ucwaningo lwepietermaritzburg
Economic Justice & Dignity Group luveza ukuthi isibiza ur5 336.31 igilosa yomndeni omkhulu.
Akuyona kuphela igilosa ebizayo kodwa ugesi nawo usuyabiza. Abantu bathi uma bethenge ikhadi likar100 sebethola ama-unit awu-36.5 kuphela kudala lesi sibalo besiphindwa kabili.
Bayakhala nangezinye izindleko zikamasipala njengoba nazo zinyuka kanye ngonyaka.
Okwamanje azikho izinkomba zokuthi imali-mboleko nokudla kuzokwehla, izazi zomnotho zicele abantu ukuthi baqhubeke nokubopha izifociya.