Ezobulungiswa azingaxovwa nezepolitiki isidingo singekho
EZWENI elikhululeke njengeningizimu Afrika kuyisikompilo ukuthi kube nenkulumompikiswano nganoma yini esematheni. Nokuchuma kwezinkundla zokuxhumana kwenze lokhu kwayisijwayezi. Sekulula ukuvela kwemibono engayi nganxanye kuphikiswane kushunqe uthuli.
Kodwa-ke inkinga evamile wukuthi kugcine sekunesijabane sokuhlanganiswa kwezinto okungamele zilunjaniswe njengepolitiki nomthetho. Kulula kubantu ukuthi kuthi kukhulunywa ngomthetho bona bagxishe ipolitiki futhi bayifake igamanxe.
Siyavuma, kuhle ukuphonselwa inselelo kwezinqumo zezinkantolo ngoba yikho kunezinkundla zokudluliswa kwamacala.
Nasodabeni lowangumengameli umnuz Jacob Zuma lokuchithwa kwakhe ukuthi aye ephalamende ngethikithi lomkhonto wesizwe emva kokhetho, kuboshelwa isijabane sepolitiki nomthetho. Kunzima ukukhalima abepolitiki ukuthi ayingafakwa kwezomthetho, ngoba nayo iyingxenye yempilo. Kepha kumele kuhlale kugqugquzelwa ukuthi ukuhunyushwa komthetho akuyekelwe kongoti bakhona.
Ukuchithwa kukazuma kwenziwe ngokuhunyushwa komthetho, hhayi ipolitiki.
Uma kukhona abafuna ukuphikisa isinqumo senkantolo abenze lokho ngokulandela imithetho. Yize kuyinto engavamile, kepha inkantolo yezomthethosisekelo ivule izandla yathi isinqumo singaphonselwa inselelo kuyo.
Bekuvele kulindelekile ukuthi isinqumo esithathiwe kube khona esibakitazayo nesibadumazayo. Ekugcineni akufanele sithathwe ngokuthi sikhishwe ngoba kuwuzuma, kepha asibukwe ngokuthi wonke umuntu uyalingana phambi kweso lomthetho. Ngakho akulindelekile ukuthi kugcine sekukhulunywa izinto ezingabuyisela izwe emuva.