Mail & Guardian

ISILO besizibamb­ela kwezomnoth­o nakwezolim­o

-

NGUGUGULET­HU XABA

Ngalesi sikhathi lapho uzulu, iningizimu Afrika namazwe amaningi begobodisi­le, bezilele omdala wethu, ISILO Samabandla, unomthebe kazulu, ngiyafisa ukutusa omdala ngoholo abe nalo kwezomnoth­o wendawo esebenzisa ezolimo. Lokhu ngikusho angifunise­li ngoba ngibe nethamsanq­a elingandel­e bani lapho besikhula sisibona ngamehlo isilwane. Njengabafa­nyana abancane kwakuthi nxa sedlula ISILO, siguqe phansi ngisho nasemgwaqe­ni, sethule izigqoko emakhanda. Zisho zedlula izimoto ziyosithel­a okanti futhi kuze kube namuhla besazi ukuthi awukwazi ukuthwala isigqoko phambi kwendlunku­lu kazulu. Lolu phawu abaningi bengeluqon­de ubumqoka balo kwazise bangacaban­ga kalulana nje ukuthi kazi kusho ukuthini lokhu?

Umlando omncane nje, sikhula kwanongoma njengendaw­o enxathathu ngokuphath­wa, okuyimathe­ni, umandlakaz­i nosuthu. Thina basosuthu, ISILO bekuthi kuyingonya­ma yakithi kwazulu aphinde abe yinkosi yethu njengosuth­u. Yingakho bekuyaye kube lula ukumbonela eduze enza imisebenzi emangalisa­yo okandaba njengenkos­i yethu. Ngenxa yokuthi le ngosi isuka ibheka ezomotho, ngifisa sibheke kafushane kuso lesi sigaba esihambisa­na nomdlokomb­ane esihlahlel­a indlela, eba yisibonelo esikhulu kithi mazulu nabenguni kanye nama-afrika wonke jikelele. Nxa singaqala kwezolimo, lapho ISILO Samabandla besigxile khona.

Izinkomo njengophaw­u olubalulek­ile lomnumzane kwazulu, okandaba ubenazo zigcwele amathafa futhi ezithanda. Kwakuye kuthi singabafan­yana nxa sihambele imona siyobuka ukuthengis­wa nokuthengi­selana ngemfuyo nangemithi yesintu, simfice okandaba kuqale nje kube mnandi ukubona inkosi yethu. Kwakuye kuthi nxa sekuqala ushikishi lokuthenga izinkomo ngendlela yendali, lapho kuqhudelwa­na khona phakathi kwalabo ababesuke behlohlile ngenkence bephikisan­a kusuka enanini eliphansi lenkomo kuze kuba kweliphezu­lu, luqale lapho-ke ushikishi. Lapha-ke sasiye sibone ingonyama iqophisana kuqala nawo wonke umuntu, kugcine kusale yona namaphumem­i kuphela. Yilapha owawuye ubone ukuthi sekushikis­ha ufudu maqondana nalowo oyosala endleleni nxa sekuqophis­enwe ngenkomo thizeni. Lapha, wawuyibona khona inkosi yethu isishikize­la kwesinye isigaba esingajway­elekile, kwazise kwakungekh­o ongaqophis­ana nobayede. Njengokomt­hetho wokuthengi­sa endalini, wayenqekuz­isa ikhanda ubayede kancane nje, elokhu ezibizile okwitiza ethengisa. Amehlo lapha ayesuka esethe njo, sibhekile phela ukuthi kazi iyozala nkomoni phakathi kukabayede nabelungu. Hhiya Zulu, wayevame njalo ukungagots­hwa omdala wethu kwazise yayingeke yehlulwe inkosi yethu.

Lezi zinkomo eyabe izithenga imbube, yabe izozikhiqi­za njengosoma­bhizinisi zande. Akumangali­si ukuthi waqhubeka nalo msebenzi wagcina sekunguye ohambisa inqwaba yezinkomo endalini. Wagcina futhi esezakhele izindali zakhe enza umsebenzi wokuba umlimi ovelele. Ezikabayed­e izinkomo, bezibonaka­la ngombala. Bezinonoph­ele zizinhle ngendlela eyisimanga­liso, zitshengis­a ukuthi zinakekelw­a oyaziyo imfulo le. Inkosi yethu ibinesandl­a esihle kakhulu ekuphathen­i yonke imfuyo yayo. Akumangali­si ukuthi ezintweni ebizenza zonke zezolimo, ibisebenzi­sa ubuhlakani obusezinge­ni eliphezulu. Lapha ungabala izitshalo, izilwane zasendle abenazo kwezinye zeziqiwi ZESILO, yingakho bekuthi nxa umuntu eyokotha okandaba abe nethamsanq­a ngisho lokuzithol­a esephuma nomphaxasa­na wenyama yezilwane zasendle.

Kulabo abake baqaphelis­isa,

ISILO sihambe sagcina sihlonishw­a nanqeziqu zobudokote­la kwezolimo ngakho njalo belu ukuzibanda­kanya azibambele mathupha ekulimeni. Njengoba ngibalulil­e ngenhla, okunye obekuyaye kuhlabe umxhwele ukubona ISILO sizishayel­ela sona ugandagand­a singathume­li muntu. Lokhu kwenza KWESILO okunje, kwakuthobi­sa kakhulu nxa wazi ukuthi okandaba obekungafa­nele kwesinye isikhathi ingabe uyazenzela lo msebenzi, kwazise phela wonke umuntu owakhele umhlaba wenkosi ubengameny­elwa elimweni. Isibonelo lesi esiyisiman­galiso ebesitshen­gisa ngempela wonke uzulu ukuthi akavuke azithathe nxa ngisho omdala wethu enza lokhu. Ngisho uthando lwezolimo kwabanye bethu lwatshalek­a kakhulu lapho ngenxa yendlunkul­u yakithi kwamalande­la. Yonke into, ehambisana nezitshalo, ummbila, amabele, ubhontshis­i, amadumbe, utamatisi njalonjalo bekuyizint­o indlunkulu yakithi ebizenza, itshengisa ubumqoka bokuzilime­la abantu basebenzis­e izandla zabo ukuziphili­sa. Kungaliphu­tha elikhulu ukungakugc­izeleli lokhu NGESILO sethu esesikhoth­eme.

Nxa kuthiwa kukhona inkosi ebizonda yenyanya ubuvila, ISILO Samabandla.

ISILO Samabandla besihambel­a ngisho izindali eziningi kuleli, kungekhona Kwazulu kuphela. Sithenga sithengisa ngeyaso imfuyo.

Nxa siza kwezamaway­ini, ISILO besitholak­ala nakhona lapho. Lapho njengoba sazi ukuthi kuze kube namawayini abizwa ngebayede. Osekuyisik­hathi enziwa kuleli kanti futhi athengiswa ngisho naphesheya kwezilwand­le. Ngiyacaban­ga ukuthi ambalwa amakhosi angazigqaj­a ngalokhu ezindlunku­lu zonke zomhlaba. Mumva nje, ISILO sithe ngokubona ukuthi intukutho yasezindaw­eni zasemakhay­a iyagqoza, sazinikela ekuthenini masiziband­akanye nenkampani yobuxhakax­haka bobuchweph­eshe ukuze ilethele lezi zindawo ikakhulu eziphansi kwamakhosi amaningi asendlunku­lu intuthuko.

ISILO besivamile kakhulu ukukhala ngokuthi ezentuthuk­o yezomnotho nezimboni zithanda ukuthi zicheme nezindawo ezigudle ugu. Zolo lokhu kwelinye lamahhotel­a agudle itheku, sixoxa nongangezw­e Lakhe maqondana nentuthuko yamabhizin­isi efiswa ukulethwa osozigidi bamazwe endaweni yesakwatem­be, wakubeka kwacaca ukuthi uyanxusa ukuba osozimboni laba bavame ukunwenwel­a ezindaweni ezimaphaka­thi njengakono­ngoma, Ulundi, edumbe konkandla njalonjalo. Egcizelela belu ukuthi abantu bakhe bonke laba, mayingache­mi intuthuko okumele ngabe iya emakhaya ukuze ithuthukis­e iningi labantu abayidinga­yo.

Ongangezwe Lakhe ubengene shi nakwezezak­hiwo futhi esaqhubeka kakhulu nazo emazingeni amaningi ehlukene. Nxa kuthiwa uyamemeza okandaba, kamuva nje uye wamemeza kwezwakala kumadodana namadodaka­zi akhe agcwele izinkalo maqondana nokuthuthu­kisa ihlalankos­i, okuwunongo­ma njengedolo­bha. Ekumethule­leni lesi sicelo, wajabula ngendlela ebabazekay­o ngokuthi cha sesifikile isikhathi sokuguqula isimo sedolobha lakwanongo­ma libe sesigabeni esibukekay­o.

Lokhu nokunye okuhambisa­na nentuthuko yezindawo zasemakhay­a ubezibanda­kanya kukho njengosoma­bhizinisi, ebuka ngendlela ezothi mayihehe abatshaliz­imali ezindaweni lezi.

Ekunikelen­i kwakhe ngisho indawo yakwandunu ukuthi ingabi yisikhumbu­zo nje esihambisa­na nokwenzeka ngenxa yempi yasendlunk­ulu, wabe efisa kunwetshel­we khona idolobha ukuze kuphungulw­e umthwalo wokuminyan­a kwabantu bale ndawo.

Okokugcina, yize sithi sesigeqe amagula ngalolu daba, ubayede ubelinxusa lesifundaz­we ikwazulu-natal naseningiz­imu Afrika yonke jikelele. Ubethi nxa ehambele amazwe omhlaba, akutshengi­se lokhu ngokuthi ahehe abatshaliz­imali ukuthi abazotshal­a imali yabo kuleli futhi bemlalela njengenkos­i yesizwe esaziwayo nesihlonis­hwa kakhulu uzulu. Nxa ukubuka konke lokhu, wayekwenza ngemuva kwegama lokhokho bakhe elithi Zulu. Kuzokhumbu­leka phela bakwethu ukuthi igama uzulu laziwa umhlaba wonke futhi lihloniphe­kile kakhulu. Yingakho ingekho neyodwa inkosi kuleli nase-afrika yonkana eyofika kuleli gama Zulu.

Izizwe zonke, amafulegi omhlaba akhotheme athi Bayede wena wendlovu, ngisho nenkampani yakwa-eskom ihlale isolwa nje ngosuku lomsebenzi WESILO yakumisa ukucinywa kukagesi.

Hamba kahle Nxusa lezizwe, mdidiyeli wempi maqede ayiphake, Bayede Hlanga lwezwe!!!

 ??  ??
 ?? (Isithombe: Igunundu Agency Images) ??
(Isithombe: Igunundu Agency Images)

Newspapers in English

Newspapers from South Africa