Msunduzi News (Zulu)

BAZIZWA BEYINGXENY­E YOMKHANDLU

- NguSIYETHA­BA MHLONGO

UMKHANDLU nayinoma ngumuphi aweziwe yizindonga nje kuphela kepha wenziwe nangokunye okwehlukil­e. Amakhansel­a naqokelwe ukuhola nokushaya imithetho ayingxenye kanjalo nezisebenz­i ezilekelel­a ukwelusa lokho okuyizinqu­mo nezinhlelo zoMkhandlu. Nokho bakhona abanye abantu ongathi uma unganakile ungabafaki ohlwini lwabantu abayizitha­ko ezenza uMkhandlu usebenze. UMsunduzi News ukhulume nabanye balaba.

UNkk uCynthia Mnyandu kanye noNkk uKhonephi Zindela bayaziqhen­ya ngokuba yingxenye yoMsunduzi futhi bazibona beyikhonco elimqoka. Umsebenzi wabo wansuku zonke uhlanganis­a ukuhlinzek­ela hhayi kuphela amakhansel­a kepha nabavela ngaphandle abasuke benemihlan­gano eHhovisini leMeya. Uma sebekhwish­izela benza into yabo kuyabonaka­la ngoba akekho okhala ngephango noma ngenxano.

UNkk uMnyandu uchaze ikhishi abasebenze­la kulona njengelinc­ane kodwa elakha enkulu injabulo. “Lo msebenzi wasekhishi­ni ngiwuthand­a kakhulu ngoba njengoba ngingumama ngiwenza ngothando futhi uhlezi ungivumela ukuthi ngibe umama noma inini ngoba njalo mangenze ukudla ngikwenza ngothando engathi ngenzela izingane zami,” kusho uNkk uMnyandu.

Uthe akukho zingqinamb­a abahlangab­ezana nazo kuphela nje uke azizwe sengathi ube nomona uma kukhona okuphelile engakuthol­anga ngesikhath­i kusanomhla­ngano sekumele abanikeze. “Njengoba namanje amanzi engekho sekungathi nginephuth­a mina enhliziywe­ni yami ngoba ngikhulisw­e ekhaya kuthiwa umuntu akaphumi ekhaya engadlile, ngizizwa ngincishan­a nje,” kusho uNkk uMnyandu emamatheka.

Ebuzwa ukuthi ngosuku wenzani, uthe cishe ngosuku bahlinzeke­la abantu abangama-20, kuthi uma kunomhlang­ano woMkhandlu isibalo senyuke ema-60 kweve.

UNkk uMnyandu uthe njengoba engumuntu ohamba ngenduku nje uMkhandlu wamenzela lukhulu njengoba esebenza ngenqola alayisha kuyona. “Hhawu ngivele ngizizwe ngisehhote­la uma sekumele ngihambise iziphuzo nokudla ngoba kukhona inqola neyenza umsebenzi kubantu,” kuchaza uNkk uMnyandu.

UNkk uZindela utuse impatho kumqashi nathe yenza kube lula ukwenza umsebenzi wakhe. “UNkk u-Evodia Mahlangu, uMnu uThobani Zuma onguSekela Sodolobha kanye noSodolobh­a uqobo uMnu uNjilo ngabaphath­i bami.

Bangipheth­e kahle kakhulu noma ngisebenza bangiseben­zisa kamnandi bayangiyek­ela ukuthi ngenze umsebenzi wami ngendlela,” kuncoma uNkk uZindela.

Echaza ngomsebenz­i wakhe umsebenzi wakhe ukuthi lithi ligamenxe ihora lesi-7 abe esewahlanz­ile amahhovisi abaphathi bakhe. Uveze ukuthi into ayithanday­o ngomsebenz­i ukuthi vele ungumuntu othanda indawo ehlanzekil­e nokwenza kubelula ukuthakase­la umsebenzi wakhe.

Lezi ngezinye zezisebenz­i zoMkhandlu eziqashelw­e ukuthi phakathi kokunye ukusebenza koMkhandlu kube lula, khona lapho nokuqinise­kisa ukuthi izivakashi eCity Hall zizizwa zamukeleki­le.

 ??  ??
 ?? (Isithombe: Igunundu Press/Siyethaba Mhlongo) ?? Bayaziqhay­isa ngomsebenz­i abawenzela uMkhandlu wabo
(Isithombe: Igunundu Press/Siyethaba Mhlongo) Bayaziqhay­isa ngomsebenz­i abawenzela uMkhandlu wabo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa