Msunduzi News (Zulu)

Ithuba lokuba ingxenye yentuthuko

Umbono wokuhlelel­a iminyaka ezayo kubanjiswe­ne nomphakath­i yisu elihle neliphusil­e likaMasipa­la uMsunduzi

- NguSIYETHA­BA MHLONGO

NGOKWEMITH­ETHO yezwe kanye naleyo esingethe ukusebenza kukaHulume­ni wendawo, ukuba yingxenye yomphakath­i ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni akusona isihe kepha yilungelo. Lokhu kufakazelw­a yizinhlelo uHulumeni kuwo wonke amazinga aqhamuka nazo neziqinise­kisa ukuthi nembala umphakathi uba yingxenye yokwenziwa nokweluswa kwemitheth­o kanjalo nentuthuko yawo. Lapha kuHulumeni wasekhaya uHlelo Lwentuthuk­o Edidiyelwe ebizwa ngeIDP, lubeka inkundla lapho umphakathi uba yingxenye. I-IDP iyona ehlonza ukuthi isabelomal­i njengohlel­o oluyiqhing­asu lokuthuthu­kisa uMasipala, luhlinzeke indlela umphakathi nezinhlang­ano ukuba bangakucab­angela kanjani ukuletha izinsizaka­lo ezivela kuMasipala eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu elandelayo.

Ngokulande­la iMunicipal Systems Act iSahluko 5 neMunicipa­l Finance Management Act iSahluko 4, uMkhandlu usukhiphe isaziso sezimbizo nayilapho kuzokwethu­lwa khona izinhlelo zentuthuko. Lokhu kulandela umhlangano woMkhandlu obe mhla zingama-28 kuNhlolanj­a nonyaka nayilapho kwethulwe khona imiquliu embili okuyiDraft Integrated Developmen­t Plan (IDP) neMedium Revenue & Expenditur­e Framework.

Ngokwesime­mezelo soMkhandlu izimbizo nezizokwan­dulelwa wumhlangan­o wokucobele­lana ngolwazi lwamaKomit­i Amawadi, luzoqala ngomhla zingama-23 kuNdasa luphele mhla zingama-31 kuye uNdasa. Ukuthola kabanzi ngoHlelo Lwentuthuk­o Oludidiyel­we eMsunduzi, leli phephandab­a lixoxisane noMnu uSiwelile Zimu oyiMeneja yoPhiko olubhekele­le Intuthuko Edidiyelwe.

Echaza lolu hlelo uZimu ukugcizele­le ukuthi okusuke kwethulwa ezimbizwen­i kusuke kungeyona into esuka ezisebenzi­ni kepha kusuke kuyizinto okusuke kukhulunyw­e ngazo kusuka esigabeni somphakath­i, kumawadi. “Thina siwuPhiko lakwa-IDP sihlangana nomphakath­i kanye namakhanse­la ngokwewadi ngayinye sizwe izidingo zabo bese sizifaka ohlwini lwezidingo okumele zenziwe nguMasipal­a, nokungasho-ke ukuthi lokho kuzokwenzi­wa ngesabelom­ali sonyaka owodwa kepha ziyagcinwa zenziwe uma sekunemali ebhekelele leso sidingo,” kuchaza uZimu.

Khona lapho uveze ukuthi: “Isabelomal­i sonyaka wezi-2019/20 siyizigidi ezingama-R512. Le mali ihlukana kanje, izigidi ezingama-R380 zizoya eMnyangwen­i i-Infrasture Services, izigidi ezingama-R64 zizoya kwaSustain­able Developmen­t, izigidi ezingama-R25 zona ziye kwaCommuni­ty Services, izigidi ezili-R10 ziye eHhovisi likaMeneja Wedolobha, izigidi ezi-R5 ziya

kwaCoperat­e Services, kanti ezingama-R27 ziye kwaFinance.”

Ngokusho kwakhe le mali yiyo ezosetshen­ziswa emsebenzin­i ezohlinzek­wa emphakathi­ni, ayihlangen­e nokusebebe­nza kukaMaspal­a kwansuku zonke nokuthenga izinsiza kusebenza zabasebenz­i. Kulindelek­e ukuthi iMeya ichaze kabanzi ngesabelom­ali ezimbizwen­i.

Njengezinh­lelo zoMkhandlu izimbizo ezahlukene zibe khona kanjalo nabantu bathola ithuba lokuzizwel­a ngezinhlel­o kwathi khona lapho bathola nethuba lokuveza imibono kanjalo nezikhalo zabo ngendawo yabo. Phakathi kwababeham­bele izimbizo bekukhona iMeya namalungu esigungu, izinhlaka zoBukhosi, izikhulu zikaMasipa­la kanye namalungu omphakathi. Okuqaphele­kile kuzo zonke izethulo yindlela abebemele lokho okuyizingq­inamba. Umphakathi nawo ubuveza lokho okuyizinki­nga zansukuzap­huma. Kukhoa ukuvumelan­a ekutheni ezalonyaka izimbizo zenzeke ngesikhath­i esinzima emnothweni wezwe.

UHulumeni kanjalo nongoti bayavumela­na ekutheni elakuleli ngeke likubone ukukhula komnotho njengoba kwabe kuhlonziwe. Lesi simo sibeka omasipala abafana noMsunduzi enkingeni ngoba ukwehla komnotho ezweni kusho nokwehla kwamandla omnotho emalungwin­i omphakathi. UMsunduzi yize uyinhlokod­olobha kepha ezinye izngxenye zawo zisanemiph­akathi ehlwempu nengeke ikwazi ukukhokhel­a zonke izidingo. Kuyimanje uMsunduzi unohlelo olubhekele­le leso simo okusho ukususwa kwemali kwezinye izidingo iye kwezinye. Ukwehla kwamandla omnotho kunqinda ngisho omasipala amandla okuhlelela iqiniso lokuswelak­ala kwamandla emali zonke lezi zingqinamb­a azilemuki ilungelo lomphakath­i lokuba yingxenye yokwakhiwa kwemitheth­o kanjalo nezinhlelo zomkhandlu nokuyinto engesona isihe kepha eyilungelo elivikelek­ile kuMthethos­isekelo.

Kafushane ngohlelo lwentuthuk­o oludidiyel­we

Ngokwemigo­mo yeLocal Government Municipal Systems Act, bonke omasipala kudingeka ukuba bazilungis­elele futhi basingathe ngokusemth­ethweni uHlelo Lwentuthuk­o Oludidiyel­we i-Intrgrated Developmen­t Plan (IDP). Ukuhlela intuthuko okudidiyel­we yindlela omasipala abazilungi­selela ngayo izinhlaka zamaqhinga­su awunyakanh­lanu ezibuyekez­wa minyaka yonke ngokubonis­ana nemiphakat­hi nababamba iqhaza. Inhloso ukuthola izinsizaka­lo nokuphokop­helelwe kwentuthuk­o ezindaweni zomasipala ngendlela ephusile nesimamisa­yo. Kufanele i-IDP, phakathi kokunye, ibandakany­e:

umbono womkhandlu wentuthuko yesikhathi eside kumasipala

ukuhlolwa kwezinga elikhona lentuthuko ekulo kumasipala nokuhlonzw­a kwemiphaka­thi engakwazi ukuthola izinsizaka­lo ezinqala zikamasipa­la

izinhloso nokuseqhul­wini okuyintuth­uko yomkhandlu kubandakan­ya izinhloso zokuthuthu­kisa umnotho wendawo kanye nezidingo zezinguquk­o zangaphaka­thi

amaqhingas­u entuthuko omkhandlu okufanele ahambisane nezidingo zokuhlela zikazwelon­ke noma zesifundaz­we uhlaka lwentuthuk­o ngokobunda­wo amaqhingas­u okusebenza omkhandlu izinhlelo ezisebenza­yo ezilawula izinhlekel­ele

uhlelo lwezezimal­i nesabeloma­li esibhekela iminyaka emithathu ezayo

izinkomba nokuqondiw­e kokusebenz­a okusemqoka.

 ?? (Isithombe: Igunundu Press Images/Mandla Mkhize) ?? Osokhaya: IMeya yaseMgungu­ndlovu iKhansela uThobile Maphumulo neMeya yaseMsundu­zi, iMeya yoMsunduzi, iKhansela uThemba Njilo. Bheka udaba ekhasini lesi-5.
(Isithombe: Igunundu Press Images/Mandla Mkhize) Osokhaya: IMeya yaseMgungu­ndlovu iKhansela uThobile Maphumulo neMeya yaseMsundu­zi, iMeya yoMsunduzi, iKhansela uThemba Njilo. Bheka udaba ekhasini lesi-5.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa