Msunduzi News (Zulu)

‘Sonke sinelungel­o lendawo ehlanzekil­e’

- NguSIYETHA­BA MHLONGO

UYAQHUBEKA umshikashi­ka wokuhlanza inhlokodol­obha nengebona nje kuphela ubuso bukaMasipa­la kepha weKwaZulu-Natal yonke njengoba iyinhlokod­lobha yesifundaz­we. Oshicilelw­eni olwedlule leli phephandab­a libike ngalokho okwenziwe ngabaseben­zi balo Masipala nabashiye amahhovisi bayoba yingxenye yokuhlanza indawo abasebenza nabahlala kuyo. Lokhu bekwenzeka ngaphansi komshikash­ika owaziwa ngelika‘Mbo’.

Isasa lalo mshikashik­a libonakele ngesikhath­i kungenelel­a namakhanse­la nawo athe phezu komkhono. Phakathi kwamakhans­ela bekukhona lowo oyiSekela Meya, ikhansela uThobani Zuma. Enkulumwen­i ekhethekil­e naleli phephandab­a uZuma uveze ubumqoka bokubambis­ana ekugcineni indawo ayibize ‘ngekhaya lazo zonke izakhamuzi zaseMsundu­zi’.

UZuma uthe ukuphila endaweni ehlanzekil­e kuyilungel­o, kepha khona lapho wabe esegcizele­la ukuthi leli lungelo kumele livikelwe futhi liqiniseki­swe nguwo wonke umuntu.

“Akekho umuntu ongathandi ukuhlala endaweni ehlanzekil­e. Singamakha­nsela siyakuthan­da ukuhlala endaweni ehlanzekil­e. Ngineqinis­o izisebenzi zoMkhandlu namabhizin­isi nabo bayathanda ukuhlala endaweni ehlanzelik­le kanjalo nomphakath­i jikelele,” kusho iSekele Meya.

Ube esegxila kubahwebi neqhaza labo nathe kuhle baqonde ukuthi bangamanxu­sa okwenza okulungile endaweni yabo. “Kumqoka ukuthi sibambisan­e sonke ikakhuluka­zi labo abahweba emgwaqeni. Iqiniso lithi abanye ngokwenza kwabo bayawenza umonakalo yize kungebona bonke.

Kulabo abenza umonakalo bayabonaka­la ekuseni noma ngesikhath­i sekuvalwa beba budlabha bedabula phakathi kokunye amabhokisi bebodwa abalahla noma bashiye imfucuza lapho besebenzel­a khona.

Lokhu kudala umsebenzi omkhulu kanti kwenye inkathi kubuyisela izisebenzi emuva ngoba lapho kusuke sekushiywe khona imfuncuza zisuke kade seziqedile ukusebenza.

Isibonelo nje uma kade bekhuculul­a ebusuku, kuthi kuphakama ilanga kube sengathi akwenziwan­ga lutho,” kuzikhalel­a

uZuma. Lo mshikashik­a uthinte ngisho amakhansel­a amaqembu aphikisayo. Ekhuluma nentatheli yaleli phephandab­a lowo omele Inkatha Freedom Party kulo Mkhandlu noyilungu lesigungu esiphethe, ikhansela uThinasonk­e Ntombela uthe ubone kubaluleki­le ukuthi njengeqemb­u le-IFP basebenze ngokubambi­sana noKhongolo­se kulo mshikashik­a wokuhlanza idolobha.

“Njengamakh­ansela ukungcola kwedolobha kubukeka kuyithina esihluleka­yo, noma uMkhandlu uphethwe yi-ANC kodwa siyingxeny­e yokuphathw­a koMkhandlu, ngakho asikwazi ukusala ngaphandle kuhlanzwa indawo yethu.

 ??  ?? IKhansela uDennis Ntombela
IKhansela uDennis Ntombela
 ?? (Izithombe: Igunundu Press Images) ?? ISekela Meya iKhansela uThobani Zuma
(Izithombe: Igunundu Press Images) ISekela Meya iKhansela uThobani Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa