Msunduzi News (Zulu)

Izinhlelo zokuqinisa umsebenzi weCall Centre

- NguSIYETHA­BA MHLONGO

EMUVA kweziqubu lapho kunezikhal­o emphakathi­ni mayelana nohlelo lweCall Centre nolwamukel­a izikhalo kanye nemibuzo yomphakath­i uMkhandlu usuqhamuke nendlela entsha yokusebenz­a. Lokhu kuvele emhlangamw­eni wesigungu obubanjwe mhla ……

Loyo obambe njengeMene­ja kaMasipala­la, uNkk uNelisiwe Ngcobo uvumile ukuthi kuke kwanokuxhu­ga nathe kudalwa yizimo ezahlukene. Nokho uqinise amakhansel­a idolo ekutheni selikhona ikhambi. Uveze ukuthi kuhlelwe nendlela yokuqopha izincingo ukuze kube lula ukulandele­la. Ithimba lakhe limesekile kulesi sethulo sakhe.

Omunye obeyingxen­ye yethimba lezisebenz­i ebezenza isethulo bekunguNkk uMadeleine Jackson noyiMeneja eHhovisini leMeneja kaMasipala nochazele umhlangano ukuthi okwamanje uhlelo olukhona lwezincing­o alukwazi ukwenza umuntu alinde kusakhulun­ywa nomunye. Ukugcizele­le ukuthi esinye sezixazulu­lo wukuba nohlelo oluzokwazi ukuthi lwazise umuntu oshaya ucingo ukuthi ungunombol­o bani, luphinde lwaziswe nesikhathi umuntu azosilinda ngaphambi kokuthi asizakale, ngoba njengamanj­e kwenza amakhasime­nde azizwe sengathi awanakiwe.

“Esikuzamay­o manje wubuchweph­eshe obusebenza ezindaweni ezifana nakwaSouth African Revenue Services, nobukwazi ukwazisa umuntu ukuthi uzolinda isikhathi esingakani ukuze athole usizo,” kusho uNkk uJackson.

Khona lapho wazise amalungu esigungu ukuthi kunzima ukuqagula ukuthi lokhu kuzothatha isikhathi esingakana­ni ukuqala ngalolu hlelo lokuhlela kabusha iCall Centre kwazise lo nyakamali usuya ngasemaphe­thelweni.

Okunye akuvezile wukuthi baphezu kwezinhlel­o zokwandisa abasebenzi: “Njengamanj­e sinabasebe­nzi abahlanu ngeshift ngayinye, okwamanje siphezu kwezinhlel­o zokwengeza ngabathath­u babe yisi-8 ngeshift ngayinye ukuze umsebenzi uzokwazi ukwenzeka ngendlela,” kuphetha uNkk uJackson.

 ??  ?? Obambe njengeMene­ja yoMkhandlu uNkk uNelisiwe Ngcobo
Obambe njengeMene­ja yoMkhandlu uNkk uNelisiwe Ngcobo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa