Msunduzi News (Zulu)

Ukulungisw­a kwengqalas­izinda eyimigwaqo

- NguMANUNU MAPHUNGUBW­E

ONGOTI bayavumela­na ekutheni zimbili izinto ezingabalw­a njengezimq­oka entuthukwe­ni yomphakath­i. Eyokuqala wukuthuthu­ka kwamalungu alowo mphakathi ngalinye. Kanti okwesibili wukuthuthu­kisa ingqalasiz­inda ehlinzekel­we ukusiza umphakathi. Njengohlel­o lwentuthuk­o kaMasipala uMsunduzi lokhu kokubili kuseqhulwi­ni.

IMeya kaMasipala, uMnu uThemba Njilo, ikhuluma esithangam­ini sabezindab­a ebesingeny­anga eyedlule ivumile ukuthi yize uMkhandlu unezinhlel­o zawo ekuthuthuk­iseni ingqalasiz­inda, zikhona ezinye izidingo eziqhamuka ngokuphuth­umayo nokumele zibhekelwe. Yenza isibonelo ngesikhalo sakamuva esiphume kuWadi 18 nayilapho umphakathi ubukhala ngemigodig­odi endaweni. Khona lapho uNjilo usishayele ihlombe isenzo senkampani iProfhalt eqokwe ukuthi ilungise imigodi emigwaqeni yaleli dolobha.

UNjilo uphawule wathi: “Kuyathokoz­isa ukuthi lapho kuthuthuki­swa khona ingqalasiz­inda bese khona lapho kuthuthuki­swe amakhono amalungu omphakathi. Lokhu akugcini lapho kepha kwakha nemisebenz­i njengoba sibona nje,” kusho uNjilo.

IMeneja yophiko iRoad and Transporta­tion, uMnu uBheki Sosibo ulandise uMsunduzi News ukuthi uphiko

lwakhe lwabelwe amarandi ayizigidi ezimbili nonyaka nobekuthiw­e ngayo akulungisw­e imigodi emigwaqeni kulo Masipala. Yize ethe lobu buchwabala­lana abanele ezinkingen­i ezibakhung­ethe kepha uthe bayothunga kuthungeke ngalokhu abanakho. “Inselelo ikhona njengoba ziningi izindawo ezidinga ukulungisw­a nokho siyathemba ukuthi njengoba le nkampani ezokwenza lo msebenzi izokwazi ukusebenza zonke izindawo ezibalulil­we nakhona yenze umsebenzi osezingeni,” kusho uSosibo.

Uveze ukuthi imali abayidinga­yo yizigidi ezingama-R20 ekutheni kuqedwe zonke izimbobo ngoba kwezinye kudingeka sethu ukuthi nangesabel­omali esizayo siphinde sithole imali esizokwazi ukuthi siyifake ekuchibeye­leni imigwaqo,” kulanda uSosibo.

Uqhube ngokuthi izindawo abazoqala ngazo yilezo abathole khona izikhalo eziningi nalezo abazaziyo futhi ukuthi zibucayi ngoba kukhona nezindawo eseziqhumi­se amasondo ezimoto eziningi. UMnu uGerrad Lawn wenkampani ezokwenza umsebenzi uveze ukuthi ubuchwephe­she obuzosetsh­enizswa lapha buzokwenzi­wa ngumshini i-Infrared.

Uqhube ngokuthi bazokwazi ukusheshis­a ukuvala izimbobo ngoba eMsunduzi bakhiphe izimoto ezine ezizobheka­na nezimbobo, kanti imoto ngayinye ithatha imizuzu eli-12 ukuqeda ukuphesha imbobo. Uthe imoto ngayinye idinga abasebenzi abayisi-6, kanti bazimisele ngokuqeqes­ha umphakathi khona uzokwazi ukwenza lo msebenzi baphinde bathole nesikhathi sokuxosha ikati eziko ngoba bazothatha abantu abakumawad­i abasebenza kuwo.

“Ngoba siyazi umsebenzi awulula amaWadi wona alethe abantu okumele sibafundis­e khona beyokwazi nokufuna umsebenzi ngomuso.

Uma sebenolwaz­i noma ngabe thina sesihambil­e njengoba kuzoba iminyaka emithathu balusebenz­ise engxenye,” kusho uMnu uLawn.

Uqhube ngokuthi kukhona abazobona ukuthi bangakwazi ukuba ngabaholi bamaqoqo abasebenza ngawo bese bayaqhubek­a nabo.

 ?? (Isithombe: Igunundu Press) ?? IKhansela uJabu Ngubo litshengis­a ngomsebenz­i
(Isithombe: Igunundu Press) IKhansela uJabu Ngubo litshengis­a ngomsebenz­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa