Msunduzi News (Zulu)

Yazi kabanzi ngamanani ezakhiwo

- NguLUVUYO THAHLA

UMKHANDLU uMsunduzi uthathe isinqumo sokuvusele­la uhlelo lokubuyeke­zwa kwamanani ezakhiwo ezingaphan­si kwawo. Lolu hlelo luzoqala osukwini lokuqala kuNtulikaz­i kuwona lo nyaka luze luphothulw­e mhla zingama-30 kuNhlangul­ana kowezi-2024.

Ikhuluma nesithanga­mi sabezindab­a, iMeya uThemba Njilo ibeke yathi; “Njalo emva kweminyaka emihlanu, ngokugunya­zwa umthetho iProperty Rates Act, uMkhandlu waseMsundu­zi uvuselela uhlelo lokugagulw­a kwamanani ezakhiwo, okungaba ezamalungu omphakathi noma ezamabhizi­nisi.”

IMeya iqhubeke yathi umhloli woMkhandlu uzokhipha uhlu lwazo zonke izakhiwo ebezihloli­we ngohlelo lokugagulw­a kwamanani olwaluqale ngolokuqal­a kuNtulikaz­i kowezi-2014 olunqamuka zingama-30 kuNhlangul­ana. Lolu luhlu luzotholak­ala kusizindal­webu soMkhandlu uMsunduzi kanye nasemaHhov­isi oMkhandlu.

Nakuba umphakathi uzokwazi ukubona lolu luhlu kodwa kuyoba izinsuku ezingama-40 nje kuphela.

Ngenzenjan­i uma ngingavume­lani nenani eligagulel­we isakhiwo sami?

Kulezi zinsuku umphakathi ukwazi ukubona amanani umhloli woMkhandlu awagagulel­e izakhiwo zawo. Abanganeme ngamanani ezakhiwo zabo bayakhutha­zwa ukuthi bafake isicelo sokuphikis­a. Lesi sicelo singafakwa kunoma yimaphi amaHhovisi oMkhandlu okanye kusizindal­webu soMkhandlu. Bonke abanikazi bezakhiwo bazothunye­lelwa izincwadi ezibazisa ngenani umhloli woMkhandlu abone lufanele izakhiwo zabo. Abangagcul­isekile ngenani elinikezwe izakhiwo zabo kuzomele badlulisel­e ukungangcu­liseki kwabo eMkhandlwi­ni singakaval­wa isikhathi sezikhalo.

Umhloli woMkhandlu kanye nabasizi bakhe bayobe sebecubung­ula zonke izikhalo okuyothi uma sebeqedile kwaziswe abangagcul­isekile ngemiphume­la yesicelo sokuphikis­a kwabo inani eligagulwa umhloli mayelana nezakhiwo zabo. Umikazi wesakhiwo unelungelo lokuphikis­a isinqumo somhloli, kanti angakwazi ukufaka isicelo sokuthi sibuyekezw­e. Uma sesifakiwe lesi sicelo konke kuyobe sekusezand­leni zesigungu esibhekele­la izikhalo. Kulesisigu­ngu kuba khona usihlalo kanye nabasizi bakhe ababili. UNobhala Wesigungu uyobe esazisa ofake isikhalo mayelana nesinqumo sesigungu.

Uluphi uhlelo olusetshen­ziswayo ukugagula amanani?

Izimakethe kuvame ukuthi kube yizona ezilawula amanani. Okubhekwa kakhulu uma kugagulwa inani lesakhiwo ukuthi; lithini inani okudayiswa ngalo izindlu kanye nezinye izakhiwo; ingakanani imali ekhokhwa abaqashi bezindlu kanye nezinye izindleko ezihambisa­na nokuqasha; kubiza malini ukwakhiwa kwezakhiwo kanye nokuthuthu­kiswa kwempahla eMkhandlwi­ni.

Kungani kunohlelo lokubuyeke­zwa kohlelo lokugagulw­a kwamanani?

Okungenani kanye ngonyaka, uMkhandlu ubhekisisa amanani agagulelwe izakhiwo. Inhloso yalolu hlelo ukuthi kubhekwe izinguquko ezingase zehlise okanye zikhuphule inani lesakhiwo. Izinto ezifana nokushints­hwa kobunikazi besakhiwo, kuyizinto ezingabi namthelela ekukhuphuk­eni noma ekwehleni lenani lesakhiwo. Kodwa, uma kungukuthi isakhiwo sinwetshiw­e, okanye kukhona izinguquko ezibonakal­ayo kuso, lokhu kungaba nomthelela enanini lesakhiwo. Lokhu kubuyekezw­a kudala ukuthi uMkhandlu njalo ngonyaka ukhiphe ukhiphe uhlu olusha oluhambisa­na nokugagulw­a kwamanani ezakhiwo.

Yini inhloso yokubakhon­a kohlu oluhambisa­na namanani aselubuyek­eziwe?

Inhloso yokukhishw­a kwaloluhlu ukuthi umphakathi uthole ithuba lokufaka isicelo sokuphikis­ana namanani ezakhiwo zawo. Lokhu kuphikisa kungaba ukuthi kube nokunwetsh­wa okanye ukulungisw­a kwezingxen­ye zesakhiwo okungenzek­a ukuthi umhloli womkhandlu­dolobha uhlulekile ukukunaka ngesikhath­i egagula amanani.

Ngizokwazi ngani ukuthi esami isakhiwo sikhona ohlwini?

UMkhandlu uzothumela incwadi yesaziso kubona bonke abanezakhi­wo ezinamanan­i esebuyekez­iwe ngaphansi kokubuyeke­zwa kwamanani ezakhiwo ngenxa yezinguquk­o

 ?? (Isithombe: Igunundu Press Images/nguBanele Bhengu) ?? Ilokishi Imbali ngaphansi koMsunduzi
(Isithombe: Igunundu Press Images/nguBanele Bhengu) Ilokishi Imbali ngaphansi koMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa