Yazi kabanzi ngamanani ezakhiwo
UMKHANDLU uMsunduzi uthathe isinqumo sokuvuselela uhlelo lokubuyekezwa kwamanani ezakhiwo ezingaphansi kwawo. Lolu hlelo luzoqala osukwini lokuqala kuNtulikazi kuwona lo nyaka luze luphothulwe mhla zingama-30 kuNhlangulana kowezi-2024.
Ikhuluma nesithangami sabezindaba, iMeya uThemba Njilo ibeke yathi; “Njalo emva kweminyaka emihlanu, ngokugunyazwa umthetho iProperty Rates Act, uMkhandlu waseMsunduzi uvuselela uhlelo lokugagulwa kwamanani ezakhiwo, okungaba ezamalungu omphakathi noma ezamabhizinisi.”
IMeya iqhubeke yathi umhloli woMkhandlu uzokhipha uhlu lwazo zonke izakhiwo ebezihloliwe ngohlelo lokugagulwa kwamanani olwaluqale ngolokuqala kuNtulikazi kowezi-2014 olunqamuka zingama-30 kuNhlangulana. Lolu luhlu luzotholakala kusizindalwebu soMkhandlu uMsunduzi kanye nasemaHhovisi oMkhandlu.
Nakuba umphakathi uzokwazi ukubona lolu luhlu kodwa kuyoba izinsuku ezingama-40 nje kuphela.
Ngenzenjani uma ngingavumelani nenani eligagulelwe isakhiwo sami?
Kulezi zinsuku umphakathi ukwazi ukubona amanani umhloli woMkhandlu awagagulele izakhiwo zawo. Abanganeme ngamanani ezakhiwo zabo bayakhuthazwa ukuthi bafake isicelo sokuphikisa. Lesi sicelo singafakwa kunoma yimaphi amaHhovisi oMkhandlu okanye kusizindalwebu soMkhandlu. Bonke abanikazi bezakhiwo bazothunyelelwa izincwadi ezibazisa ngenani umhloli woMkhandlu abone lufanele izakhiwo zabo. Abangagculisekile ngenani elinikezwe izakhiwo zabo kuzomele badlulisele ukungangculiseki kwabo eMkhandlwini singakavalwa isikhathi sezikhalo.
Umhloli woMkhandlu kanye nabasizi bakhe bayobe sebecubungula zonke izikhalo okuyothi uma sebeqedile kwaziswe abangagculisekile ngemiphumela yesicelo sokuphikisa kwabo inani eligagulwa umhloli mayelana nezakhiwo zabo. Umikazi wesakhiwo unelungelo lokuphikisa isinqumo somhloli, kanti angakwazi ukufaka isicelo sokuthi sibuyekezwe. Uma sesifakiwe lesi sicelo konke kuyobe sekusezandleni zesigungu esibhekelela izikhalo. Kulesisigungu kuba khona usihlalo kanye nabasizi bakhe ababili. UNobhala Wesigungu uyobe esazisa ofake isikhalo mayelana nesinqumo sesigungu.
Uluphi uhlelo olusetshenziswayo ukugagula amanani?
Izimakethe kuvame ukuthi kube yizona ezilawula amanani. Okubhekwa kakhulu uma kugagulwa inani lesakhiwo ukuthi; lithini inani okudayiswa ngalo izindlu kanye nezinye izakhiwo; ingakanani imali ekhokhwa abaqashi bezindlu kanye nezinye izindleko ezihambisana nokuqasha; kubiza malini ukwakhiwa kwezakhiwo kanye nokuthuthukiswa kwempahla eMkhandlwini.
Kungani kunohlelo lokubuyekezwa kohlelo lokugagulwa kwamanani?
Okungenani kanye ngonyaka, uMkhandlu ubhekisisa amanani agagulelwe izakhiwo. Inhloso yalolu hlelo ukuthi kubhekwe izinguquko ezingase zehlise okanye zikhuphule inani lesakhiwo. Izinto ezifana nokushintshwa kobunikazi besakhiwo, kuyizinto ezingabi namthelela ekukhuphukeni noma ekwehleni lenani lesakhiwo. Kodwa, uma kungukuthi isakhiwo sinwetshiwe, okanye kukhona izinguquko ezibonakalayo kuso, lokhu kungaba nomthelela enanini lesakhiwo. Lokhu kubuyekezwa kudala ukuthi uMkhandlu njalo ngonyaka ukhiphe ukhiphe uhlu olusha oluhambisana nokugagulwa kwamanani ezakhiwo.
Yini inhloso yokubakhona kohlu oluhambisana namanani aselubuyekeziwe?
Inhloso yokukhishwa kwaloluhlu ukuthi umphakathi uthole ithuba lokufaka isicelo sokuphikisana namanani ezakhiwo zawo. Lokhu kuphikisa kungaba ukuthi kube nokunwetshwa okanye ukulungiswa kwezingxenye zesakhiwo okungenzeka ukuthi umhloli womkhandludolobha uhlulekile ukukunaka ngesikhathi egagula amanani.
Ngizokwazi ngani ukuthi esami isakhiwo sikhona ohlwini?
UMkhandlu uzothumela incwadi yesaziso kubona bonke abanezakhiwo ezinamanani esebuyekeziwe ngaphansi kokubuyekezwa kwamanani ezakhiwo ngenxa yezinguquko