Msunduzi News (Zulu)

Ayewukela ngamanzi kuWadi 39

- NguSIYETHA­BA MHLONGO

KUBE yintokozo yodwa emphakathi­ni wakuWadi 39 ngohlelo lokufakelw­a amanzi ezindlini. Mhla ziyisi-9 kuNhlolanj­a ubuholi bukaMasipa­la buholwa yiMeya uNjilo neSekela lakhe ikhansela uZuma bebukule ndawo ukuyophend­ula isoyi. Kwabanye abaholi ababeyingx­enye yalo mcimbi bekukhona nezinhlaka zoBukhosi okuyizindu­na. Ibikhona induna uMbandlwa oyinduna yendawo eMbumbane, ikhona induna uMhlongo nebuye ibe yikhansela kuWadi 6, induna uDlamini eMkheshekw­eni ibikhona. Kayisalang­a ngaphandle nenduna uNtombela kwaZinqamu nebuye ibe yikhansela, ibikhona nenduna uNene.

Kulolu hlelo kuzohlomul­a lezi zindawo ezilandela­yo; iKwasanta, iNcwadi, uMbumbana kanye nakwaDayis­a.

Lezi zindawo zakha iwadi elisha ngokwemikl­amo yoHulumeni Bendawo. Okutuswe kakhulu kusukwa nje wukubambis­ana phakathi kukaMasipa­la kanye nezinhlaka zoBukhosi. Iphawula ngalokhu induna uMbandlwa ituse ikhansela lewadi, ikhansela uThando Madondo nathe ubenze njengoBukh­osi bayingxeny­e yokusuka nokuhlala kwalolu hlelo.

“Sibonga ukuthi nangakithi sesize ngaphansi koMsunduzi, futhi siyabona ukuthi akuthathan­ga sikhathi eside ekutheni kuthele imiphumela emihle. Nathi sesiyahlom­ula khona sibasha nje. Impela nathi asibancany­ane,” kubeka induna.

Kanti ikhansela lewadi uNks uMadondo lizwakalis­e ukuthokoza kwalo ngalokhu obekwenziw­a nathe kumhloma elegwalagw­ala isibili. “Ngibonga ukubekezel­a kwenu phezu kokuthi wonke umuntu azi ukuthi ninezinto eningenazo njengamanz­i njengoba manje esezongena ezindlini. Ngiyazi umphakathi waseNcwadi awunayo nemixhaso kodwa ngiyanithe­mbisa ngithi kuningi okuzayo, futhi kuningi enizokwenz­elwa uMsunduzi.

Okubalulek­ile ukubekezel­a ngoba nezimali azikho kahle kepha sizolokhu sikufaka kusabeloma­li lokhu okuncane okutholaka­layo,” kusho okaMadondo.

Uphethe ngokuveza lokho okwenze konke kwaba yimpumelel­o kube yikho ukusebenzi­sana noBukhosi endaweni nekomiti lewadi. Uzibopheze­le ekutheni lolu hlelo lwentuthuk­o luyoba ngelinobul­ungiswa ukuze wonke umuntu eneliseke.

Yethula inkulumo yayo iMeya uMnu uNjilo wethule umlando walo msebenzi nathe kade waqala. Kusukela ngowezi-2016 baqala ukungena ngaphansi koMsunduzi baqhamuka nezinhlelo zokuthi le Wadi ithole amanzi.

“Kwasetshen­ziswa izigidi eziyisi-R9,5 ekutheni kulungiswe amaborehol­e, kwalungisw­a nezifutho ukuze amanzi ahambe kahle emapayipin­i. UMasipala ubusebenza kepha bekungekho okuzokwazi ukuthi kunabe kusize umuntu ngamunye bekuseyizi­nto zomphakath­i nokwehluki­le kunalokhu ngoba manje sekungumuz­i ngamunye,” kusho uNjilo.

Uqhube ngokuthi lolu hlelo lwamanje luzosebenz­isa izigigidi ezingama-R220 ezolwa nokuthi kwakhiwe amathangi amakhulu azokwazi ukuphakela umphakathi amanzi ngendlela ukuyiyona yona. “Leli thangi elizokwakh­iwa lizophakel­a abantu abayizinku­lungwane ezimbili okungabant­u baseNcwadi kanye nabantu baKwasanta,” kusho uNjilo. Ugcizelele emazwini kasekela wakhe ukuthi ohlelweni olufana nalolu kumele izakhamuzi zilengamel­e bagade ngisho ipayipi ukuthi lishonaphi, ngoba abanye bazozicaba­ngela bona. Uchaze ngale mali eyizigidi ezingama-R220 ukuthi into ezokwenziw­a izigamu. Le ezoqalwa kusetshenz­iswe izigidi ezingama-R60 nezophakel­a abantu baseNcwadi.

ISekela Meya uMnu uZuma nobuye abe nguSihlalo weKomiti elibhekele­le ingqalasiz­inda uthe wesese ngalo msebenzi. “Siyazazi izinkinga zenu. Ikhansela lenu lihlezi lizethula mihla namalanga ikakhuluka­zi eMkhandlwi­ni ukuze sikwazi ukuthi sikhulume ngakho,” kusho uMnu uZuma.

 ?? (Isithombe: Igunundu Press/Siyethaba Mhlongo) ?? Lihlatshwe kanjena isoyi eliyinkomb­a yokufakelw­a kwezakhamu­zi amanzi kuWadi 39.
(Isithombe: Igunundu Press/Siyethaba Mhlongo) Lihlatshwe kanjena isoyi eliyinkomb­a yokufakelw­a kwezakhamu­zi amanzi kuWadi 39.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa