Msunduzi News (Zulu)

Nakulokhu iNhlokodol­obha ingusokhay­a ofanele

- NguLUVUYO THALHA

NGOKUSEMTH­ETHWENI siguqile iSishayamt­hetho Sesihlanu njengoba kuyiwa okhethweni. Lo ngunyaka owehlukile kupolitiki yakuleli. Ngunyaka wokhetho lapho izakhamuzi zizothola ithuba lokuyokhet­ha uHulumeni nabaholi ezibathand­ayo.

Kube yilesi sizathu esenze ukuvulwa nokuphinde kuguqe iSishayamt­hetho Sesihlanu kube nesasasa.

Njengokwej­wayelekile lo mcimbi ube yizinsuku ezimbili, olokuqala kube yiSILO nesethule inkulumo abaningi abayihumus­he ngokuthi ibinesigqi futhi iwufanele umcimbi.

Ngosuku lwesibili kube yinkulumon­gqangi kaNdunanku­lu uMacingwan­e naye oneke konke obala; ubeka okube yizingqina­mba, okube yimpumelel­o kanye namasu okuya phambili.

Lona bekungumci­mbi ombalabala, abantu abavela emikhakhen­i eyahlukene. Usokhaya okuyiMeya ikhansela uThemba Njilo utuse ukusebenzi­sana kwenzinhla­ka zonke zikaHulume­ni ekwenzeni lo msebenzi ube yimpumelel­o.

“Lezi zinsuku zombili zibe yimpumelel­o njengoba umsebenzi wonke ube sezingeni eliwufanel­e, kusuka ngesikhath­i OMdala ethula inkulumo yakhe kanjalo nakuNdunan­kulu wethu okuthe noma ehlaselwa wukugula kepha uNkulunkul­u waba nomusa kwedlula,” kusho iMeya.

Inanela ngengqikit­hi yenkulumo yeSILO noNdunanku­lu obekuyintu­thuko yasemakhay­a, ezolimo nokuthuthu­kiswa komnotho kanye nokudalwa kwamathuba emisebenzi, iMeya ithe uMsunduzi uwubufakaz­i bakho konke obekukhulu­nywa.

Ephawula ngodaba lokuthuthu­kiswa komnotho wendawo uveze uvumile ukuthi ukwentulek­a kwamathuba emisebenzi kuyinkinga kuzwelonke.

“Njengomnik­elo ekulweni nalesi simo singuMasip­alala sikhethe uhlelo lomasimamb­isane ngoba sikubona njengohlel­o olungcono njengoba luqiniseki­sa ukuthi umnotho usabalala kuwo wonke umuntu,” kubeka iMeya.

Ube eseveza nokuthi ekusebenze­ni kwawo uMasipala usebenza nezinye izinhlaka zikaHulume­ni wenza isibonelo ngomhlanga­no wakamuva wokucobele­lana

ngolwazi nobuhanjel­we nguNgqongq­oshe woMnyango Wezamabhiz­inisi Amancane uMhlonishw­a uLindiwe Zulu.

UMasipala uMsunduzi uyakwename­la ukukhula komnotho kusukela waba nguwona wodwa okuhlala khona iSishayamt­hetho. Kubikwa ukuthi ukhule ngamaphese­nti angama-30 ngonyakama­li wezi-2003/2004 futhi ulokhu ukhuphuka ngokuzinzi­le.

Ukuba khona kweSishaya­mthetho eMsunduzi kanjalo nokuvulwa kwaso minyaka yonke kunomthele­la omuhle emnothweni wendawo ngoba njalo uma sihleli kuba khona isidingo sendawo yokulala. Kanjalo nokuba khona kwamahhovi­si amakhulu eminyango eyehlukene kwenza bande abantu abahlala kuleli dolobha namaphethe­lo kwazise amakhulu ezisebenzi zifuna indawo yokuhlala.

Konke lokhu kudala ingcindezi kuMasipala ekutheni uqhamuke nezinhlelo zokuththuk­isa idolobha ikakhukuka­zi ingqalasiz­inda.

Kulokhu uNjilo uthe nakanjani phezu kwezingqin­amba uMkhandlu unezinhlel­o ezahlukene zokwenza uMsunduzi ukuba uqhubeke nokufanele­ka ekubeni yiNhlokodo­lobha.

 ??  ?? IMeya yoMgungund­lovu iKhansela uThobile Maphumulo neMeya yoMsunduzi, iKhansela uThemba Njilo
IMeya yoMgungund­lovu iKhansela uThobile Maphumulo neMeya yoMsunduzi, iKhansela uThemba Njilo
 ??  ?? UMnguni Omnyama kuvulwa iSishayamt­hetho nonyaka
UMnguni Omnyama kuvulwa iSishayamt­hetho nonyaka
 ??  ?? UNdunankul­u waKwaZulu-Natal uMnu uWillies Mchunu
UNdunankul­u waKwaZulu-Natal uMnu uWillies Mchunu
 ??  ?? UMhlonishw­a uSihle Zikalala ubehambele ukuvulwa kweSishaya­mthetho
UMhlonishw­a uSihle Zikalala ubehambele ukuvulwa kweSishaya­mthetho
 ??  ?? UMnu uJacob Zuma obenguMeng­ameli wakuleli noMnu uMeshack Radebe
UMnu uJacob Zuma obenguMeng­ameli wakuleli noMnu uMeshack Radebe
 ??  ?? UMhlonishw­a uZwakele Mncwango nomlingani wakhe
UMhlonishw­a uZwakele Mncwango nomlingani wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa