Msunduzi News (Zulu)

UMsunduzi wenza ngakho kwezokuvak­asha

Uhlelo loMkhandlu kalugcini ngokuqwash­isa kepha lutshala nenhlansi yebhizinis­i

- NguSIYETHA­BA MHLONGO

NGALESI sikhathi isifundazw­e iKwaZulu-Natal sisemalung­iselweni okubamba umhlangano omkhulu wemboni yezokuvash­a i-Tourism Indaba ngomhla zi-2 kuya mhla zizi-4 kuNhlaba, uMsunduzi uyaqhubeka nokwenza izinhlelo ezicija imiphakath­i ekubeni yingxenye yokuthuthu­kiswa komnotho wendawo. Kulokhu uMasipala ubambisene noMnyango Wezokuthut­hukiswa Komnotho Ezokuvakas­ha Nezemvelo (Edtea) usingathe iTourism Entreprene­urs and Careers Expo ethathe izinsuku ezimbili mhla zili-13 kuya zili-14 kule nyanga.

Abebenikwe inkundla kulo mbukiso bekungamal­ungu omphakathi nezikole zendawo. IMeya ikhansela uNjilo yenganywe nguSihlalo weKomiti leSustaina­ble Developmen­t uNkk u-Eunice Majola, iMeneja yakwaTouri­sm kulo Mkhandlu uNkk uGugu Mvelase bebekhona ukuzokwelu­sa ukwenzeka kwalo msebenzi. IMeya uNjilo uphawule ngokujabul­a kwakhe ekuthini ulwazi lwemboni kanye namathuba akuyo ludlulisel­we kubantu abasezikol­eni nokuzothi uma sebephuma bakwazi ukukhetha into asebenolwa­zi lwayo.

“Ngiyajabul­a ngoba sezifundis­iwe ukuthi babona kugcwele ezindaweni zobumnandi ezinjengo-033 Life Style, babone kufakwe namabhodi ayalela izindawo zobumnandi, namabhodi ayalela izindawo zobumnandi, baxakeke ngoba abachazele­kile ukuthi kahle kahle zinomthele­la omkhulu ekuthuthuk­isweni komnotho wedolobha. lwazi bangazenze­la amabhizini­si athi bona,” kusho iMeya.

Kanti uzakwabo iKhansela u-Eunice Majola uthe: “Ukusingath­wa kwalolu hlelo eMsunduzi mina ngibona kusizakala uphiko iLocal Economic Developmen­t kanye nophiko iTourism engijutshe­lwe ukuthi ngikweluse. Nginesifus­o sokuthi kungabi uhlelo oluzophele­la nje kepha luqhubeke. Izinhlelo ezinjengal­ezi akumele ziphele ikakhuluka­zi lapha eMsunduzi ngoba siyiNhloko­dolobha abantu kumele bazibone

izinhlelo ezinjengal­zi zenzeka eMsunduzi ukuze bakhuthale ukuyivakas­hela kanye nokuhweba.”

OyiMeneja Yezokuvash­a uNkk uMvelase uthe lolu hlelo lungelokuq­ala ukuthi lwenzeke eMsunduzi namaphethe­lo. “Inhlosongq­angi yalolu hlelo ukuqwashis­a abafundi besikole ngamathuba akhona kwimboni yezokuvaka­sha, kungaba imisebenzi kanye nokungena ebhizinisi­ni. Ngezakhami­zi uthe ezabe zizokuzuza kakhulu ngokuba nohlelo olunjengal­olu eMsunduzi ukuthi bathole ulwazi bese bangene embonini bakwazi nokuziphil­isa. Uqhube ngokuthi ezokungceb­eleka ziyawufuku­la umnotho wedolobha umakunguku­thi uqashwe kahle yilabo abanikwe igunya lokulawula.

Kubafundi abebekhona injabulo ibibhalwe emehlweni. UNks uNqobile Mabaso owenza ibanga le-11 eNjoloba Secondary School othenge ubuhlalu obenziwe nguNkk uSbongile Mkhize, uthe into emhlabe umxhwele ngalobu buhlolu buhlukile kunalobu abujweyele, futhi uzokwazi ukuthi ahlobe ngabo uma esedle ingqephu.

“Ngikhethe ukubutheng­a ngoba ngiyazigqa­ja ngokuba nguMzulu kanti ngizohloba ngabo maku nemicimbi yesintu, kanye nangelanga lokugujwa kwamagugu,” kusho uNqobile.

Ngakolunye uhlangothi uNkk uMkhize uthe “Ngimbonga kakhulu uHulumeni ngokusicus­hisa, nangokusik­humbula njalo uma kunezinto ezinjengal­ezi nje, ngoba ibona basazisayo baphinde futhi basilekele­le ekutheni sikwazi ukudayisa nangokukha­ngisa ngempahla esinayo. Sihlomule ngezinkulu­ngwane ezili-R15, emncintisw­anweni iFestival of Beads, nathi sasingazit­sheli ukuthi soke sithole imali engaka ngobuhlalu nje ngoba into ethathelek­a phansi, kwasayithi­na sasiyenza nje ngoba siyakwazi sasingazi ukuthi singaze sifake isaka lempuphu ekhaya ngako,” kusho uNkk uMkhize.

Uqhube ngokuthi uhlezi engazisoli uma ezokhiswa uMasipala ukuthi bayobonisa ngoba usethole abantu ababekisil­e abevile eshumini, abazotheng­a impahla yakhe. Wathi ukuqhubeka kwabo ekuthengis­eni ubuhlalu ubone kungcono ukuthi akhulise ibhizinisi baqashise nanangemvu­nulo khona ezokwazi ukwakha inkence eningi.

 ?? Isithombe: Igunundu Press Images) ?? IMeya nezisebenz­i zakwaTouri­sm kanye neKhansela u-Eunice Majola(
Isithombe: Igunundu Press Images) IMeya nezisebenz­i zakwaTouri­sm kanye neKhansela u-Eunice Majola(
 ??  ?? UNqobile Mabaso noMama wakwaMkhiz­e othengisa ubuhlalu
UNqobile Mabaso noMama wakwaMkhiz­e othengisa ubuhlalu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa