Ukoma kwamadamu kukhonga kukhulu
Yize kunegcindezi kepha uMasipala uzama ngawo wonke amandla ukubhekana nesimo kubhala uLUVUYO THAHLA
ININGIZIMU Afrika njengawo wonke amazwe ibhekene nengwadla yesomiso ngenxa yokuguquguquka kwesimo sezulu. Njengoba kwamanye amazwe kuphakama amanzi olwandle e-Afrika eseNingizimu inkinga idalwa wukushisa okungejwayelekile nokugcina kubhuqe izitshalo kanye namanzi emadamini.
UMsunduzi njengabanye oMasipala ubhekene nenkinga yokuswelakala kwamanzi ngenxa yaso isimo sezulu. Idamu, okuyilo elihlinzeka loMasipala ngamanzi i-Albert Falls, lingaphansi kwegcindezi njengoba kuvela ukuthi umthamo walo usungaphansi kwesigamu.
Lokhu kuqinisekiswe yiMeneja yophiko iWater and Sanitation, uMnu uBrenden Sivparsad.
Elanda ngesimo uSivparsad uthe akulona ihaba lokhu okubikwayo ngokuguquguquka kwesimo sezulu ube esenxusa umphakathi ukuba usebenzise amanzi ngokonga ukugwema lokhu okwenzeka kwamanye amadolobha nezifundazwe kuleli: “Idamu elisiphakela ngamanzi lapha eMsunduzi i-Albert Falls lisalulama njengoba ngenyanga eyedlule kade likalwa liveze ukuthi linama-34,45% kanti ngonyaka owedlule ngesikhathi esifanayo belinama-20,16%. Lesi sibalo esigamini, okukhonga inhlekelele” kulanda uSivparsard.
Phezu kwesomiso ukhale nangengqalasizinda nathe isindala. Lena yingqalasizinda ehambisa amanzi okungamapayipi nokuhambisana nawo.
Uthe lesi simo yiso esidala ukuntuleka kwamanzi ezindaweni ezifana naseWillowfontain naseSweetwater. “Amanzi ayisidingo esibalulekile emphakathini. Bekumele sifakele umphakathi amanzi eNcwadi nokho amapayipi ethu asemadala. Amanzi bebengenawo kuwadi entsha sasesifaka amaborehole ayisithupha, e-Edendale safaka ayisi-8 nokuyindawo esaziyo ukuthi amanzi ayahlupha kuzona,” kuphetha uSivparsard.