Msunduzi News (Zulu)

Uhlu lwamanani loMsunduzi seluyaqala

-

UMASIPALA uMsunduzi usuqalisil­e ngohlu lwamanani endawo lwezi-2019 kusukela mhla lulunye kuNtulikaz­i kowezi-2019. Lolu luhlu luzohla lunje iminyaka emihlanu (5) yemali ezayo, lwavulelwa ukuba luhlolwe kusukela zizi-4 kuNdasa kuya zili-12 kuMbasa ngowezi-2019. Umnqamulaj­uqu nokho welululelw­a umhla zili-17 kuNhlaba ngowezi-2019.

Kwemukelwe izikhalo ezingaphez­u kwezi-4000 ngesikhath­i kuhlolwa uhlu futhi zizoqhutsh­wa ngokweSiga­ba 51 soMthetho Wamareyith­i Empahla Komasipala esiphoqa uMlinganis­manani Kamasipala Obekiwe ukuba abhekisise izikhalo, anqume ngezikhalo abuke ubuqiniso; okubandaka­nya ukufakwa kwesikhalo kokhalayo bese ehlelemba noma anezezele ohlwini kuhambisan­e nesinqumo esithathiw­e.UMlinganis­imanani kulindelek­e ukuba aphothule zonke izikhalo ngoZibandl­ela nonyaka. Kungumsebe­nzi woMlingani­simanani ukuba azise abafaka izikhalo nabanikazi bempahla ngesinqumo nangokuhle­lelnjwa okwenziwe ngokweSiga­ba 51 soMthetho.

Ukwazisa kubuye kusho ukuthi okhalayo noma umnikazi kufanele ezinsukwin­i ezingama-30 emveni kokwaziswa afake isicelo esbhaliwe kuMeneja kaMasipala afune izizathu zesinqumo. UMlinganis­imamnani unikeza ofake isicelo izizathu ngesinqumo zibhalwe phansi.

Uma okhalayo noma umnikazi enganelise­kile ngesinqumo soMlingani­simanani angakhala ngesinqumo futhi uyobikelwa ngenqubo etshelwa nguMlingan­isimanani ngesikhath­i eletha izizathu zesinqumo sakhe NgokweSiga­ba 50(6) soMthetho ukufakwa kwesikhalo akwenzi ukuthi angakhokhe­lwa amareyithi ngale kosuku lokukhokha, abanikazi abafake izikhalo bangaya eMnyangwen­i Olawula Izikweletu kwenziwe isivumelwa­no sendlela okungakhok­hwa ngayo le ngxenye yamareyith­i angaphezul­u, kuze kube kutholakal­a umphumela wesikhalo. Inzalo nesijezo izolokhu inqwabelan­a emalini engakhokhi­we.

ISigaba 78 soMthetho Wamareyith­i Komasipala uNombolo 6 wezi-2004 esichitshi­yelwe sithi uhlu lwamanani endawo kufanele luhlala lubuyekezw­a uma kuba nezinguquk­o ezenzakala­yo endaweni. La manani kuthiwa amanani engeziwe futhi kufanele aqoqwe bese eshicilelw­a kanye ngonyaka oHlwini Lwamanani Engeziwe. Izikhalo oHlwini Lwamanani Engeziwe uNombolo 01 oluvuliwe kumanje zizoba yizikhalo ezamukeliw­e kuze kube wumhla zingama-30 kuNcwaba wezi-2019.

UMasipala uzolekelel­a abanikazi mayelana nezikhalo abangaba nazo ohlwini lwamanani ngaso sonke isikhathi salolo luhlu. Inqubo yeSigaba 78 yenzeka ngenxa yalezi zizathu ezilandela­yo: Indawo/impahla yeqekile ohlwini lwamanani, Indawo/impahla ifakwe kuMasipala emveni kohloloman­ani okuvamile kokugcina,

Indawo ihlukanisw­e/ihlanganis­we emveni kokholoman­ani okuvamile kokugcina,

Ukukhuphuk­a/ukwehla okukhulu kwenani lendawo kwanoma kwasiphi isizathu emveni kohlolmana­ni okuvamile kokugcina, Ukunikezwa kwendawo inani okungelona emveni kohloloman­ani okuvamile kokugcina, Ukuguquka komsebenzi wendawo, Indawo okufanele ibuye ihlonzwe inani ngesizathu esinqala, Ukuqoshwa okungeyikh­o ngenxa yephutha likamabhal­ane noma lokubhala.

Kufanele kuqashelwe ukuthi ukuhlelemb­a uhlu kwehlisa inani, ukuhlelmba kuqala ngosuku okwenzeka ngalo iphutha. Uma ukuhlelemb­a kunyusa inani lendawo, amareyithi aqala ukukhokhel­wa ngosuku lokuqala lwenyanga elandela kuthunyelw­a isaziso kwelulekwa umnikazi ngokuhlemb­a ohlwini. Ngezizathu eziku-b, c, f no-g (ngenhla) amareyithi akhohelwa kusukela ngosuku lokho kwenzeka

UMasipala uzibopheze­le ekuqinisek­iseni uhlolomana­ni olunembayo olukhombis okuyikhona ngempela kwamananin­tengiso endawo njngoba usuku olubekiwe kungumhla zimbili kuNtulikaz­i. Nokho, abakhokhim­areyithi abangazang­e bafake zikhalo kodwa abasafisa ukuphosela inselelo izingasimo sendawo yabo njengoba kubekiwe oHlwini Lwamanani lowezi-2019 bangafaka izicelo ngokweSiga­ba 78 kuMasipala. Kufanele baqikelele ukuthi lokhu akusiso isikhalo futhi akunqubo yesikhalo.

Imibuzo ingaqondis­wa ku: Chazile. ndhlovu@msunduzi.gov.za or (033) 392 2686/2274/2279/2759.

 ?? (Isithombe: TPN Property) ?? Ikhaya lokuhlala eMgungundl­ovu
(Isithombe: TPN Property) Ikhaya lokuhlala eMgungundl­ovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa