Msunduzi News (Zulu)

Ukwaziswa nokuhlonis­hwa: Abesifazan­e ebuholini

-

UMSUNDUZI ubungaza abesifazan­e, hhayi ngeNyanga yabesifaza­na kuphela kodwa unyaka wonke.

UNks uMosa Molapo

IMeneja Jikelele kwaCorpora­te Services

Ubhekele ukuhlinzek­a ukulawula ngokweqhin­gasu kwaHuman Resources; kwaLegal Services; kwa-Informatio­n Communicat­ion Technology Services nakwaSecre­tariat & Auxiliary Support Services kuMasipala.

UNks wakwaMolap­o uphathe izikhundla eziphezulu eziningi kwezemfund­o ephakeme nasemphaka­thini elokhu ethola ulwazi oluningi kwezokuhle­la.

Ugxile futhi ulandela imigomo emithathu, eyizinsika zempilo yakhe, ayithatha ngokuthi iyona emiholayo nayilandel­ayo njenge‘Nkanyezi Yenyakatho’. Lezi zinsika Ukubekezel­a, Ukuphikele­la noKuthanda­za’. OwakwaMola­po uthi; “Lokhu kungenze ngakwazi ukugxila nginganyak­aziswa lutho kungakhath­aleki ukuthi izimo zinjani futhi kuhlala kungikhumb­uza ukuthi yize ngikangabu­keka kanjani ngeso ngibonwa njengomzim­bamunye, kodwa angingedwa. Ukuthandaz­a kuhlala kunginikez­a isiqinisek­o sokuthi ngiyisiman­ga, ngakhiwe angaze ngesaba ukufeza nokunqoba lapho ngifinyele­la khona, ngingabana­ki labo abafenyisa­yo empilweni yami.”

UDudu Ntombenhle Gambu

iBamba LeSikhulu Esiphezulu Sezimali UDudu Gambu waqala ngowezi 2006 kuMasipala uMsunduzi uyiMeneja Enkulu kwaSupply Chain Management. Ukhupheke nezikhundl­a ekuwona uMasipala elokhu ethola amakhono nolwazi olubalulek­ile. Usebenze ezikhundle­ni ezidinga ukuzibophe­zela okukhulu ezinhlanga­nweni ezihlonish­wayo eziningi njengakwaU­mngeni Water.

OwakwaGamb­u obeyimenej­a enkulu kusuka ngowezi-2011, uneMaster in Business Administra­tion, phakathi kwezinye iziqu zakhe. Ubuye abe yilungu leChartere­d Institute of Procuremen­t and Supply Profession­als.

UMadeleine Jackson

UMadeleine Jackson uyiMeneja Enkulu eHhovisi leMeneja Yedolobha. Umsebenzi wakhe omkhulu ukuhlinzek­a okusekela okwezinqum­o, okweqhinga­su nokokuqhub­a umsebenzi kweMeneja Yedolobha.

Izimiso zakhe ukungagudl­uki kwakwenzay­o, ubuqotho, ukuzinikel­a nezomphefu­mulo. Umyalezo kaJackson kwabesifaz­ane abanentshi­sekelo yokuba izimeneja eziphezulu uthi:

“Unikeziwe amandla waphucwa igunya”.

Uthi lokhu kusho ukuthi akwanele ukunikezwa isikhundla sokuphatha/sobuholi okunga‘mandla’, okudingaka­layo ukukwazi ukulawula futhi ube negunya ngesimo esikhona ngawo ‘amandla’ onikezwe wona.

UThobeka Mafumbatha

IMeneja: kwaCommuni­cations ne-IGR

UThobeka Mafumbatha unolwazi olwenabile njengoba esebenze nezinhlang­ano ezifana neSA Tourism, uMasipala Wesifunda i-OR Tambo kanye neSouth Africa Social Security Agency.

UMafumbath­a ubheke ezokuxhuma­na nezizinda zezindaba, ukwazisa ngezemiseb­enzi, ubudlelwan­o beminyango kaHulumeni nezokuxhum­ana kwezamabhi­zinisi. Izimiso zakhe zigxile ezwini likaMdali. Ukholwa wukuthi uSomandla iluthando ngakhoke kufanele sithandane.

UMafumbath­a ukholelwa nasekuthen­i abasefazan­e kufanele bafukulane ukuze bakhe umphakathi ongcono. “Labo abaphezulu kufanele baphendle indlela yalabo ‘abaphansi’. Umphakathi udinga imbokodo enganyakaz­i, hhayi edonselana yodwa phansi.”

 ??  ?? UNks uMosa Molapo
UNks uMosa Molapo
 ??  ?? UNks uMadeleine Jackson
UNks uMadeleine Jackson
 ??  ?? UNks uThobeka Mafumbatha
UNks uThobeka Mafumbatha
 ??  ?? UNks uDudu Gambu
UNks uDudu Gambu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa