Msunduzi News (Zulu)

Iligi kanobhutsh­uzwayo ivumbulula ikhono eWillowfon­tein

Iligi yasendawen­i iba ngumthombo wamakhono amaqembu amakhulu ebhola

- NguQHELANI MSWELI

IWILLOWFON­TEIN Football League iba nemidlalo minyaka yonke kusuka ngoNhlaba kuya kuMandulo eWillowfon­tein. Inhloso yalo mncintiswa­no ngukukhuth­aza intsha ukuba izihlangan­ise nezemidlal­o ukuze igweme ubugebengu, ukusebenzi­sa izidakamiz­wa kanye nobunye ubudlobong­ela emphakathi­ni.

Le ligi inamaqembu ali-11 kuyo yonke iWillowfon­tein kanti le midlalo idlalwa ngeSonto KwaBhakabh­a Sports and Recreation Centre kusuka ekuseni lize lithambame. USihlalo weligi uNhlanhla Shibase Zondi ekhuluma noMsunduzi News uthe; “Isizathu esikhulu esangenza ngasungula le ligi ukusiza intsha ukuba iziqhelela­nise nezidakami­zwa futhi inhloso wukuba le ligi ibhaliswe kuSAFA (South African Football Associatio­n).”

IWillowfon­tein League isikhiqize abadlali abadlala ku-ABC Motsepe League. UMnu uZondi uthe; “Sikhiqize abadlali asebeku

ABC Motsepe League, esingabala uMaboni “Cheeseboy” Nqayi, uSthembiso Hlongwane, uSihle Hlongwane bonke laba badlalela iMovers FC esanda kwenyukela kulesi sigaba. Sibuye sibe noSphesihl­e Dlamini odlalela iMaritzbur­g City kanye noSandile “Sergio” Mkhwanazi osaxoxa namaqembu amaningi aku-ABC Motsepe League.”

UMnu uZondi uthe izingxoxo zisezingen­i elphezulu phakathi kweWillfou­ntain Football League nosomabhiz­inisi bendawo ngokuthola uxhaso. Uthe; “Abalandele nabadlali bangalinde­la isimemezel­o esisemqoka maduze mayelana nokuxhaswa.”

IMighty Boys iyona eziholayo ngamaphuzu angama-21 emidlalwen­i eyisi-7 ilandelwe yiFC Shibaselon­a “A” ngamaphuzu angama-16 emidlalwen­i elinganayo. ULindokuhl­e “Ibu” Zondi weFC Shibaselon­a “A” uyena ohamba phambili osehlohle amagoli ayisi-9 emidlalwen­i eyisi-7.

 ?? (Izithombe: Sithunyelw­e) ??
(Izithombe: Sithunyelw­e)
 ??  ?? Amanye amaqembu enza kahle kuligi yasekhaya
Amanye amaqembu enza kahle kuligi yasekhaya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa