Ukubambisana nabanye ohulumeni
UKUHLENGA impilo yabantu ngenye yezinto okubukeka imqoka kuHulumeni. Emva kokuba eMsunduzi kutholakale isisebenzi esihaqe ukhuvethe eMakethe yendawo, uMsunduzi ulekelelana noMnyango Wezemvelo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya oholwa uMhlonishwa uBongi MaSithole Moloi sebeqinisekise ukuphepha kwezisebenzi nabathengi kuleya ndawo ukuthi bangasuleleki ngalesi sifo.
IMeya uMzimkhulu Thebolla kanye noMhlonishwa uMaSithole Moloi bafike kule Makethe babheka ukuthi akukho yini okungaba nobungozi empilweni yabantu, baphinde babheka ukuthi akukho yini okungalandeliwe okubekwe inhlangano iWorld Health Organization (WHO) kanye noMnyango Wezempilo ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu baseMsunduzi. IMeya uThebolla ithe: “Ngithanda ukuqinisekisa wonke amalungu omphakathi ukuthi kuphephile ukusebenzisa iMakethe yethu, isizathu esenze ukuthi sivakashele le ndawo ingoba besingafuni ukubeka impilo yabantu engcupheni.”
Iqhube ngokuthi isizathu esasenza bangayivali iMakethe ukuthi babefuna ukuqinisekisa ukuthi ukudla kukhona emphakathini waseMsunduzi njengoba le ndawo idayisa ngezithelo. Ithe ngesikhathi kutholakala ukuthi lesi sisebenzi sesihaqwe yilesi sifo, babe sebethenga zonke izimfanelo zokubulala amagciwane ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu.
Ibe isenxusa izisebenzi kanye namakhasimende ukuthi babike noma ikuphi abakubona kungabeka impilo yabo engcupheni kanjalo nalabo abazisolayo ukuthi cishe bahaqwe yilesi sifo, okungaba ukuthi bathelelene ngoba bebesenza bonke.
UMhlonishwa uMaSithole Moloi uthe: “Sinxusa abantu ukuthi balandele lokhu okwakushiwo nguMengameli ukuthi behlise imimoya bangaxhamazeli, umuntu otholakalile ubengucashier futhi lapho ebesebenzela khona kuvalekile, hhayi ukuthi kuvalekile ngoba kuhenqiwe kepha kuvalwe ngengilazi. Okunye futhi ukuthi ngesikhathi etholakala wayefake isimfonyo kanye namagilavu. Okungihlabe umxhwele ukuthi izisebenzi zakwaMasipala zikubeka phambili ukuphepha.”
Ube esebonga izisebenzi ngokulandela ezokuphepha okubekiwe, ngokubeka isibulalimagciwane emnyango, nalapho kukhokhelwa khona impahla kanjalo nokuqinisekisa ukuthi ibanga elingangemitha elilodwa phakathi kwabantu liyalandelwa njengoba kade kumakiwe phansi lapho umuntu kumele ame khona.
Emva kwalapho babe sebeya eCedara eSoil Fertility and Analytical Service Lab lapho uMnyango okhiqiza khona izibulalimagciwane. Inhloso bekuwukoluleka izisebenzi nabalimi ukuqinisekisa ukuthi baphephile kanti kunenhlanzeko nalapho kukhiqizwa khona lesi sibulalimagciwane khona kuzonqotshwa ukhuvethe.
Njengendlela yokuqinisekisa ukuphepha kwezakhamuzi zaseMsunduzi kube sekuqhutshwa uhlelo lokuhlanza. Kuhlanzwe irenki entsha izisebenzi zophiko lwakwaWaste zafutha nemigqomo.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi lapho kuvaliwe ukusebenza kwezithuthi zomphakathi nokuwumyalelo woMnyango Wezokuthutha ukuthi izithuthi zisebenze ngesikhathi esithize.
Akugcinanga ngokufutha kuphela kepha lolu phiko luhlanze nezindlu zangasese, kwasikwa utshani ngaphandle kwerenki. IMeya uThebolla, uSotswebhu uVusi Ntshangase kanye nelungu lesigungu esiphezulu uZanele Ngcobo bashayele lezi zisebenzi izandla ngokusebenzisa leli thuba ukuhlanza izindawo. “Sizoqinisekisa ukuthi lokhu okwenziwe kule renki akupheleli khona kepha kuzokwenzeka kuwo wonke akhona lapha edolobheni ukuqinisekisa ukuthi ahlanzekile futhi aphephile,” kusonga iMeya uThebolla.