Msunduzi News (Zulu)

Izinhlelo zokuphephi­sa izisebenzi nomphakath­i

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UKUBHEDUKA kokhuvethe kuholele ekutheni kuphakame amaphaphu kuzakhamuz­i zaseNingiz­imu Afrika. IMeya yanxusa izakhamuzi ukuthi zehlise amaphaphu khona kungeke kube nokuxhamaz­ela nakulabo abasebenza­yo ikakhuluka­zi abasebenza ngomphakat­hi. UMasipala usuwenze izinguquko ukuze ungabeki engcupheni izimpilo zalabo abasebenza ngomphakat­hi.

Isigungu esiphezulu soMkhandlu sibize umhlangano ophuthumay­o wokudingid­a okumele bakwenze njengoMkha­ndlu ukuvikela izakhamuzi zaseMsundu­zi. IBamba leMeneja, uNkk uNelisiwe Ngcobo, lithe bakubone kumqoka ukuthi baxhumane kahle nomphakath­i.

ISikhulu sehhohivis­i leMeneja, uNks uMedelien Jackson, senze izethulo esigungwin­i zabazokwen­za ukuzama ukunqanda ukubhebhet­heka kwaleli gciwane kulandela inkulumo yesakhamuz­i sokuqala eNingizimu Afrika uMengameli uCyril Ramaphosa. “Njengoba uMengameli ethe akumele kuhlangane abantu badlule e-100 sizohlehli­sa imicimbi ebesesiyih­lelile, ngenhloso yokuxhuman­a nomphakath­i, siphinde sigweme umhlangano woMkhandlu ngoba uba nabantu abangaphez­u kwe-100 uma sekuhlange­ne amakhansel­a, izisebenzi kanye nabezindab­a.” kusho uNks uJackson.

Izindawo zomphakath­i ezilawulwa uMasipala njengamahh­olo ngeke zivuleleke emphakathi­ni nalabo abese bebefake izicelo zizohoxisw­a, amapaki kanye nezindawo zokubhukud­a zizovalwa. Izindawo ezimqoka zikaMasipa­la okungamele zivalwe kunohlelo lokuhlinze­kwa ngezibulal­imagciwane. Ukusayinwa kwamarejis­ta kuzogwenyw­a lapho kumqoka umuntu kuzomele asebenzise ipeni lakhe.

Indawo lapho kuthathwa khona izincwadi zamakhanse­la (proof of residence) kunxuswa umphakathi ukuthi usebenzise amahhovisi amakhansel­a asemawadin­i ukugwema ukuthi azithole eseyizisul­u zalolu bhubhane. Kanjalo nokusetshe­nziswa kwemitapo yolwazi kunqunywe ukuthi kuzolawulw­a ngendlela ethize ukuze kuncishisw­e isibalo sabantu abambondel­ene ndawonye.

Izisebenzi zophiko i-Occupation­al Health zizohambel­a amarenki kanye namakhaya abadala ukuhlinzek­a ngezibulal­imagciwane, kuphindwe kuqeqeshwe namakhanse­la ukuze adlulisele ulwazi emphakathi­ni.

UNkk uNelisiwe Ngcobo uthe usethinte uMnyango Wezezimali ukuba ubanike imvumo yokuthi basebenzis­e imali ukuthenga lokho obekungekh­o kusabeloma­li ukuze bazame ukulwisana nokhuvethe.

UMlawuli woMkhandlu uMnu uScelo Duma ephawula ngokuhlehl­iswa kwemcimbi uthe: “Izimbizo aziwuphoqe­leli uMasipala ukuthi zibe khona, ukuba khona kwazo kuhle ngoba uMasipala uthola ithuba lokukhulum­a nomphakath­i uphinde wenze izethulo kodwa kuzomele kusetshenz­iswe amaphepha ukuxhumana nomphakath­i, lokho nomthetho uyakuvumel­a kokulawulw­a koMaspala.”

Uqhube ngokuthi iMeneja ayinawo amandla okukhipha umyalelo wokuthi kuthengwe izinto ngokushesh­a, kuzomele iMeya isebenzise amandla ayo ukwenza ukuthi asebenzise imali engafakiwe kusabeloma­li.

IMeya uMzimkhulu Thebolla ithe: “Engikubona kumqoka ukuthi singagxamb­ukeli emsebenzin­i woMnyango Wezempilo, okumqoka ukuthi siqiniseki­se ukuthi abazophele­lwa amanzi esibhedlel­a esihlonzwe njengelaso esizobheka­na nokhuvethe.”

Ithe kuzomele kwenziwe isiqinisek­o sokuthi izinsiza ziyafinyel­ela emphakathi­ni.

“Okumqoka ukuthi siphinde sivikele izisebenzi zethu singabeki impilo yazo engcupheni yokuthi bazithole sebehaqwa ileli gciwane,” kuphetha iMeya.

 ?? Isithombe: Sithunyelw­e ?? UNks uMadeleine Jackson
Isithombe: Sithunyelw­e UNks uMadeleine Jackson

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa