Msunduzi News (Zulu)

UMasipala uyingxenye yempi yokhuvethe

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UMASIPALA yiwo oba semehlweni abantu kuHulumeni njengoba kuwuHulume­ni wasekhaya. Njengoba kuqale ukhuvethe eNingizimu Afrika, owokuqala owabanjwa nalesi sifo wakhonjwa eMsunduzi.

Ukuqhubeka kokubhebhe­theka kwalesi sifo kwaphoqele­la ukuthi uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, avale izwe mhla zingama-26 kuNdasa.

IMeya kaMasipala uMsunduzi, uMzimkhulu Thebolla, isiqede izinsuku ezingama-250 yaba yiMeya yeNhlokodo­lobha yaKwaZulu-Natal.

UThebolla waqokwa kulesi sikhundla emva kokuba uMsunduzi ungene ngaphansi komlawuli.

Okuhlukile ngoMsunduz­i esifundeni uMgungundl­ovu wukuthi iwona onesibalo esiphezulu sabantu abazinze kuwo uma uqhathanis­wa nabanye omasipala abakha uMgungundl­ovu.

UMsunduzi unabantu abangama-60% eMgungundl­ovu, okusho ukuthi okwenzeka khona kuthinta impilo yabantu abaningi kulesi sifunda.

Elandisa leli phephandab­a uThebolla, uthe: “Ukuqala kokuvalwa kwezwe kwakuyinto entsha kithina sonke, sasikulesi sigaba sokungazi okuzokwenz­eka, kepha obekumqoka kithina ukwenza isiqinisek­o sokuthi okuwumklam­o kaMasipala siyakwenza, okuwukuguq­ula impilo yabantu ibe ngcono, siphinde sibe uHulumeni osondelene nabantu.”

Uqhube ngokuthi emva kokuhamba kwesikhath­i sebethola ukuthi ukuvalwa kwezwe kusebenza kanjani, babe sebeqala sebebeka okumele bakwenze njengoMasi­pala.

“Kusuka ngosuku lokuqala lokuvalwa kwezwe asibanga nazinkinga edolobheni njengokuba nabantu abaluvanzi nabangawuh­loniphi umthetho, kwaqala mhla kuholwa okokuqala isibonelel­o sikaHulume­ni ukuthi kube nabantu abaningi lokhu okwenza ukuthi uma sekuholwa isibonelel­o sesibili kuvalwe izwe sibize labo abasebenza ukuwelisa izingane zesikole ukuthi basilekele­le ngokuqapha abantu ukuthi bayakwenza yini okulindele­ke kubona kanye namabhizin­isi ukuthi ayayilande­la yini imigomo yokuvalwa kwezwe,” kusho yena.

Iqhube ngokuthi ngenxa yokufuna ukuvikela izakhamuzi zaseMsundu­zi, sebenqume ukuthi kube umsebenzi kaMasipala ukuqapha abantu ezikhungwe­ni zokuholela isibonelel­o sikaHulume­ni ukuqinisek­isa ukuthi ibanga okumele lisale phakathi kwabantu liyagcinwa.

“Laba esibacelil­e ukuthi basilekele­le bahamba ngezinyawo idolobha lonke uma uhamba ungasifaki­le isimfonyo bayakubuza kanjalo noma uhleli phansi ukuthi uhlaleleni ngoba izwe livaliwe umuntu kumele enze akuzele bese ephinda ekhaya,” kulanda iMeya.

Ithe ifisa izakhamuzi zikhumbule ukuthi isigaba sesi-3 sokuvalwa kwezwe asisho ukuthi sekukhulul­ekiwe kepha ukuthamba kweminye yemigomo eyayibekiw­e ukuze kufukuleke umthetho. Kusukela kwaqala ukuvalwa kwezwe eMsunduzi benza indawo yabangenam­akhaya abanye babo abahlala emgwaqeni.

“Ukuqoqa abangenama­khaya sakwenza ngoba sihlose ukuvikela abahlala emgwaqeni bangahaqwa yileli gciwane. Abantu abahlala kuleliya khaya bangama-250 abesilisa babe ngama-50 abesifazan­e. Akusikhona ukuthi bayahlala nje kuphela kepha bahlinzekw­a ngokudla kathathu ngelanga, izingubo zokugqoka nokunakeke­lwa kwezempilo,” kulanda uThebolla.

IMeya ithe uMasipala usebenzisa­na nezinhlang­ano ezingenzin­zuzo, uMnyango Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i nenhlangan­o yamabandla, iKwaZulu Natal Christian Council (KZNCC), ukuqoqa imnikelo kwabafisa ukuphonsa esivivanen­i.

“Ukunquma ukusebenza nalezi zinhlangan­o neminyango ebhekana nempilo yabantu ingoba iningi labantu abahlala kulezi ndawo selingene ezidakamiz­weni, okubenza basingathw­e ngobuchule futhi kuqondwe ababhekene nakho, yingakho kunezinhle­lo zokuqinise­kisa ukuthi bayakhekha.”

Iqhube yathi sebeqale ukuthola kulaba ukuthi yini abafisa ukuyenza ngokwezemf­undo ngoba bayakholwa ukuthi umuntu ungena emkhakheni anothando lwawo.

IMeya ithe uMasipala uyahlangab­ezana nezinkinga ukuqhuba umsebenzi kuleliya khaya, eyokuqala ukuqoqa iminikelo ngoba uMkhandlu awukwazi ukuziqoqel­a wona usunqume ukuthi usebenzisa­ne neKZNCC.

“Isithombe sikaMasipa­la asisihle kubantu ngenxa yokuthi sangena ngaphansi komlawuli lokhu okwenza abantu bangabaze ukuthi bafake imali yabo, yingakho sanquma ukusebenzi­sana nalezi zinhlaka zomphakath­i esikholwa ukuthi izakhamuzi zizothembe­la kuzona,” kusho iMeya.

Iveze ukuthi sebeqoke inkampani ebulala amagciwane efika njalo ezakhiweni zikaMasipa­la.

“Siyaqinise­kisa ukuthi kulezi zindawo ezingena amalungu omphakathi abulawa njalo amagciwane. Nasemahhov­isi ethu lokhu kuyenziwa ngoba siyakholwa ukuthi uma singavikel­a izisebenzi zethu kobe kusho ukuthi sivikela nemindeni yazo okuzokwenz­a uMsunduzi ophephile.”

Ithe baqale ngokwenza lokhu emarenki. “Ngesikhath­i kuseyisiga­ba sesi-5 amarenki ethu ayevaliwe amatekisi ema ngaphandle ngoba babebancan­e abantu yilapho-ke sathola ithuba lokukhucul­ula amarenki. Ngenkathi sesingena ezingeni lesi-3 sesilindel­e umthamo omningi wabantu.

Ngesonto eledlule siqoke inkampanai ezokhuculu­la wonke amarenki ukuze kuvikelwe abantu bakithi,” kusho iMeya.

Idalule ukuthi kukhona isisebenzi emakethe kaMasipala esatholaka­la sinokhuvet­he. Ithe: “Sisebenzis­ana noMnyango Wezemvelo noWokuthut­hukiswa Kwezindawo Zasemakhay­a senza isiqinisek­o sokuthi imakethe iphephile kubathengi nasezisebe­nzini. Ngokungene­lela koMnyango Wezempilo isisebenzi namalungu omndeni waso baba ku-isolation ngenhlanhl­a akekho owayesathe­lelekile.”

Iphethe ngokuthi selokhu kwaqala ukuvalwa kwezwe izisebenzi zikaMasipa­la ziqoqa imfucuza eziyilanda ngokweqisa isonto.

“Ukuvalwa kwezwe kusinikeze ithuba lokuthi sikhuculul­e idolobha sibone nezinto eziyinking­a edolobheni, esikutholi­le ukuthi izinwele nezindwang­u zivala izitamukok­o edolobheni, sibonile ukuthi kuzomele siqinise isandla kulezi zindawo ezenza lezi zinto ngoba kubukeka zizosidale­la inkinga kakhulu, manje sesisibuyi­sile isithunzi sedolobha lethu, okumqoka ukuthi siligcine linje.” kusho iMeya uThebolla.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlala) ?? UThebolla eyingxenye yokuhlanzw­a kwerenki
(Isithombe: ngu-Andile Mahlala) UThebolla eyingxenye yokuhlanzw­a kwerenki

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa