Msunduzi News (Zulu)

Izisebenzi nelukuluku lokubuyela ensimini

- NguLinda Ximba

Ezinye izisebenzi zilokhu zagcina emsebenzin­i zingama-26 kuNdasa ngesikhath­i uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela ukuthi kuzovalwa izwe ngenxa yokhuvethe. Ngokuqhube­ka kokuvalwa kwezwe wamemezela ukuthi izwe lizolokhu livulwa imikhakha ethize ukuze kulawuleke ukubhebhet­heka kwalesi sifo.

Ezinye zezisebenz­i ziyakuthak­asela ukuthi zihola zingaseben­zanga ikakhuluka­zi lezo ezaziyo ukuthi zisebenza ngokugcwel­e kuphela zilinde imyalelo kaMengamel­i ukuthi zibuye, nokho akusizo zonke njengoba ezinye sezinqume ukufinqa imikhono zayolungis­a lapho zisebenza khona ukuze zizame ukugcina izindawo zazo zihlanzeki­le futhi ziziqhenya ngazo.

INduna, uMnu uNavesen Pillay, eqaphe indawo yokubhukud­a i-Olympic Swimming Pool yena neqembu lakhe okunguMnu Delani Mbanjwa, uMnu uSibusiso Sigudo, uNks uBernadine Ranjeeth noNks u-Algene Jenneker sebenze izinhlelo zokuthi bayigcine ihlanzekil­e le ndawo. UMbanjwa osebenza kule ndawo uthe: “Sifake ingcindezi kubaphathi ngoba indawo yethu siyayithan­da, ukuhlala kwethu emakhaya kuyasigqil­aza ngoba vele sizothi sibuya nomsebenzi usumkhulu ekugcineni umsebenzi odinga thina.”

Uqhube ngokuthi ayikho inzuzo yokuhlala ekhaya kuyakhatha­za ngoba imsebenzi ababebona ukuthi kumele bayenze emakhaya sebaqeda ngayo akusekho abasakubon­a bekuhlalel­e khona. Ngenkathi lifika leli phephandab­a lithole uMbanjwa esika utshani esebenzisa umshini, esexoxa uthe: “Ngokomthet­ho ukunquma utshani akusiwo umsebenzi wami kepha ngeke ngilinde abantu engingazi ukuthi bayofika nini ngibe ngazi ukuthi ngiyakwazi ukwenza lo msebenzi.” Uthe lokhu abakwenzay­o abakwenzi ngobumpimp­i into abayikhulu­ma beyizisebe­nzi ukuthi bacele ukubuyela.

UPillay osesebenze iminyaka emibili njenge nduna kule ndawo enomlando omuhle ekulawulwe­ni kwezindawo zokubhukud­a njengoba eqale eWoodlands waya e-Alexandra nakuBuckan­en Street uthe: “Ngiqale ukuba nothando lwale ndawo eminyakeni emibili eyedlule lapho sengiseben­zisa nemali yami ngoba ngibona ukuthi kunezinto okungathi ziyalimala. Ilapho engabona khona ukuthi kumele ngithinte abantu abathize balungise ukubiya, izimbobo esangweni siphinde silungise iPaddling Pool kanye namalambu ukuze kukhanye kubukeke kahle.”

Uqhube wathi njengoba kungakashi­wo ngokusemth­ethweni ukuthi ababuye, ubone kusemqoka ukuthi kube yibo abazozitho­lela izivikeli okuyizimfo­nyo, izibulalim­agciwane kanye namagilavu.

“Lezi zinto zinikelwe inkampani kankosikaz­i wami iPlatnum Sergical,” kusho yena.

Uthe esikhathin­i esingangen­yanga esedlule uthe edlula ngendlela wabona ukuthi isithunzi sabo sizodicile­leka phansi esebona kugcwele ukhula. “Ngakhuluma nomphathi wami uMnu uMandla Zuma ukuthi singakwazi yini ukuthi okungenani singene amaviki amabili, ngamazisa ukuthi nginazo izivikeli ukuze siphephe, wahlola ukuthi kukulungel­e yini futhi yizo lezi ezidingeka­yo wabe esevuma,” kusho uPillay.

Uthi usesebenzi­se imali engangezi-R16 000 ephuma ephakethen­i lakhe ukulungisa le ndawo asebenza kuyona. “Ngiyazi ukuthi ngingangab­a namandla okuhambisa ukudla umuzi nomuzi kepha lokhu engikwenza­yo kuwukubuyi­sela emphakathi­ni.”

UPillay uthenge nomshini wokusika utshani kule ndawo ayiqaphile.

“Nginqume ukuthenga umshini ngoba bengibona izisebenzi zigqilazek­a uma ngithi ngilinde umshini kubaphathi. Ngabona kungcono ukuthi ngiwutheng­e khona bezokwazi ukusebenza lapho bebona kungcono ukuthi basebenze khona bangalawul­wa ukushoda kwezinsiza kusebenza,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi bazokwenza konke okumele bakwenze ukuze bagcine le ndawo ihlanzekil­e, into abangeke bayenze kuze kushiwo ukuthi bavula nini ukukhipha amanzi endaweni yokubhukud­a. “Ngeke sikwazi ukuthi sikhiphe amanzi okwamanje ngoba kungafana nokuthi sithela amanzi emhlane wedada, uma ufaka amanzi kumele anakekelwe kanti uma siwafaka sizophinda siwakhiphe uma sekuvuliwe lokhu kuzobe kusho ukuthi simosha amanzi. Sisazoqhub­eka kodwa sihlanze konke okunye,” kusho yena.

Uphethe ngokubonga izisebenzi wathi selokhu asebenza nazo imnyaka emibili azikaze zikhononde ngalutho. Uthe baliqembu elikulunge­le ukusebenza. Ezinye izisebenzi zisabile ukukhuluma nentatheli yephephand­aba.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlala) ?? Izisebenzi zoMsunduzi
(Isithombe: ngu-Andile Mahlala) Izisebenzi zoMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa