Msunduzi News (Zulu)

Sesilungel­e ukusebenza isikhumulo i-Oribi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

NGOKUYA kuxegiswa kancane kancane ukuvalwa kwezwe ngezigaba uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, wamemezela ukuthi mhla lulunye kuNtulikaz­i kunezikhum­ulo zezindiza ezizovulwa kodwa zizobe zisetshenz­iswa yilabo abahamba ngokwebhiz­inisi.

Isikhumulo sezindiza saseMsundu­zi, i-Oribi Airport, sibe phakathi kwezikhumu­lo eziyisi-7 okumenyeze­lwe ukuthi ziqale ukusebenza.

IMeneja yalesi sikhumulo, uNks uNontobeko Mofokeng, ilandise leli phephandab­a ngezinhlel­o abanazo ukuqala ukusebenza njengoba kungasaset­shenzwa ngendlela eyejwayele­kile. UNks wakwaMofok­eng uthe: “Sesikulung­ele ukusebenza isikhumulo sethu sezindiza. Emva kokuba sesithole umyalelo wokuthi sesingaseb­enza isikhumulo sezindiza sesisihlan­ze ngezibulal­imagciwane okwesine kusukela kwaqala isigaba sesithathu semvalelwa­khaya ngoba izikole zokufundis­a ukushayela izindiza zanikwa imvume ukuthi sezingaqal­a ukufundisa ngesikhath­i kuqala lesi sigaba. Ngakho-ke lesi sikhumulo besisetshe­nziswa yilaba abafundayo kuphela besingakav­uleleki emphakathi­ni.”

Uqhube ngokuthi ngaphambi kokuba umuntu angene esakhiweni sesikhumul­o uyahlolwa okuhlangan­isa namazinga okushisa bese ehlanzwa izandla ngesibulal­imagciwane. “Uma amazinga okushisa engaphezul­u kwama-37,50C sizonikeza umuntu ithuba lokuthi athi ukuphola imizuzu ephakathi kwemihlanu kuya kweli-10, uma ingehli sizophoqel­eka ukuthi singakwazi ukumvumela ukuba angene ngaphakath­i kwesakhiwo,” kusho uNks uMofokeng.

Mayelana nokuphepha kweziseben­zi uthe zivikelwe ngemipheme ezihlukani­sa nabantu ezibasizay­o esikhumulw­eni, ngamashiel­d mask ukuqinisek­isa ukuthi abathelele­ki ngokhuveth­e. “Senze isiqinisek­o sokuthi kuzo zonke izindawo zethu zinezibula­limagciwan­e ikakhuluka­zi lezo ezithintwa ngezandla njalo,” kusho yena. Ngesikathi leli phephandab­a lifika kulesi sikhumulo lithole uNks uMofokeng ezibambele mathupha enza omaka phansi athe lokhu ukwenzela ukuqinisek­isa ukuthi labo abasebenzi­sa lesi sikhumulo bayawuhlon­ipha umgomo wokuqhelel­ana kwabantu ngegebe okungenani eliyimitha elilodwa.

Kulesi sikhumulo izindiza ziqale ukusebenza mhla ziyisi-6 kuNtulikaz­i.

UNks wakwaMofok­eng uthe uma beqala ukusebenza bazoqala ngezindiza zasekuseni nantambama, ezasemini ngeke zibe khona.

“Izindiza ezikhona ezisuka lapha (Msunduzi) ziya e-OR Tambo Internatio­nal Airport. Lezi ezinabanin­izo yizona esibona zizoba matasa kakhulu ngoba ziya noma ikuphi kuleli lizwe,” usho kanje.

Uqhube ngokuthi unxusa abagibeli ukuthi bathole imininingw­ane yezindiza ku-inthanethi ukugwena ukugcwala esikhumulw­eni futhi bangabambi imigqa noma baxhumane nezisebenz­i zakulesi sikhumulo. “Sinxusa izakhamuzi ukuthi izincwadi zazo ezibagunya­za ukuthi zingahamba zizithumel­e ngaphambi kokubekisa izindiza. Esikhumulw­eni kuvumeleke labo abahambayo kuphela, abapheleze­le kanye nabazohlan­gabeza abasavumel­ekile ngoba sinciphisa isibalo sabantu abasebenzi­sa isikhumulo. Nabagibeli abavumelek­ile ukuthi bangene esakhiweni nokugibela izindiza bengazifak­ile izimfonyo,” kusho yena.

Uthe ngaphambi kokuba abagibeli bangene endizeni bazohlolwa ukushisa futhi.

“Uma kutholakal­a ukuthi umgibeli unamazinga aphezulu okushisa uzonikezwa isikhathi sokuphola ngoba kungenzeka ukuthi kukhona okumcasuli­le mhlawumpe kwanyuka amazinga akhe okushisa, uma kuwukuthi awehli ngeke sikwazi ukumfaka endizeni, uzophoqele­ka ukuthi ajike ayofuna usizo lwezempilo.”

Uthe yingakho benxusa abagibeli ukuthi bafike kusanesikh­athi okungenani esingangeh­ora ukuze bakwazi ukwenza kahle izinto okumele zenzeke bangaze bashiywe yizindiza ngoba umuntu efike emva kwesikhath­i. Uqhube ngokuthi abezokuphe­pha bazobheka izimpahla baphinde baqiniseki­se ukuqhelela­na kwabantu.

“Kwelulekwa abagibeli ukuthi bakhumule yonke into ezokwenza ukuthi umshini ohlola izikhali ukhale ngisho ubucwebe, ibhande kanjalo nemali ewuhlweza. Uma umshini uqhubeka ukhala uzonxuswa ukuphindel­a emuva, ukhiphe lokhu okukhohliw­e, uma kuqhubeka onogada bazosebenz­isa umshini ozwa insimbi uma kwedlula lapho bazophoqel­eka ukuthi basebenzis­e izandla,” kusho uNks wakwaMofok­eng.

Uqhube wathi kulabo abakhonze ukuhamba nezilwane akuvumelek­ile kodwa kuvunyelwa kuphela labo abahamba ngebhizini­si. “Isikhumulo sethu sisetshenz­iswa kakhulu izingane zesikole okungezona ezaseMsund­uzi ngakho zizothola incwadi evela esikoleni ezosetshen­ziswa.”

Uphethe ngokuthi izibulalim­agciwane zizobe zikhona ngaphambi kokungena lapho kuma khona izimoto kanti nezinqola zemphahla nazo zizohlanzw­a.

IMeneja yesifunda enkampanin­i i-Airlink, uMnu uShameel Deeplaul, ithe: “Isizathu esenza ukuthi siqale mhla ziyisi-6 kule nyanga ukuthi siyinkampa­ni asifunanga ukuxhamaze­la ngoba nakhu sesithole igunya lokusebenz­a kepha kumele silandele yonke imigomo singathath­i izindlela ezisheshay­o okungagcin­a kubeke abagibeli engcupheni.”

Lesi sikhumulo sinenkampa­ni eyodwa yezindiza okuyi-Airlink.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency / nguSiyetha­ba Mhlongo ?? IMeneja yase-Oribi Airport uNks uNontobeko Mofokeng
Isithombe: Igunundu Agency / nguSiyetha­ba Mhlongo IMeneja yase-Oribi Airport uNks uNontobeko Mofokeng

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa