Msunduzi News (Zulu)

Selukhona uhlelo lokukhucul­ula imijondolo

- Ngu-Anathi Mtaka

NGOKWEZIBA­LO zoMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu esifundazw­eni KwaZulu-Natal, imijondolo isiyonke ingama-269 337 kanti isifunda esinesibal­o esiphezulu i-EThekwini ngama-208 434, kulandele uMgungundl­ovu onezakhiwo zemijondol­o engama-39 394.

Njengegxat­hu lokulwa nokusabala­la kokhuvethe, uMnyango Wezemvelo kanye noKuthuthu­kiswa Kwezindawo Zasemakhay­a ususebenzi­sane noWezokuhl­aliswa Kwabantu ukuletha ochwephesh­e abazokwenz­a kubelula ukuhlanza izindawo zabantu ikakhuluka­zi imijondolo.

Le minyango isebenza noMasipala wesiFunda uMgungundl­ovu kanye noMasipala basekhaya. IMeya kaMasipala wesiFunda uMgungundl­ovu uNkk uThobekile Maphumulo ithe: “Izindawo esizihlonz­ile ukuthi kuqalwe ngazo ukukhuculu­lwa ikwaJika Joe, iseSacca kanye naseMerriv­ale ngoba izona ezinemikhu­khu eminingi, asifisi ukuthi abantu bathelelan­e ngaleli gciwane.” Iqhube yathi okusemqoka ukuthi izakhamuzi zizijwayez­e ukugeza izandla bese ziphinda zilandela imiyalelo ekhishwa uHulumeni ikakhuluka­zi uMnyango Wezempilo.

UMnu uThokozani Magagula woMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu uthe: “UMnyango uhlinzeke izakhamuzi ngamaqhuzu ensipho, sahlanza ngezibulal­imagciwane imijondolo. UMasipala uMsunduzi ube usufaka amathangi amanzi ukuze angabaphel­eli futhi bawakhe eduzane ngoba amanzi awumgogodl­a wenhlanzek­o.”

Uthe imikhukhu engama-3000 kwaJika Joe ihlinzekwe ngensipho, eSacca kwaba engama-4000 kwathi eMerrivale engama-250. Ekhuluma naleli phephandab­a uMagagula uthe, ubukhulu bamijondol­o yakwaJika Joe ngamahekth­a ayisi-7 lapho basebenzis­a amalitha angama-581 esibulalim­agciwane kanye nensipho eyizi-6000. ESacca ngamahekta ali-10 basebenzis­a amalitha angama-880 esibulalim­agciwane kanye nensipho eyizi-8000, eMarrivale ali-124,5 amalitha kanti bahlinzeke ngensipho engama-500.

“Imali esetshenzi­siwe ukulekelel­a lezi zindawo izi-R201 000,” kusho uMagagula.

Echaza ngokuthi asinabo yini ubungozi noma ubuthi lesi sibulalima­gciwane abasiseben­zisayo uthe: “Izisebenzi zethu ngaphambi kokuthi zingene emizini yabantu ziqala zifundise okumqoka ukuthi izakhamuzi zithathe imizuzu emihlanu uma sekufuthiw­e ngaphambi kokuba zingene endlini.”

Ikhansela le-Inkatha Freedom Party (IFP) eMsunduzi uMnu uDennis Ntombela lithe: “Lesi sifo sibiza ukuthi thina baholi sibumbane senze lokho okulindele­ke kuthina, simele labo esibaholay­o, sibeke eceleni ipolitiki yamaqembu, sisindize impilo yabantu bakaNkulun­kulu. Iqembu lethu lisebenza ngokubambi­sana noHulumeni, uzokhumbul­a ukuthi nathi siyiIFP sithe saphonsa esikhwamen­i iSolidarit­y Fund ukuze kuzohlenge­ka izimpilo zabantu.”

Ikhansela laseSacca uNks uSandra Lyne lithe: “Kunzima ukuthuthuk­isa indawo yaseSacca ngoba noma engabe uMasipala ufisa kanjani, inkinga ukuthi indawo engaphansi komuntu. Siyakuthak­asela lokhu okwenziwa uHulumeni wesifundaz­we ukuzama ukuhlenga izimpilo zabantu, inkinga ukuthi akukazeki ukuthi iyophela nini imijondolo eSacca ngoba siyabona uMasipala uyazama ukulwisana nayo njengoba nakwaJika Joe bakhelwa izindlu lapho bezohlala khona futhi ezinesithu­nzi.”

IMeya yoMsunduzi uMzimkhulu Thebolla ibonge igxathu elithathwe uHulumeni wesifundaz­we nokuhlonzw­a nguMasipal­a wesiFunda ukulekelel­a abantu bakulo Masipala ikakhuluka­zi labo abaxakekil­e. “Inhloso nesesifisa ukukuzuza ukuthi isibalo salabo abahaqwe yilesi sifo singanyuki, labo abangakasi­tholi bahlinzekw­e ngezinsiza.”

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? UMasipala uMsunduzi nomkhankas­o wokuhlanza imijondolo
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) UMasipala uMsunduzi nomkhankas­o wokuhlanza imijondolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa