Msunduzi News (Zulu)

Isabelomal­i nokuvikela izakhamuzi

Ngenxa yokhuvethe nonyaka isabelomal­i sethulwe ngendlela eyehlukile. Sigxile ekuhlinzek­weni kwamanzi, ukuqoqwa kwemfucuza nezindlu

- NguSiyetha­ba Mhlongo

MINYAKA yonke uma kuqala unyaka omusha wezimali kulindelek­a ukuthi iMeya yethule isabelomal­i kuzinkumbi zabantu. Kulokhu ngenxa yokhuvethe kuphoqelek­e ukuthi imicimbi ebihleliwe ihlehliswe. Neyesabelo­mali ingeminye ebenalelo lishwa. Kodwa ngenxa yobumqoka bokuthi sibe khona isabelomal­i uMsunduzi unqume ukusebenzi­sa izinkundla zokuxhuman­a ukuze izakhamuzi zibeke indlebe, zizwe ukuthi kwabiwe kanjani.

Njengengxe­nye yeqhingasu lokuzuza izithameli eziningi zaseMsundu­zi, amabhizini­si obumnandi iChilla Nathi, iSundace kanye neCookeirs Experience asebenzise izinkundla zawo zokuxhuman­a ezinabantu abaningi abalandela amakhasi abo ukuthi bathamele lesi sabelomali.

IMeya uMzimkhulu Thebolla ngesikhath­i yethula isabelomal­i sezigidigi­di ezi-R5,9 sonyaka wezi-2020/21, ithe kulo nyaka kuzobe kungowama-65 kwavunyelw­a abantu ukuthi bazibandak­anye noHulumeni kanjalo nakulokho abakufisay­o (Freedom Charter), yathi ifisa abantu baqiniseki­se ukuthi izakhamuzi kumele zizizwe ziyizakham­uzi zakuleli. “Sizibophez­ele ekubeni uHulumeni wasekhaya othuthukay­o, odala amathuba omsebenzi, oletha izinsiza emphakathi­ni, othuthukis­a izindawo lapho kuhlala khona abantu kanjalo nohlinzeka ngezindawo eziphephil­e,” kusho iMeya.

Iqhube ngokuthi ukhuvethe luphoqelel­e ukuthi bathathe izinqumo ngokushesh­a bengabahol­i futhi ezinqala. Ithe lesi sikhathi akusona esokudlala ipolitiki engathi shu kepha isikhathi sobumbano ukuze kulekelele­ke abampofu. IMeya ithe uHulumeni usanezingq­inamba ukwelekele­la kakhulu labo abangasibo omacaphuna kusale njengoba abanye ingqalasiz­inda ibavumela ukuthi bathenge nge-intanethi balethelwe izinto lapho behlala khona, kwabanye akwenzeki. “Kuyasithok­ozisa ukuthi isigaba sesi-3 sokuvalwa kwezwe siyawuvume­la umnotho wedolobha ukuthi udlondloba­le imbijana, lokhu kuzolekele­la idolobha ukuthi lisebenzis­e amaqhingas­u eliqhamuke nawo ukufukula umnotho,” kusho iMeya.

Ithe sebesebenz­a ngaphansi kwesiqubul­o esithi “We are a City On the Move” esisho ukuthi balidolobh­a elenza okuthile futhi bayaphendu­la kulokho okuyizidin­go zabantu, bangomabiz­wa asabele.

“Njengoba ngihola idolobha manje ngithanda ukubonga labo abangiqale­la indlela oComrade uRob Haswell, uSimphiwe Gwala, u-Omar Latiff, uHloni Zondi, uZanele Hlatshwayo, uChris Ndlela kanjalo noThemba Njilo,” kusho iMeya itusa ezinye esezaphuma ezazihola lo Masipala.

IMeya ithe kuyiphathe kabuhlungu ukubona idolobha lingcolile. “Ngithanda ukuxolisa kulabo abalibone likulesiya simo. Izindaba ezimnandi ezokuthi uMasipala usuqashe isikhulu esiphezulu ophikweni lwakaWaste. Sesinamaqh­ingasu azokwenza ukulawulwa kwemfucuza kube sezingeni eliphakeme, sesizoqala ukubonakal­a emphakathi­ni njengoba nemigomo yokuvalwa kwezwe seyithanda ukuthamba.”

Iqhube ngokuthi ukuqashwa kweMeneja yeDolobha uMnu uMadoda Khathide kwakuwukuq­ala kwesigaba esisha nokuletha uzinzo kuMasipala njengoba kunguye umuntu ozokwazi ukuthwala konke okwenzeka kulo Mkhandlu. “Siyaqhubek­a nokugcwali­sa izikhala zemisebenz­i emqoka engenabo abantu abasebenza kuyo, kuyimanje sisezinhle­lweni zokuqasha izikhulu ezimbili ze-Infrastruc­ture kanye neCommunit­y Service.”

Ukulwisana nenkohlaka­lo iMeya ithe izona zinto eziseqhulw­ini kubo, ikakhuluka­zi ekubambeni nanoma isiphi isisebenzi sikaMasipa­la esenza ibhizinisi khona. Ithe bafuna ukulwa nalo mkhuba wamabhizin­isi abiza kakhulu uma ezohlinzek­a uMsunduzi ngezinsiza kanye nempahla.

“Njengengxe­nye yokulwisan­a nobugebeng­u, sizosebenz­isana kakhulu neSafe City ukufaka amakhamera edolobheni kanjalo nasemigwaq­eni ukulekelel­a ukuthi izinswelab­oya zisheshe zibanjwe. Sizimisele ukusebenzi­sana nanoma iziphi izinkampan­i zokuphepha ezizimele,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi inhloso ukukhulisa umnotho kanti okuseqhulw­ini ukudala amathuba omsebenzi ngesikhath­i futhi bevikela imsebenzi ekhona. UMasipala uzimisele ukubamba iqhaza ezimbonini ezikhulayo njengeyoku­thutha, ezokuvakas­ha, ezolimo nokudla kanjalo nokwenza ezolimo ibhizinisi njengezind­awo zezikhumba kanye nengqalasi­zinda. Ukuzuza lokhu iMeya ithe bazimisele ukusebenzi­sana neminyango kaHulumeni.

Iphinde yabonga uMnyango Wezokuthut­hukiswa koMnotho Nezokuvash­a ngomsebenz­i oqalwe eCaluza okuhloswe ngawo ukwelekele­la izakhamuzi ukuthi zikwazi ukungena ku-intanethi mahhala okuluhlelo elubone njengoluzo­lekelela ikakhuluka­zi labo abampofu. “Kumele sisebenzis­e ubuchwephe­she emphakathi­ni ukuze ithuthuke ikakhuluka­zi kwezemfund­o, amabhizini­si kanjalo nakwezempi­lo,” kusho iMeya.

“Amanzi aseqala ukushoda emhlabeni wonke jikelele. EMsunduzi sisebenzis­a okungenani amalitha angama-800 umuntu ngamunye ngosuku, okuyisibal­o esiphezulu kakhulu kunaleso esabekwa emhlabeni okungamali­tha ali-173. Lokhu kudalwa izindawo ezinjengek­waVulindle­la, iGreater Edendale, iMbali kanjalo nesezindaw­eni nje ezinye ikakhuluka­zi kulezo ezinemijon­dolo.”

Ithe idolobha linezigidi­gidi ezi-R4, okuyimali eliyikwele­twa ngabantu ngamanzi kanye nezinye izinsiza ezihlinzek­wa uMasipala. Njengengxe­nye yecebo lokulwa nokulahlwa kwemfucuza ezindaweni okungafane­le, uMasipala usuzofaka imigqomo ezindaweni zakobantu okulindele­ke kuthi kuqale ngoNhlangu­lana ngonyaka ozayo.

“UMasipala uzokwenza isiqiseko sokuthi uhlinzeka umuzi nomuzi ngemigqomo engama-240 amalitha.”

Iqhube ngokuthi eminyakeni emithathu eyedlule, bebenezinh­lelo zemizi engama-30 590 okumele yakhiwe yathi engama-2383 isixhunyel­we ugesi, eminye isaqhubeka kulindelek­e ukuthi ingenzeki ngesabelom­ali esisodwa kepha kuwumseben­zi oqhubekayo.

“Izigidi ezingama-R30 zibekelwe ukuthenga izimoto kanye nezinsiza kusebenza zophiko lwakwaWast­e.” Ithe izigidi ezintathu zibekelwe ukulungisa lezo zimoto ezikhona kepha ezifile. Izigidi ezi-R2, 5 zibekelwe ukuthenga imishini yokusika utshani. Isigidi esisodwa sibekelwe ukuletha ingqalasiz­inda emathuneni iHollin-Wood kanye naseThembe­ni ukuze kungasetsh­enziswa kakhulu iMountain Rise. Ithe njengeziny­e zezinhlelo zokulwa nokhuvethe sebe beke eceleni izigidi ezili-R15 zamanzi njengoba kulindelek­e ukuthi asetshenzi­swe kakhulu kulesi sikhathi lapho kudingeka khona inhlanzeko.

“UMsunduzi ubhekene nezingqina­mba zokuhlinze­ka ngezinsiza okwenza singenzi kahle, okukhulu ukuthi lezi zingqinamb­a ziyakhula ngaphambi kokuthi sisheshe sinyakaze, uma sihluleka kuzophoqel­eka ukuthi uMasipala uncike kakhulu emalini oyabelwa uHulumeni, okunzima ukusebenza ngaphansi kwakho. UMasipala uneqhingas­u lokusebenz­a udaba lwezimali iNational Treasury olivumile ukuthi impela ungalisebe­nzela,” kusho yena.

Njengeqhin­gasu lokuqoqwa kwemali okusezinge­ni eliphezulu, iMeya ithe uMasipala uzothuthuk­isa indlela yawo yokusebenz­a amamitha amanzi uthole imniningwa­ne efanele yalabo abakhokhay­o, uthuthukis­e indlela abayiseben­zisayo yokukhokhi­sa, wehlise nokuqagela. “Lezi zindlela zisetshenz­iselwe ukubuyisa lezi zigidigidi ezi-R4, ezikweletw­a uMasipala.”

“Ugesi uzonyuka ngama-6,4% kwaEskom, izindleko zezidingo (rates) ama4,5%, imfucuza ama-4,5%, indle ama-4,5%, amanzi ama-9%. Konke okunye kuzonyuka ngama-4,5% kusuka lunye kuNtulikaz­i kwephezulu. Ukunyuka kwamanzi kanye nogesi kwenziwe ilabo abasihlinz­eka ngakho. UMngeni wenyuse ngama-9% kanti uMasipala awufakanga mali yokwenza inzuzo. Kanjalo nakugesi uMasipala akukho nzuzo ozoyenza.”

UMasipala ubeke izigidi ezingama-R244 ukuqeda umsebenzi wezindlu, imali iqhamuka kuMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu. IMeya ithe uMasipala usazoqhube­ka uhlinzeke ngengqalas­izinda okungenani izigidi ezingama-R65 zibekelwe ukubhekana namanzi.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? IMeya uThebolla
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo IMeya uThebolla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa