Msunduzi News (Zulu)

Ukhuvethe: Kulokhu singabahol­i sonke, asibambisa­ne

-

KUVAMILE ukuthi uma abantu bekhuluma ngamakhans­ela bathi bakhuluma nabaholi noma nobuholi babo. Ngaphansi kwenqubo yedemokhra­si le nkulumo ayimi ngoba vele njengamalu­ngu omphakathi nasiqokela ukuthi sihole kepha okukhulu kakhulu ukuba sibe yizisebenz­i zenu. Nokho esikhathin­i esiphila kuso ngaphansi kokhuvethe kuyafika kimi ukuthi sonke singabahol­i.

UMengameli wezwe uRamaphosa ethula isigaba sesithathu izwe elabe lingena kuso, kule nkulumo ngaphansi komthetho olawula zinhlekele wakhuluma wajula lapho ethi konke “kusezandle­lni zethu”.

La magama angikhumbu­za lawo ashiwo ngumholi wethu nowayenguM­engameli wethu wokuqala ngaphansi kwedemokhr­asi uMandela omude ngesikhath­i ethula ukuthi usezoshenx­a emsebenzin­i wansukuzon­ke. UMandela wathi konke sekusezand­leni zethu ukuba siqhube umzabalazo yena nesizukulw­ane sakhe ababesekha­leni lawo nabo bewuthatha kwabadala.

Kusuka kuqala ukutholaka­la kwegciwane lokhuvethe (COVID -19) kuleli uHulumeni wethu ngaphansi koholo lukaRamaph­osa ukwenze konke ukwakha izinhlaka zokuvikela ukubhebhet­heka kwalesi sifo. Wenze lukhulu ukufundisa kabanzi ngaso, khona lapho wenze lukhulu ukuzama ukuqoqa izimali zokulekele­la izakhamuzi nemikhakha eyahlukene ezweni nemi ngaphansi kwegcindez­i yezomnotho. Ungowokuqa­la uHulumeni ukuvuma ukuthi ngenxa yokujula komgodi lokhu asekwenzil­e akwanele.

NjengoMasi­pala silandela uholo lwakhe uMengameli uRamaphosa noNdunanku­lu wakwaZulu-Natal senza konke okusemandl­eni ukuba abantu baphephe, amabhizini­si asebenze ukuze umnotho ugeleze.

Namuhla sibhekene nenselelel­o engadingi abaholi kuphela kepha edinga namalungu omphakathi. Sidinga wena njengesise­benzi soMkhandlu ukuthi wenze ngawo wonke amandla onawo ukulekelel­a ukuba siphume kulo mgodi esikuwo.

Ukunikezel­a kukaMasipa­la ngezidingo akungafada­lali ubhekile ngoba uma kunjalo kusho ukuthi sonke sizoba sobishini. Kuwe njengelung­u lomphakath­i elingumzal­i kusezandle­ni zakho ukuba uqinisekis­e ukuthi emndenini, emphakathi­ni nasemseben­zini uvikela abaseduze kwakho ukuze bangangenw­a yilesi sifo.

Lolu holo engikhulum­a ngalo aludingi iziqu noma izikhundla kepha ludinga isakhamuzi esingagcin­i nje ngokwazi ilungelo laso kepha nesikwaziy­o okumele sikwenze ukuze izwe livikeleke. NjengeMeya yenu ngiyazi ngikhulume­la uHulumeni wethu wendawo uma ngithi siyakuding­a ukubambisa­na nawe ukwenza kwenzeke.

Siyakuding­a njengoba nawe usidinga. Ingozi yokungahla­ngabezani yikuthi sonke sizobhubha. Ngishilo ngesikhath­i ngethula umbiko wezinsuku ezili-100 ngoZibandl­ela nyakenye ukuthi sonke siphakathi nolwandle, sisemkhunj­ini owodwa.

Kithi akekho okumele acabange ukuthi uma umkhumbi lo uzika yena yedwa uyosinda.

Asilekelel­ane siphume kule ngozi esikuyo ukuze sibe nethuba lokuxoxa emva kwendaba ngalokho okumelwe kwenziwe ukugwema okufanayo ngomuso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa