Msunduzi News (Zulu)

UMsunduzi uvivile ngokuvula imitapo yolwazi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

SELOKHU kuqubuke ukhuvethe kuphoqelel­e ukuthi kushintshe indlela yokusebenz­a nendlela izinto ezenzeka ngayo ezinhlaken­i ezahlukene.

Nanoma lisavaliwe izwe kepha kuneminye imikhakha eyisidingo okumele ivulwe.

Njengoba isivuliwe enye ingxenye yezikole, abafundi kumele benze imisebenzi yesikole. UMsunduzi umi ngomumo ukwamukela abafundi. ISikhulu semitapo yolwazi eMsundizi, uMnu uMandla Ntombela, ulandisa ngezinto abazenzile ukuze kube nokuphepha emitapweni yolwazi kulo Masipala.

UNtombela uthe emitapweni yolwazi ayiqaphile eMsunduzi bami ngomumo ukuthola umyalelo kuMnyango Wezobuciko Namasiko kanye naseMkhwan­dlwini. “Sesilungis­e zonke izinto kusukela kuzivikeli, ideski ngalinye linesibula­limagciwan­e. Izivikeli esinazo zingasilon­doloza okungenani izinyanga eziyisi-8,” kusho uNtombela.

Uqhube ngokuthi isisebenzi ngasinye sizoba nesibulali­magciwane kuyo yonke imitapo yolwazi engaphansi kukaMasipa­la uMsunduzi.

UMsunduzi unemitapo yolwazi eli-11 ezindaweni ezahlukene kuthi emithathu ibe ngomahamba nendlwana ehambela ezikoleni kanye nasemakhay­a abadala. “Imitapo yolwazi yethu ilinde umyalelo kuNgqongqo­she woMnyango Wezobuciko Namasiko ngoba ayenganyel­we uSALGA kuphela kodwa uma uMkhandlu uthi asivule sizovula. Ngokwethu besibheke ukuthi sizovula uma kuqala uNtulikazi,” kusho uNtombela.

Uthe okunye abazobe benakho umhubhe (tunnel) wesibulali­magciwane. “Kusetshenz­iswe enye ikhemikhal­i ongakwazi ngisho nokudlulis­a ukudla kwakho kuyo kungakugul­isi, lokho kuhlolwe uMnyango Wezempilo. Sikwenzisw­e ukuthi sifuna ukuqinisek­isa ukuthi sizobe sikwazi ukulawula abantu abangena lapha futhi bangathele­li izisebenzi,” kusho yena.

UNtombela uthe kuzoba nezinguquk­o ngomthamo wabantu abazokwazi ukungena kumtapo wolwazi, lokhu okwenziwa ukuthi ezinye izihlalo zisusiwe ngoba bafuna abantu bahloniphe umyalelo wokuvulwa kwegebe phakathi kwabantu.

Uqhube ngokuthi kulabo abazobe befunda behleli phansi njengoba kukhona indawo eyakhelwe lokho, onogada abazobe beqaphile sebekuqeqe­shelwe lokho.

Uthe kuzobe kunezisebe­nzi ezihlola amazinga okushisa kuwo wonke umuntu ozosebenzi­sa imitapo yolwazi.

Uzwakalise ukuthi izakhamuzi zizohlolwa uma zingena kodwa isisebenzi sinelungel­o lokuthi sitomule umuntu sifune ukubheka ukushisa kwakhe. Uthe usazama ukuhlola ukuthi bangawutho­la yini umshini ozokwazi ukuhlonza umuntu onokushisa okungaphez­u kwama-38ºC uveze ubuso bakhe.

“Asinalo inani labantu esithi bazongena ezakhiweni ngoba kujwayelek­e abangama-50 kodwa isakhiwo sethu sikhulu futhi sivuleleke ngokwanele phezu kwalokho abantu uma besebenzis­a imitapo yolwazi basebenzis­a izindawo ezahlukene kepha akusezofan­a nakuqala manje isibalo sesizokweh­la. Sizosebenz­isa ukuthi ofike kuqala nguye ozongena futhi akazokalel­wa isikhathi ngoba sikholwa ukuthi umuntu oya emtapweni wolwazi usuke enesidingo mhlawumbe omunye uyobhalela ukuhlolwa kwakhe,” kusho yena.

Uthe uma umuntu engena emnyango uzothola ithikithi elizobe limkhomba lapho okumele aye khona ukuqinisek­isa isibalo sabantu kulelo gumbi. UNtombela uveze ukuthi abantu abayozifun­dela izincwadi kanjalo nalabo aphethe izincwadi zabo abafuna ukuhlala phansi basavumele­kile kepha kusazosebe­nza ukuthi ngubani ofike kuqala ngoba ngeke izakhiwo zisamumath­a umthamo wabantu abebejwaye­le ukungena.

Ethinta udaba lokubuya kweziseben­zi uNtombela uthe: “Okokuqala sizobheka ukuthi labo abagulayo banakugula kuni silekelelw­a uphiko i-Occupation­al Health njengomunt­u ophathwa izinyawo ukhuvethe aluhambisa­ni nezinyawo kodwa onesifo esihlobene nokuphefum­ula njenge-asthma asikwazi ukuthi simbuyise emsebenzin­i.”

Uthe zonke izinto ezihlinzek­wa yimitapo yolwazi zisazoqhub­eka zitholakal­e kepha kukhona abazokuqap­ha njengezise­benzi zemitapo yolwazi engomahamb­a nendlwana abahambela imphakathi­ni njengoba kumele kuhlolwe ukuthi amanzi banawo yini.

“Izisebenzi eziya emakhaya abadala njengoba kusanemibi­ko ethi abantu abaneminya­ka yobudala engaphezu kwama-60 yibo abasengozi­ni kakhulu yokuhaqwa ukhuvethe ngeke sizithumel­e kulezi zindawo ngoba kumele sibavikele,” kusho yena.

UNtombela uthe uma sekuqale ukungena abantu inkampani ehlonziwe ukuthi ibulale amagciwane izokweqisa usuku bese iyafutha.

Umtapo wolwazi iBesie Head ingeminye yemihlanu eNingizimu Afrika eyiLegal Deposit Library, eminye eyilolu hlobo iBloemfont­ain Public Library eseMangaun­g, iNational Library of South Africa esePretori­a Campus neCape Town Campus, iNational Library for the Blinds eseGramhst­own neLibrary of Parliament esePhalame­nde eCape Town.

Umsebenzi weLegal Deposit Library ukuqoqa wonke zonke izinto ezishicile­lwe ezweni. Bonke ababhali kumele bathumele kuwo omahlanu imisebenzi yabo. IBesie Head inolwazi oluqala kunyaka we-1830.

Uma umbhali engabhala incwadi bese angayisi kule mitapo yolwazi angaboshwa futhi naye uma incwadi yakhe engayithol­i khona emuva kwesikhath­i ayihambisa unemvume yokubopha uMbuso. Lokhu kusho ukuthi lo mtapo wolwazi uphethe amagugu ezwe abuye angatholak­ali ngisho nakwezinye izifundazw­e. Okunye Izakhamuzi zaseMsundu­zi okumele ziziqhenye ngakho ukuthi uNtombela unguMengam­eli we-African Library & Informatio­n Associatio­n & Institutio­n okusho ukuthi emazweni angama-54 akhele izwekazi i-Afrika imitapo yolwazi yenganyelw­e uNtombela ophinde abe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa