UKhathide uthi uzoba ingxenye yesixazululo
NGENXA yesimo uMsunduzi okuso omunye umuntu angalindela ukuthi uma kuqashwa iMeneja yeDolobha ifike nezinguquko eziningi namaqhingasu azoguqula isimo kwesiyiso kube ngesingcono.
IMeneja yeDolobha, uMnu uMadoda Khathide, eqale kulo msebenzi lulunye kuMbasa kophezulu ithi: “Ngokujwayelekile uma ngizoba iMeneja kuMasipala ngivame ukuba namaqhingasu kodwa kulokhu akukho okusha engizofika nakho.”
Echaza ngala mazwi akhe uKhathide uthe labo abayizimeneja usebahlolile wathola ukuthi bayizisebenzi angathembela kuzo futhi azibonayo ukuthi zisezingeni eliphezulu, okwakhe ukubapha indlebe, bese befinyelela lapho bephokophele khona.
“Sivela lapho ungabheki izinkinga njengezinkinga kodwa ubheka izinkinga njengesixazululo, iyona ndlela ezosebenza lapha eMsunduzi ngoba izinkinga ezikhona uma ulandela zenziwe ngabantu, ngakho-ke ibona labo bantu abazofika nezixazululo,” kusho uKhathide.
Uqhube ngokuthi uMsunduzi uMasipala onabe kakhulu futhi onezinto eziningi ngakho akukwazi ukuthi kungaba nezinkinga zezimali yingakho ezosebenzisa labo abasebenzayo ukuthi bafike nezixazululo.
“Kungasiyona imali kuphela inkinga ngisho nokulawulwa kwemfucuza izinkinga ezenziwe ngabantu kanjalo nemigodi emigwaqeni ukuthi ingalungiseki ingenxa yokuthi kwenziwe ngabantu, ingakho kumele singalukhi phezulu kepha sibheke umongo wendaba nokuyilapho esiphokophele khona,” kulanda uKhathide.
Uthe uzobapha indlebe, abasondeze, babe nokumethemba nabo abathembe konke ukwesaba ababenakho ngaphambi kokuthi afike kuphele. “Ngizobe ngitheleka nje ezindaweni lapho besebenzela khona hhayi ukubabizela ehhovisi lami ngoba abakhululeki kuleliya hhovisi futhi uma ubuza imibuzo ukuleliya hhovisi kunezimpendulo ongeke uzithole,” usho kanje.
IMeya yathi ibheke okuthathu kuKhathide ngesikhathi engakaqali, ukuqoqa imali ekweletwa uMasipala, ukulungisa udaba lwemfucuza, ukubuyisa isithunzi nosiko lokusebenza kuzisebenzi. Kulokhu uKhathide uthi konke okuwumgogodla ukubuyisa isiko lokusebenza.
“Ukungathembani kwezisebenzi kwenza ukuthi lo Masipala usebenzele emuva, ngikusho lokhu ngoba umsebenzi wakwaMasipala uyanikezelana ngeke uwenze wedwa noma kube nolwazi olufihlile, ingakho kusemqoka ukuthi izisebenzi sibenze zithembane,” kusho uKhathide.
Uqhube wathi uzobe engena emahhovisi ngisho alabo abangezona izimeneja futhi engashongo noma bengamulindile, inhloso kuzobe kungasikhona ukuthola okubi abakwenzayo kepha ukwakha indlela yokusebenza futhi bazi ukuthi uma benezinkinga bangaxhumana naye.
UKhathide useke waba ikhansela kusuka ngowe-1996 waba ngusihlalo wamakomiti, waphinda waba ilungu lesigungu esiphezulu kuze kube unyaka wezi-2006. Ngaleso sikhathi esalikhansela wayenguthisha waphinda waba nguthishanhloko efundisa i-Accounting kanye neBusiness Studies. “Kusuka ngowezi-2006 ngaba sengisebenza kuMasipala iLadysmith lapho ngangiyiMeneja Enkulu ophikweni iLocal Economic Development. Kusuka ngowezi-2006 kuya kowezi-2012 benginguSekela weMeneja yeDolobha khona eLadysmith, ngowezi-2012 kuze kuba ngowezi-2017 ngaba iMeneja yeDolobha ngokugcwele. Kusukela ngowezi-2018 kuze kube imanje bengiyiMeneja kuMasipala iDumbe,” kusho uKhathide eveza umlando wakhe. Lokhu kusho ukuthi unesipiliyoni sobumeneja seminyaka eli-14.
Esengena odabeni lwezimali uthe emhlanganweni abe nawo nesikhulu sezezimali, uNkk uNelisiwe Ngcobo, uthe bayazikhipha izitatimende (bill) kubantu kodwa kulokho abakukhiphile bangama-40% abantu abakhokhayo.
“Uma ngilandelela kunenkampani eqashiwe ukuba ilungise ugesi, iyo eyalelwe ukuba icimele abantu ugesi, nginxuse uCFO ukuba kube nezisebenzi zikagesi ezintathu ezizosebenza ukucima ugesi, zibhekelele khona kuphela ngoba le nkampani ayizokubeka eqhulwini ukuba icime ugesi kodwa ukulungisa ugesi lapho kunenkinga khona ngoba vele inkontileka yayo isho njalo. Uma kungabethu sizokwazi ukukulawula futhi bazochaza kabanzi uma bengakwenzanga lokho abayalelwe khona,” kuchaza uKhathide. Uthi ngenxa yale midanti yingakho ethi kunezinkinga ezakhiwe ngabantu.
“Ngitholile ukuthi kunezigidigidi ezi-R4 ezihleli kubantu ngabona ukuthi ikhona imali eMsunduzi ngakho-ke mina angiyilande ngizoyisebenzisa. Imali engangesigidigidi esi-R1, okungeyamanzi kuzomele ngithambise inhliziyo ngoba ngeke ngiyithole futhi angifuni ukumosha imali kaMasipala ngiyise abantu ezinkantolo ngoba ngeke nginqobe ngenxa yokuthi abantu abaningi abakweletayo badla imbuya ngothi kodwa kunabathize engizobalandelela ukuthi bakhokhe ngoba banawo amandla okukhokha,” kuchaza uKhathide.
UKhathide uthe uyabahlinzeka ngemali ethile elekelela ukuthi kukhokheleke labo abadla imbuya ngothi, ingakho bezothi uma benza isabelomali bangathembeli kule mali ukuze bezokwazi ukuthi babe nesabelomali esiphilile futhi esizokwazi nokubasebenzela kodwa uneqhingasu elizocindezela izakhamuzi ukuthi zibhalisele ukungena ohlwini lwalabo okumele baxhaswe uHulumeni.
“Okumele kube seqhulwini kulo Masipala okwamanje ukuthi ukwazi ukukhokhela izikweletu zawo bese uba nemali ebekiwe yezinyanga ezintathu.”
Uthe labo abakweleta imali yezidingo abazihlinzekwa uMasipala uma kumele badayise izakhiwo abazidayise okufanayo nabamabhizinisi. Uthe uyazi ukuthi kuba nokwesaba ukuthi osomabhizinisi bazobaleka uma bempintshwa kodwa yena uyazi ukuthi ibhizinisi elenza kahle ilelo elikhokhela izikweletu zalo ngendlela, hhayi ogombela kwesabo, kunalokho uma behamba kuzofika abanye abaziyo ukuthi ibhizinisi lisebenza kanjani.
“Ngifuna ukubheka abantu abali-100 okuyibo abakweleta kakhulu uMasipala, yibo-ke labo engizobajaha futhi ngaphambi kokuthi ngibavulele kuzomele bakhokhe okungenani ama-60% wesikweletu sabo,” usho kanje.
UKhathide uphethe ngokuthi: “Ukugwenywa kokusetshenziswa kwemali kungenasidingo kusaqhubeka, imisebenzi ebisikhangisiwe ngisazoyibuyekeza ukuthi isemqoka kangakanani lokho ngizokwenza ngilawulwa umthetho iMunicipal Systems Act 60-61 lapho kubhekwa imisebenzi kaloyo onikwe igunya lokubhekelela izimali ngoba asikwazi ukukhangisa imisebenzi engekho bucayi futhi engeke isebenzele umphakathi.”