Okuthathu okubhekwe iMeya kuMphathi omusha
EMVA kwesikhathi eside kuneBamba leMeneja uNkk uNelisiwe Ngcobo, uMkhandlu usuqashe iMeneja ngokuphelele. IMeya uMzimkhulu Thebolla ithi okokuqala abakubona kusemqoka ngenkathi befika eMkhandlwini ngoNcwaba nyakenye kwakuwukuxazulula ukungaboni ngasolinye phakathi koMkhandlu neMeneja yangaleso sikhathi uMnu uSizwe Hadebe.
“Safika lapha sihlukana khona noMnu uHadebe sase siqala uhlelo lokuqashwa kweMeneja entsha ngoba lesi isikhundla esimqoka ukuthi singahlala singenaye umuntu obhekene naso ngqo.”
IMeya ithe mhla zingama-26 kuNhlolanja kophezulu uMkhandlu wathatha isinqumo sokuqoka uMnu uMadoda Khathide ukuba abe iMeneja yoMkhandlu entsha. “UMnu uKhathide ukwamukelile okubekwe etafuleni uMkhandlu.”
IMeya ithe ukuvalwa kweze kubaphoxile kodwa bayakuqonda ukubaluleka kwempilo, bebezimisele ngokuthi ethi efika uKhathide ebe efinqa imkhono ngoba bayamazi ukuthi uyindoda enamava. Iqhube ngokuthi uKhathide usake waba ikhansela, waba ilungu Lesigungu esiphezulu eMkhandlwini (Exco) kuMaspala waseMnambithi osubizwa nge-Alfred Duma manje, waba inhloko yophiko iLocal Economic Development, wakhuphuka waba iMeneja kuwo lo Masipala. Ube eseyosebenza kuMasipala iDumbe waba iMeneja lapho eqashwe uMsunduzi esesebenza khona.
IMeya ithi le nsizwa ngesikathi isazibambe e-Alfred Duma ngaphansi kobuholi bakhe bathole imibiko yokucwaningwa kwamabhuku emibili engenagcobho okuyenza inqabakutholwa yeMeneja KwaZulu-Natal.
“Enye yezinto eyenze sibone ukuthi usifanele lesi sikhundla ukuthi eNingizimu Afrika uMkhandlu onjengalona asebenza kuwona munye vo lapho kungekho qembu lezepolitiki elanqoba ukhetho ngowezi-2016, ngokwezibalo izihlalo ziyalingana ziyisi-8 amaqembu womabili ngesibalo samakhansela emkhandlwini.”
IMeya iqhube yathi ubuholi bakhe yibo obumenze wahluka kunalabo abebedlana nabo imilala ngesikhathi befuna lo msebenzi ngoba uMkhandlu waseDumbe awukaze ungasiphasisi isabelomali kanjalo nohlelo lwentuthuko oludidiyelwe (IDP).
“Ngaphansi kwezimo ezinjengezalo mkhandlu asebenza kuwo, uMasipala awukwazi ukusebenza kahle ngaphandle kokuthi kube neMeneja esezingeni eliphezulu, ekwazi nokuthi ihlanganise amaqembu ezepolitiki ahlukene, lokho akusho ukuthi siwubukela phansi umsebenzi weMeya yaseDumbe kodwa kuwuMsebenzi weMeneja ukweluleka amakhansela, ilokho okumenze wehluka kwabanye.
Iqhube ngokuthi ulindele ukuthi abhekane nezinto ezintathu uma esefika eMsunduzi. Ukulungisa isimo sezimali, ngaphansi kwalokhu ukuthi aqoqe imali ekweletwa uMasipala, ehlise izinga lokwebiwa kwezinsiza zomphakathi njengamanzi nogesi ilabo abangakwazi ukukhokha, ehlise nezinga labantshontsha ugesi, enyuse isibalo salabo okumele bahlinzekwe ngezinsiza mahhala uMasipala, aphinde akwazi ukuxhumela oqhiphukhowe ezindaweni zabadla izambane likapondo kodwa abangakaxhunyelwa ngendlela yokuthi noMasipala uhlomule.
Okwesibili udaba lokulawulwa kokulahlwa kwemfucuza. “Sinenkinga yokusha kweLandfill Site, enye yezinto eholele ekutheni ishe indlela ebilawulwa ngayo, ibingaphathwa ngendlela yokuthi ihlangabezane nokudingwa yile ndawo. Sifisa aqinise kulo msebenzi ebesiwuqalile njengoba sesiqoke inkampani ezolungisa iLandfill ukuthi ibuyele esimweni,” kuchaza iMeya. Sifisa asilekele sikwazi ukuthi sithole izinsiza ezizolekelela ukuthuthwa kwemfucuza ikakhulukazi emizini yalabo abakhokhayo bese kube ukuhlanzwa kwedolobha.
Okwesithathu ukukwazi ukubuyisa usiko lokusebenza ezisebenzini zikaMasipala.
“Ngokwamava anawo ngiyakholwa ukuthi uzokwazi ukubuyisa lokhu ezisebenzini ngendlela yokuthi zikulangazelele ukuvuka ziye emsebenzini zingavuki ngoba kuyinto okumele ziyenze. Izisebenzi kumele zazi ukuthi lokhu ezikwenzayo siyakubona futhi siyakuthokozela ukuze zizokwazi ukuhlinzeka umphakathi ngendlela efanele ngoba okumqoka ukuthi sikhonela izakhamuzi zaseMsunduzi,” kusho uMeya.