Msunduzi News (Zulu)

Iqhakaza kuMiss SA Inkanyezi yaseMsundu­zi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

INKANYEZI yaseMsundu­zi uNks uMatsepo Sithole (21) ohlala eMbali e-15 useqhakazi­se igama leNhlokodo­lobha emncintisw­aneni wozime noma onobuhle uMiss SA. Le nkanyezi inxusa amavoti kuzo zonke izakhamuzi zaKwaZulu-Natal njengoba imele isifundazw­e kulo mncintiswa­no osekusele kuwona izintokazi ezili-15.

“Ngaqala ukuthanda ukumodela ngisafunda ePietermar­itzburg Girls High ngingenela unobuhle lapho ngalala khona isibili (2nd Princess), ngangenela unobuhle wasenyuves­i nyakene, e-University of Pretoria. Ngonyaka odlule ngaphuma phambili ngaba uMiss Tucks Village,” kusho uMaSithole.

Uthe ubone ngonyaka odlule eqeda ukunqoba enyuvesi ukuthi kumele angenele uMiss SA wase eyawungene­la.

“Ayikho into etheni eyangigqug­quzela kepha kwaba umuzwa nje owangihole­la ukuthi ngingenele ngoba vele ngiyathand­a,” kusho yena.

Uqhube wathi unezinhlel­o anazo ukuqhakamb­isa iNhlokodol­obha nesifundaz­we. “Isifundazw­e sethu siyaziwa emincintis­waneni futhi sinabo abantu abanqoba imiqhudelw­anoo emikhuluka­zi yalapha eNingizimu Afrika njengoNoma owanqoba kuma-idols okungowala­pha eMsunduzi nami ngifisa ukuthuthuk­isa ukumodela kuleli dolobha lakithi nokuthi lo mkhakha uvikeleke futhi uhloniphek­e uphinde ubungazwe ngoba kukhona ukuthi ubukeleke phansi. Sibala abathwebul­i, abalingisi, ababhali osonkondlo kanye nabaculi ngifisa ukuthi labo bantu bathole ithuba lokuqhakaz­a, lokho kuzomele kuqale lapha kulesi sifundazwe sakithi,” usho kanje.

Uthe kuke kube nenkinga kubazali ngokuthi uma bezwa ingane ikhetha le mikhakha yezobuciko kube sengathi angakhetha enjengobum­eli, ubudokotel­a, ubuthisha noma ubuhlengik­azi. “Lokho kungiphath­a kabi ngoba ukunquma ukuthi into uyoyifunde­la kusuke kuyigxathu lokuqala lokufezeki­sa amaphupho akho futhi ngiyakholw­a ukuthi singabantu sinamaphup­ho ahlukene futhi sonke esifisayo ukuthi amaphupho nezifiso zethu kuqhakaze futhi kufezeke.”

UMatsepo uthe inkinga ukuthi lezi zingqinamb­a ziqala emphakathi­ni zize zingene emakhaya ingakho kunzima ukuthi abazali bakubone njengekusa­sa elizoqhaka­za nabangalif­isela izingane zabo. UMaSithole wenza unyaka wesine ezifundwen­i zomthetho eNyuvesi yasePitoli.

Uthi isifiso sakhe ngalo mkhakha ukuthi uhlonishwe njengoba ubukeleka phansi. Uthe eminye inabakhulu­meli kepha akekho oyizwi lonobuhle.

“Kumqoka ukuthi abantu balandele lokhu abakuthand­ayo. Ngifisa ukubona abantu bekwazi ukuphila ngamathale­nte abo. Ukhuvethe lubonakali­sile ukuthi lo mkhakha usabukelwa phansi kanjani futhi awuvikelek­ile,” kusho yena.

Uqhube wathi: “Izakhamuzi zingangivo­tela ngezindlel­a ezimbili, okokuqala uma usebenzisa iCredit Card uzongena kuwebsite yakwaMiss SA bese uyakutop 15, uzobona uhlu lwamagama bese uya kunombolo-8, uvotele uMatsepo, uyobe usvuka i-akhawunti lapho kudingeka i-email kanye nepassword, ube usufaka ukuthi uvota ngamalini. Uma usebenzisa imali noma ikhadi lase bhange ungaya ezitolo ezinkulu bese usho ukuthi uyovotela uMiss SA unombolo-8.” Ivoti ngalinye libiza- R5.00.

“Nginomyale­zo engifisa ukuwudluli­sela entsheni yakulesi sifundazwe. Kumele uzazi wena, wazi ukuthi ufunani, ngaphandle kokuthi uphumaphi, amaphupho akho asazofezek­a kuphela kumele uwaqhakamb­ise kodwa okumqoka ukuthi usebenze ukuze aqhakaze,” kusho yena.

Uphethe ngokuthi: “Ngithanda nokubonga umphakathi, abangivote­le kuze kube imanje nalabo abebefisa nabo ngiyababon­ga ukwazi ukuthi igama lalesi sifundazwe bafuna liqhakaze lokho kusho lukhulu kimi.”

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlala) ?? INDONI YAMANZI: UMtsepo Sithole oqhakazisa uMsunduzi kuMiss SA
(Isithombe: ngu-Andile Mahlala) INDONI YAMANZI: UMtsepo Sithole oqhakazisa uMsunduzi kuMiss SA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa