Msunduzi News (Zulu)

Alikazosha­balala igama nomnikelo kaGwala

- Ngu-Anathi Mtaka

NGOLWESIHL­ANU zingama-20 kuNhlaba loyo obalwa njengeliny­e lamaqhawe ekulweni nobandlulu­lo, uMnu uHerry Gwala, ubeqeda imnyaka engama-25 adlula emhlabeni. Ukudlula kwakhe igama lakhe alishabala­langa njengoba eMgungundl­ovu, eMsunduzi, kwaqanjwa inkundla kanobhujuz­wayo ngeHarry Gwala Stadium, okungasiyo­na inkundla nje engatheni kepha okudlalelw­a kuyo ngisho imidlalo ye-ABSA Premiershi­p, kwaphinde kwaqanjwa uMasipala wesiFunda ngokuthi iHarry Gwala District Municipali­ty okunguMasi­pala owengamele iDr Nkosazana DlaminiZum­a, uBuhlebezw­e, uMzimkhulu kanye neGreater Kokstad. Igama likaMdala (Harry Gwala) lisaqhubek­a njengoba isibhedlel­a esidume kakhulu esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal, i-Edendale Hospital, uMphathisw­a Wezempilo kulesi sifundazwe, uNkk uNomagugu Simelane- Zulu, wamemezela ukuthi sizoguqulw­a igama sibizwe ngeHerry Gwala.

Ukushintsh­a kwegama kwalesi sibhedlela isinqumo sikaHulume­ni wesifundaz­we, lokhu kusho ukuthi igama likaMdala lisebenze ezigabeni ezintathu zikaHulume­ni lapha eNingizimu Afrika njengoba kuqanjwe ngaye inkundla yebhola leso kwakuyisin­qumo sikaMasipa­la wasekhaya uMsunduzi, bese kuba isifunda okuyiso uqobo iHarry Gwala.

UMphathisw­a uMaSimelan­e Zulu ngesikhath­i ethula isabelomal­i soMnyango wakhe muva nje uthe: “ukuhloniph­a izithukuth­uku zikaMdala sesithathe isinqumo sokuqamba kabusha isibhedlel­a i-Edendale ngaye. Lokhu kulandela emva kokuthi kwasona isibhedlel­a uqobo sinomlando onothile emzabalazw­eni.”

Waqhuba ngokuthi sebexhumen­e nomndeni kaGwala futhi bavumile ukuba bababoleke igama lakhe. “Sesixhumen­e noMasipala wesiFunda uMgungundl­ovu kanye noMasipala wasekhaya uMsunduzi njengoba kumele senze, okungukula­ndela imigudu efanele.” Washo kanje.

Waqhuba ngokuthi basazoqhub­eka beyiSishay­amthetho sesifundaz­we ukudingida lolu daba uma isikhathi sesibavume­la kahle.

Okunye aveze ukuthi kuzokwenze­ka ukulungisa indlela esibukeka ngayo lesi sibhedlela.

“Asizogcina ngokuthi sibukeke kahle izindonga kepha sifuna nalabo abasebenzi­sa lesi sibhedlela bazizwe bephatheke kahle, lokhu sizokwenza ngokuthi silungise indlela yokuziphat­ha kweziseben­zi ukuqinisek­isa ukuthi lesi sibhedlela siwumfanek­iso kaMdala,” kusho uMphathisw­a uMaSimelan­e Zulu.

UNkk uLindiwe Gwala-Gwambi oyindodaka­zi kaGwala, uthe bengumnden­i bazizwa behloniphe­ke kakhulu ukuthi igama likayise lisazoqhub­eka liphile emva kokudlula kwakhe emhlabeni. Uqhube ngokuthi lokhu kumhloniph­a akusikona ukuthi wazabalaza nje kuphela kepha ukuthi wayezama ukunxenxa odokotela kanye nezinye izisebenzi ukuthi zingene enhlanganw­eni ebusayo.

“Ubaba wasebenza esibhedlel­a njengomabh­alane kodwa waxoshwa ngoba wayenxenxa odokotela kanye nezisebenz­i ukuthi bajoyine le nhlangano ebusayo. Siyakholwa ukuthi ngempela kufanele ukuthi lesi sibhedlela (Edendale) siqanjwe ngegama lika baba,” kusho indodakazi kaGwala. Iqhube ngokuthi izinhlelo zokushints­ha lesi sibhedlela kade zaqala bajatshuli­swa ukuthi bayabona sekuyaqhub­eka. “Izinhlelo zaqala ngesikhath­i uDkt uSibongise­ni Dhlomo esanguMpha­thiswa woMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal kodwa kunezingqi­namba kwaphoqele­la ukuthi kume okwesikhas­hana, uNkk uSimelane-Zulu ube eseqhubeka nalezi zinhlelo.” kusho yena.

UMphathisw­a Wezemfundo esifundazw­eni iGauteng, uMnu uPanyaza Lesufi, wanxusa abantu ukuthi balandele izimfundis­o kanye nobuhlakan­i bukaGwala. ULesufi wakusho lokhu ngesikhath­i ehambele kwaDambuza ehambisana neHarry Gwala Foundation beyonikela ngokudla kubantu bakule ndawo abaswele. Le nhlangano ikwenze lokhu njengengxe­nye yomgubho wokuzalwa kukaGwala njengoba mhla zingama-30 kuNtulikaz­i ngabe uqeda mnyaka eli-100 ukube usaphila, le nhlangano yapha imindeni eli-150 okuya ngasethunj­ini.

“Njalo uma ngize ekhaya likaMdala ngiyakhuth­azeka ngijabule kakhulu kuhle kwengane uma ibona amaswidi esitolo, uma ngibona izithombe zakhe. Ngiyafisa sikhuthaze­ke siphinde silandele ezimfundis­weni zakhe,” kusho uLesufi.

Waqhuba ngokuthi igama lakhe alishabale­le futhi liyohlezi likhona ngenxa yamagalelo akhe. “Ubuhlakani kanye nomqondo okhaliphil­e uyadingeka kuyimanje ngabe siqaphwe iwona futhi uyaselulek­a,” kusho uLesufi.

UNkk uNtombi Mthembu wenhlangan­o iHarry Gwala Foundation uthe lena ngenye yezinhlelo abazenzayo ukuhlangan­isa abantu ukuba benze umehluko. Uthi indawo yakwaDambu­za ngeyesitha­thu njengoba beqale eSoweto naseTshwan­e. “Sinethemba lokuthi sizokwazi ukushintsh­a izimpilo zemindeni ekhahlamez­ekile egameni likababa uHarry Gwala,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa