Ukuhlanzeka ezindaweni zomphakathi kuzokwenza isizwe esiphilile - uMhlongo
EZINSUKWINI ezili-17 efikile eMsunduzi ukuthi aqale umsebenzi wokuba isikhulu esiphezulu ophikweni lwakwaWaste, uMnu uWilson Mhlongo usefike wafinqa imkhono ezisebenzini zalolu phiko ukuze kusizakale umphakathi waseMsunduzi. UMhlongo uqale ngesikhathi lapho uMengameli ememezele ukuba kume ukusebenza ngokwejwayelekile kwezwe ngenxa yokhuvethe. Ufike ephuma kuMasipala iKwaDukuza eyisikhulu salo lolu phiko.
Uthi asikho isidingo sokuthi kume ukuhlanzwa kwedolobha kanye nezindawo zasemakhaya ngalesi sikhathi.
UMhlongo echaza ngesinqumo sokuthi phezu komkhono ezisebenzini zalolu phiko uthe: “Sihlonzwe njengophiko olumqoka ngaphansi komthetho iLabour Relation Act ethi lusemqoka (uphiko) uma kubhekwa ukuhlanzwa kwezwe kanye nemvelo.”
Echaza ngalokhu uthe njengoHulumeni wasekhaya banikezwe umsebenzi wokuhlinzeka ukuqoqwa kwemfucuza emphakathini, ukuhlanza idolobha, ukuhlanza izindawo okulahlwa kuzo imfucuza ngokungemvume kanjalo nokuhlanza izindlu zangasese zomphakathi. Echaza ngodaba lokuhlanzwa kwezindlu zangasese, uthe ingoba noma engabe izwe livaliwe kodwa kukhona okumele babe sedolobheni okufanele baluthole usizo uma bedinga izinsiza kanjalo nokwelekelelwa ngalokho abakufisayo.
“Lokhu kuvalwa kwezwe kuvulele ithuba lolu phiko ukuthi lufake izinhlelo ezinqala ukuthi zisebenze futhi kubonakale ukuthi ngabe ziyasisebenzela yini lezo zinhlelo esinazo nesithi sifuna ukuzisebenzisa, sisho ngokuhlanza imigwaqo edolobheni, ukuhlanza lapho okulahlwa khona ngokungemvume kanye namaqhingasu azonqanda ukuthi lokhu kungaphinde kwenzeke kungaba isedolobheni noma ezindaweni lapho kuhlala khona abantu,” kuchaza uMhlongo
Uqhube ngokuthi baphezu kwamaqhinga azofika nezinguquko ezinhle ngokulawulwa kwemfucuza kungaba ukuqoqwa, ukuhanjiswa nokulahlwa kwayo. Ngaphansi kokuqoqwa kwemfucuza kunamaqhinga asesigabeni sokuthi asebenze azoqinisekisa ukuthi impela imfucuza izoqoqwa ngendlela kubantu.
“Sihlose ukulandela nalabo abangakukhokheli ukuhlinzekwa kwezidingo zokuqoqwa kwemfucuza khona sizoqinisekisa ukuthi uMsunduzi wonke uhlanzekile, isibonelo nje kunezindawo zabantu ezingakhokhi kodwa sizobalandela ngaphansi kohlelo lalabo abangasibo omacaphuna kusale. Ingakho sikhuthaza umphakathi ukuthi ubhalise kuMasipala ngaphansi kohlelo i-Indigent Register khona sizokwazi ukuthi sithole imali kuHulumeni ukuze sikwazi ukubahlinzeka ngezinsiza ezisezingeni eliphezulu, lokho sikwenza ngohlelo ifree basic refuse collection service as per equitable share,” kuchaza uMhlongo.
Uthe inkinga encane abasabhekene nayo kusawukufundisa umphakathi ngokulawulwa kwemfucuza ngoba uyakuqonda ukuthi ukulawulwa kwayo ngaphambi kokuba kuwele kubo kuqala ekutheni umphakathi wona uyisingatha kanjani. “Umphakathi kumele wazi ukuthi kuwumthwalo wawo ukuthi unciphise imfucuza, uphinde wona uyisebenzise kabusha ngokwenzuzo yabo, ukulahla kube isinqumo sokugcina, lokhu kuzonciphisa imfucuza eza kithi kodwa nawo uzuze nokuyilona qhingasu elisetshenziswa ilezo zindawo ezihlanzekile emhlabeni wonke jikelele,” kusho uMhlongo.
Wenze isibonelo ngokuthi kuqala oplastiki babemahhala ezitolo uma umuntu ethenga impahla kepha ngenxa yokubona ukuthi kubalulekile ukugqugquzela umphakathi usebenzise kabusha ocwazi babe bedayiswa.
“Sisacubungula siphinde sihlonze izikhala ngokulawulwa kwemfucuza okwenze ukuthi lolu phiko lungenzi kahle ngenhloso yokukwazi ukubona ukuthi ikuphi esingakwazi ukukwenza ukuxazulula lezi zinkinga okubukeka zilokhu zikhona ezithinta ukulawulwa kwemfucuza eMsunduzi,” kusho uMhlongo.
Uthe bayathemba ukuthi umphakathi waseMsunduzi uzozamukela izinguquko abazozethula kuwo ngenhloso yokufisa ukulawulwa kwemfucuza kube sezingeni ukugcina indawo ihlanzekile futhi isebenza ngoba ukuhlanzeka ezindaweni zomphakathi kuzokwenza isizwe esiphilile..