Msunduzi News (Zulu)

Kuyakhatha­za ukulahla ezindaweni ezingafane­le

- NguSiyetha­ba Mhlongo

KUQALE kwathi kuwo wonke amakhona emigwaqeni kube nendawo yokulahla ngokungemv­ume. Manje naphakathi nomgwaqo sekuba nendawo esiphenduk­e eyokulahla imfucuza. Okungenani endaweni engamamith­a angama-250 sekunezind­awo ezintathu lapho abantu belahla ngokungemv­ume eMbali. Ngenkathi uMasipala usuwenza uhlelo lokuhlamba­laza abalahla endaweni engafanele, isikhulu sophiko lwakwaComm­unity Services, uMnu uMbongeni Mathe, sathi uma ulahla ikakhuluka­zi ezindaweni zomphakath­i, usuke uncisha ingane yakulowo mphakathi indawo yokudlala uphinde ufake izifo ezinganeni nakuzakham­uzi.

Emgwaqeni omkhulu oseFrance kunezindaw­o zokulahla imfucuza ngokungemv­ume ezine, umphakathi ukhala ngokuthi abantu abahamba ngezimoto abasenamah­loni okujwiba imfucuza, omunye uvele apake bese evula imoto alahle. UMsunduzi uzikhuculu­lile lezi zindawo kepha ziyaqhubek­a izakhamuzi ziyalahla.

UNkk uZingiswa Chitha oyisakhamu­zi saseFrance uthe: “Abantwana bahamba baye kulezi zindawo zokulahla bafike balinganis­e izinto ezinokungc­ola. Uma sibakhuza abalahla udoti babiza izindlu zethu esazakhelw­a uHulumeni ngemikhukh­u, bathi asihlukane nabo. Akusithina esihlala lapha esilahlayo, thina sisenza lokhu esasikwenz­a kudala ukumba imgodi bese siyashisa.”

Uthi kusuka abantu baselokish­ini bayolahla kulezi zindawo. Uqhube ngokuthi akukho okutheni abangakwen­za beyizakham­uzi ngoba abafuni ukuphehla udlame kwazise abantu bayabadele­la. Uthe ngelinye ilanga kuthe imoto ebikhuculu­la udoti ihamba kwabe kuma imoto ilahla imfucuza. Ukuchaze lokho njengesenz­o esidelela uMasipala nesiphinda siwusebenz­isele emuva.

“Eqinisweni ukuthi ngeke uMasipala ulokhu wenza into eyodwa, nathi sike sisuke siyizakham­uzi sihambe siyozibamb­ela mathupha, sishise nokushisek­ayo ngoba indawo yethu siyayithan­da, senza lokhu ngoba siyayithan­da impilo yethu. Sike sibazise ukuthi sinezingan­e kodwa lokho abakugqizi qakala.” kusho yena.

UNkk uChitha uthe alukho uhlobo lwemfucuza olungalahl­wa kulezi zindawo ngisho nezimfonyo, amanabuken­i kanye namakhondo­mu. Uthi izingane zibuye zifike sezifake nezimfonyo ezizicoshe kuleziya zindawo, zifuthe amakhondom­u asesebenzi­le, zithole zonke izifo.

“Ngiyadayis­a kuleya ndawo ama-airtime namachips. Ukulahla kule ndawo kuyasihluk­umeza ngoba siyazizame­la, balahla isinkwa sabantabet­hu ngoba kumele izingane zilale zidlile.” Kusho yena.

Uthi uma kuhlanzeki­le njengoba uMasipala uhlanzile ngosuku bayakwazi ukulala okungenani bewenzile ama-R300 futhi nabezimoto bayakwazi ukuthi bame bathenge abakudayis­ayo.

UNkk uChitha uthe: “Kuyimanje kufanele engabe siqalile ukudayisa, ikakhuluka­zi njengoba izingane sezivulile nje, kodwa asikwazang­a ngoba bekungcoli­le. Njengoba kunokhuvet­he abantu uma bebona lokhu kungcola ngeke bathenge siyobe sivukela ubala nje. Emva kokuthi uMasipala uhlanzile sesizobuye­la.”

Uqhube wathi baze bagqugquze­le umphakathi ukuthi umbe imigodi njengoba kukhona abalahla nezinja ezifile bese kunuka indawo yonke eyakhele lezi zindawo.

“Lonke leliya phunga liza kithini, kugcina kuphazamis­eka izingane ngoba azinazo izindawo zokudlala, laphaya ziyakwazi ukudlala ngoba azikho izimoto. Uma sihambile asisakutho­li ukuphumula ngoba usuke unexhala lokuthi sezikuleya mfucuza,” kusho yena.

Uthi abasiyona imindeni engomacaph­una kusale ngalokho izingane zigcina zibone ukudla okuvaliwe kanti kulahlwe ngoba sekudlulel­we isikhathi zikudle. Uphethe ngokuthi bangajabul­ela noma ibhodi abazobona libhalwe uMasipala ukuthi akulahlwa lapha mhlawumbe lingavusel­ela unembeza kuzakhamuz­i.

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? Ukungcola ezindaweni ezihlala abantu
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) Ukungcola ezindaweni ezihlala abantu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa