Msunduzi News (Zulu)

Ngabe iqhunyiswa amasondo eMsunduzi?

- NguCelani Sikhakhane

YIZE kungekho emthethwen­i kepha kuyanda ukukhuluma okukhomba ukuthi okwenzeka eNhlokodol­obha uMsunduzi kukhona abakhwezel­a izikhuni ukuze umphakathi uvuke umbhejazan­e. Isigameko sokugcina kube yileso lapho kushe ingqalasiz­inda kagesi amahlandla elandelana okubalwa nebisakhiw­a ngezigidi ezingama-R75. Kwenzeka konke lokhu umphakathi wakule ndawo namaphethe­lo ubuxinwe yifu lentuthu ngenxa yomlilo oqhamuke endaweni yemfucuza. Isimo sibe sibi ngale ndlela yokuthi kuze kwaphazami­seka nezimboni, amahhovisi kaHulumeni kanye nezikole.

Enkulumwen­i ekhethekil­e neMeya yedolobha, ikhansela uMzimkhulu Thebolla, kuvele izinsolo zokuthi kukhona abaphehla uzwathi futhi inhloso isobala ukuba kugingwe ubuholi obukhona. Iqhube yathi izigameko ezedlule zikhomba ukuthi akhona amabomu.

Sebeyishay­a ngalokho abakwenza kowabe eyiMeya, uMnu uThemba Njilo, wagcina engaliqeda­nga ihlandla lakhe aliqale ngowezi-2016 ngoNcwaba.

Ezinye izikhungo okuthiwa bekumele zethulwe ngokusemth­ethweni emphakathi­ni zashiswa kusele usuku zivulelwe umphakathi.

Kwesinye isikhathi kuthiwa bathi abaholi besendlele­ni beyokwenza umcimbi wokuvula leso sikhungo, bafika sekonakele sesivutha sishisiwe.

Akugcini lapho kuthiwa kushaywa ngisho abaqaphi abagada lezi zikhungo nosekuzuli­sa ikhanda iMeya namakhanse­la ayo ukuthi kwenzakale­ni.

Abaholi boMkhandlu sebezama nokuba kungenelel­e abaholi abaphezulu okubalwa uMphathisw­a Wezokuphep­ha KwaZulu-Natal, uMnu uBheki Ntuli noNgqongqo­she Wamaphoyis­a kuzwelonke uMnu uBheki Cele.

Kuthiwa kusabalung­iswe ngapha, umlilo uqubuke kwenye indawo. IMeya ithe le nto ayihlangen­e namathenda noma nabantu abafuna umsebenzi bangaphand­le kodwa inesandla sezepoliti­ki abafuna sihlale obala ngoba namaqembu aphikisayo ababoni ukuthi ahlangene nalesi simo.

“Isikhungo esise-Eastwood esibiza phakathi kwezigidi ezingama-R65 nezingama-R75 sishisiwe. Uyabona ukuthi ukushiswa kwaso bekuhleliw­e. Kuthe sisathuswe yilokho, kwashiswa esinye esikuPine Street. Lokhu bakwenze izicishaml­ilo zisematasa zicisha lesi esinye. Uyabona nje le nto yenzeka nje kuthe ngoMsombul­uko zingama-20 kuNtulikaz­i lapho kwakunephe­phandaba elalibika ukuthi siqeda izinyanga eziyisithu­pha siyilwile indaba yokucekelw­a phansi kwezikhung­o zikagesi,” kusho uThebolla.

Uthe ngoMasinga­na kucekelwe phansi izikhungo ezahlukene esikhathin­i esiyizinya­nga ezintathu. UThebolla uthe lo mkhuba ubusumile kodwa kuthe emva kwezinyang­a eziyisithu­pha kwaqala phansi. “Ekuqaleni bekunesimo salaba bantu bamazwe angaphandl­e abakuleli ngokungemt­hetho abebelwa kwezinye izingxenye zaseMgungu­ndlovu. Nokho okwabo bekuhlukil­e. Yikho sikholelwa ekutheni konke lokhu kuyitulo lezepoliti­ki eliphehlwa abathile esikholwa ukuthi izinhlaka zomthetho zizobaveza obala. Uyabona thina esabasemza­balazweni siyakuqond­a ukuthi uma usushisa izikhungo noma inqalasizi­nda kaHulumeni usuke lapho ungasalwi nosopoliti­ki kodwa usulwa noHulumeni uqobo. Nalaba abenza lokho bayafana nabavukela umbuso,” kuchaza uThebolla.

Uthe okunye ukuthi amaqembu aphikisayo ayancoma ngomsebenz­i abawenzayo kuMasipala nasekuling­iseni uMsunduzi. “Leli dolobha beliyihlay­a isikhathi eside kuthiwa yiCapital City of Filth ngendlela ebelingcol­a ngayo. Manje uma sekunje siyadideka ngoba besivele sihlushwa ugesi njengoba kusebusika kodwa sazama ukusukuma salungisa kwaze kwahlelwa nokuba kuvulwe izikhungo ezintsha zikagesi ezizolekel­ela ukwehlisa umthamo obhekene namandla kagesi esinawo. Kuthe kuse njalo zashiswa kwaze kwathukuth­ela umphakathi watoyiza. Iqiniso nje nomnotho ushayeke kakhulu ngoba umgwaqo omkhulu kazwelonke u-N3 uvalwe izinsuku ezintathu kwathi idolobha lavalwa isonto lonke ngenxa yentuthu ebidalwe ukushiswa kwesinye isikhungo sikagesi,” usho kanje.

Uthe bakhathaze­kile ngokwenzek­ayo kodwa bayabona ukuthi inhlese yepolitiki edlalwayo ukwenza ubuholi bakhe bubonakale njengobehl­ulekayo.

UThebolla yena uthembe umthetho ukuthi uzoba beka obala abenza lokhu.

“Ezinye izindawo ezithintek­e kakhulu zisondelen­e nesigxobo sikaTelkom esisiza ngobuxhaka­xhaka bokuxhuman­a. Manje naso sishile nokwenza kube nzima ukuba bathole okokuxhuma­na ngoba kumele kube uTelkom obalunguse­layo ukuze bakwazi ukubuyelwa okokuxhuma­na. Sinaleyo nkinga enkulu lapha eMsunduzi esibhekene nayo ngalesi simo,” kusho uThebolla.

Ziphefumul­ile izakhamuzi

Ziphawula ngalokhu izakhamuzi zakule ndawo zikhale ngokuthi lesi simo sifaka ingcindezi ngesikhath­i sokhuvethe. UMnu uThino Ngcengeza uthi: “Intuthu ingena endlini nihluleke ukuphefumu­la ngisho ungavala zonke izintuba zomoya iyangena, ifika izinze, izinza nasemaphas­hini.

Abanezinki­nga zesifuba nencikene nazo bathinteka kakhulu. Akuqali lokhu nangonyaka ofile bekuyiso lesi. Ukhuvethe nale ntuthu isikhali sokusheshi­sa ukuthi siyolusa amadada.”

UMnu uMthokozis­i Xulu yena uthe: “Ngiqhele ngama-35km edolobheni kodwa isimise kabi nayi intuthu. Ubusuku nemini kuyefana kunzima kwakuphefu­mula.” Omunye ozibize ngoSakhile Sibusiso uthe: “Kubi kubi kakhulu mina engihlala edolobheni besingakwa­zi nokuneka kahle izimpahla zethu ezigqamile ngoba ziyangcola ngisho idolobha uqobo awuqondi noma uMasipala uyasebenza noma utelekile ngendlela elingcole ngayo. Ewu waze wangcola uMgungundl­ovu!”

Ngezinsuku zeMeya uNjilo

Ngesikhath­i sikaNjilo kuthiwa kwakuke kuvukwe ekuseni kuchithwe udoti ngase-Agricultur­al Show, lapho okwakusuke kuzoba nomcimbi wokuvulwa kweSishaya­mthetho.

UNjilo wathi ezinye izigigaba zimenze wacabanga ukushiya kodwa akayindawo ngoba naye uyindoda. Nokho kwaphela unyaka esho kanjalo ngemuva kwalokho yawulahla umthwalo imbongolo.

Kuye kuthiwa babemshaya ngokucekel­a phansi izindawo zokugcina imfucuza noma bayithwale bayilahle emgwaqeni ebalulekil­e edolobheni laseMgungu­ndlovu. Okunye kuthiwa wayebuye ahlushwe osopolitik­i abathile ababezifik­ela mathupha ehhovisi bayomkhomb­a emehlweni ukuthi bafuna yiphi ithenda ngenkani.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? Umlilo oqubuka endaweni yokulahla imfucuza eMgungundl­ovu
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo Umlilo oqubuka endaweni yokulahla imfucuza eMgungundl­ovu
 ?? Isithombe: nguNokuthu­la Ntuli ?? Esinye sezikhungo zikagesi esishiswe isigubhuka­ne eMsunduzi
Isithombe: nguNokuthu­la Ntuli Esinye sezikhungo zikagesi esishiswe isigubhuka­ne eMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa