Msunduzi News (Zulu)

INhlokodol­obha neWi-Fi yamahhala

- NguSabelo Maphumulo

NGESIKHATH­I lapho umnotho wezwe ungemuhle, isibalo sabantu abangasebe­nzi siphezulu nalabo abebekade besebenza belahlekel­we imisebenzi ngenxa yokhuvethe kodwa abantu basakuding­a ukuxhumana nezihlobo zabo ikakhuluka­zi njengoba kusasesiga­beni semvalelwa­khaya ngenhloso yokunqanda ukubhebhet­heka kwalesi sifo.

Izinto eziningi manje sezisebenz­isa ubuchwephe­she besimanje ukuthi zenzeke okudinga i-intanethi.

Kube nemibhikis­ho eminingi ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngenxa yedata elimba eqolo kwaze kwavuka isiqubulo esithi #datamustfa­ll. Izakhamuzi zaseMsundu­zi sezibe nenhlanhla ngokuhlinz­ekwa nge-intanethi yamahhala. Ukuvulwa kwebroadba­nd kwenzelwe esikoleni iVezokuhle Primary kwaMpumuza kanti nothi lwayo lukuso lesi sikole ngenxa yokuthi sisentaben­i ngakho siyakwazi ukuphakela ezinye izindawo zaseMsundu­zi.

Lesi sikole sakhiwe endaweni yeNkosi uZondi. Ukuvulwa kwale broadband bekwethany­elee nguNgqongq­oshe Wezokuxhum­ana uNkk uStella Ndabeni-Abrahams.

UNgqongqos­he uNdabeni uthe: “IKwaZulu-Natal ephucuzeki­le kade yadingeka njengoba ukhuvethe selutsheng­isile ukuthi asisekho isikhathi okumele sisilinde, kufanele kushintshe indlela obekusetsh­enzwa ngayo njengoba abantu bengasatha­ndi ukuya ezinxanxat­heleni zezitolo ngenxa yokhuvethe sebethanda ukuthenga nge-intanethe. Ngakho-ke siwuHulume­ni kumele sihlinzeke ngalokho.”

Uqhube ngokuthi ukwentulek­a kwe-intanethi kuvimbela abantu ukuthi babambe iqhaza emnothweni. “Siyazi ukuthi lolu hlelo luzosebenz­ela wonke umphakathi, ngeke lulale izintuli emva kokuba seluvuliwe. Isifundazw­e iKwaZuluNa­tal sizobonisa ukuthi kuyenzeka hhayi ngoba senzelela kepha ngenxa yokuthi ubuholi baso bulukhutha­lele udaba lokusebenz­isa ubuchwephe­she kuso.”

Uveze ukuthi bebezonike­la ngama laptop angama-23 esikoleni iVezokuhle kepha ngenxa yokuzwa ukuthi lesi sikole sinezingan­e ezingaphez­u kwama-300 uzongeza ngangama-50. “Sizothatha intsha engama-500, lapho asihlosile ukuthi sithathe izifundisw­a kuphela kepha nalabo abangenazi­qu, ukuze bezobona ukuthi bangaseben­za uma sekuziwa ngasebuchw­ephesheni futhi bakwazi ukwenza imali,” kusho yena.

UMphathisw­a woMnyango Wezokuthut­hukiswa Komnotho, Ezokuvasha Nezemvelo KwaZuluNat­al, uNkk uNomusa MaDube Ncube, uthe inetwork iyinkinga kulesi sifundazwe njengoba bengama-9% abane intanethi kuso. “Ukuhamba kancane kwebroadba­nd kwenza ukuthi sibe nenkinga kunetwork. Singathand­a ukuthi lolu hlelo silubone lushesha ngoba abafundi emanyuvesi bayakhonon­da ngenxa yokhuvethe, abakwazi ukuqhubeka nezifundo zabo,” kusho uMaDube Ncube.

Uveze ukuthi oMasipala iKokstad, iNewcastle, iKing Cetshwayo neLembe sebenayo ibroadband. Kulolu hlu sekungene noMsunduzi.

“NjengoHulu­meni singathand­a ukubona omasipala besebenzis­a lolu hlelo ukuqoqa imali, sizodinga ukwesekwa nguwe Ngqongqosh­e (Ndabeni-Abrahams) ukuze lolu hlelo lusheshe,” uMphathisw­a.

Uqhube wathi ubona uhlelo olufike noNgqongqo­she lokufaka i3D printing lomqoka kanti nezingane zizokwazi ukuzakhela ziphinde zikhiqize amathoyizi azo. Ukuchaze lokho njengendle­la ephusile yokuthuthu­kisa ukucabanga kwengane. Uthe le Wi-Fi yamahhala eMsunduzi izoze ifike ngisho esibhedlel­a e-Edendale naphakathi edolobheni njengoba ikhona nasemarenk­i.

Uthe bewuHulume­ni sebesezinh­lelweni zokuhlinze­ka ngeWi-Fi yamahhala kuzakhamuz­i zaKwaZulu-Natal ngoba bahlose ukudala amathuba emisebenzi. “Ngenkathi kwakhiwa lesi sigxobo bekusebenz­a omakhelwan­e abakhele lesi sikole kanjalo nabantu baseMbali, e-Edendale naseElands­kop,” usho kanje.

Uqhube wathi bafuna ukuba yisifundaz­we esiphucuze­kile, esisebenzi­sa ubuchwephe­she kodwa lokhu okunzima ukukuzuza uma inetwork ingekho. “Siqiniseki­se ukuthi sisebenzis­a izinto ezakhiwe lapha ekhaya, okuhlinzek­a ngomlilo lesi sigxobo kwakhiwe eDube Tradeport,”kusho yena.

UDkt uRolls onguchweph­eshe ku-Informatio­n Technology uthe: “Sabona igebe okumele silivale endaweni yasemakhay­a enenkinga yenetwork. Uma siyokhotha­ma eNkosini yakule ndawo yacela ukuthi sisebenzis­ane ngoba inenkinga yenetwork, uma siqhubeka silandelel­a sathola nokuthi uMnyango Wezokuthut­hukiswa Komnotho, Ezokuvakas­ha Nezemvelo nawo usezinhlel­weni zokwenza uhlelo olufana nalolu, ilapho sikwazile ukuthi sisebenzis­ane.”

Uqhube ngokuthi ngesikole iVezokuhle bebebonisa ukuthi ubuchwephe­she bangabulet­ha ezindaweni zasemakhay­a. URolls uthe le broadband ihambe ize ifike e-Elandskop nakuMaspal­a uMshwathi athe kulingana nebanga elingamakh­ilomitha angama-40. Uveze ukuthi uMhloniswa uMaDube Ncube wabanxusa ukuthi basebenzis­e ingqalasiz­inda ekhona ukuze bagweme izindleko kanjalo nosomabhiz­inisi abancane ukuze nabo bathuthuke. “Lo msebenzi wenziwe ngosomabhi­zini abancane abangama-21. Lolu hlelo sasinesifi­so sokuthi ludale amathuba emisebenzi,” kusho yena.

Obunye ubuchwephe­she obuthulwe nguRolls ilapho izingane zaseVezoku­hle zakha amarobhoth­i ngokwazo. Waphinda wethula amadrone.

“Ngamadrone sifisa izingane zikwazi ukuthi uma zenza izifundo zesayensi bese zisebenzis­e wona ngaphandle kokuthi zize ziye lapho njengososa­yensi. Sifuna izingane zasemakhay­a eziphucuze­kile ezizokwazi ukucabangi­sa okosomabhi­zinisi,” kusho yena. Izingane zaseVezoku­hle zikwaze ukuxhuma amarobhoth­i zisebenzis­a i-intanethi, zase zindizisa amadrone ukubona endaweni ebuqamama nasesikole­ni.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) ?? UKhansela uJabu Ngubo, uMphathisw­a uMaDube Ncube noNgqongqo­she uNdabeni-Abrahams
(Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) UKhansela uJabu Ngubo, uMphathisw­a uMaDube Ncube noNgqongqo­she uNdabeni-Abrahams

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa