Msunduzi News (Zulu)

UMsunduzi uqinisekis­a umnotho wendawo

- Ngu-Anathi Mtaka

ONGOTI bathi ukhuvethe luthikamez­e umnotho emhlabeni wonke jikelele. Njengengxe­nye yokwenza isiqinisek­o sokuthi eMsunduzi uyafukulek­a umnotho ngalesi sikhathi sokhuvethe iMeya uMzimkhulu Thebolla ivakashele inkampani i-ATM Tobacco Manufactur­ers ekhiqiza ugwayi, esendaweni yezimboni eMkondeni.

UMqondisi we-ATM Tobacco Manufactur­ers uMnu uYusuf Kajee uthe: “Manje esesikwenz­a ukuthi sisusa lapha esakha khona ugwayi eZimbabwe siwuletha lapha eMsunduzi sisebenzis­a izigidi ezingama-R500. Manje sakha indawo yokukhiqiz­a eyizi-10 000m2. Lokho sikwenzisw­a ukuthi iZimbabwe neNingizim­u Afrika iwona mazwe anogwayi ohamba phambili emhlabeni wonke jikelele.”

Uthe uma seyiphela le ndawo abayakhayo bazoqasha okungenani izisebenzi ezingama-200. “Zimbili izindlela esingenza ngazo. Ukusebenzi­sa ubuchwephe­she noma ukuthi kusebenze abantu. Thina sinesifiso sokuqasha abantu, ingakho sikhetha le ndlela yokuthi kusebenze abantu, lokho okungelula, kodwa sizokuzuza ngoba inhloso kuwukudala amathuba omsebenzi,” kusho uKajee.

Le ndawo ivuliwe njengoba kuyisigaba sesithathu sokuvalwa kwezwe, iyaqhubeka nokukhiqiz­a ugwayi, nanoma ungavumele­kile ukuthengis­a lapha eNingizimu Afrika. UKajee uthe: “Siyaqhubek­a nokukhiqiz­a ugwayi othunyelwa kwamanye amazwe njengoba kuvuleleki­le ukuthi iphume impahla kuleli. Esingawukh­iqizi owakuleli ngoba njengoba kuvalwe izwe akuvumelek­ile ukuwutheng­isa.”

Uthe kuyamangaz­a ukuthi lapha eNingizimu Afrika abantu abathandi ukuthenga ugwayi wabo ngoba ushibhile, bancamela ophuma emazweni aphesheya kwezilwand­le omba eqolo. “Abantu bakithi bancamela obizayo bazitshele ukuthi ingenxa yendlela owakhiwe ngayo kanti abazi ukuthi kusuke kubalwa nemali ohanjiswa ngayo uze ufike kuleli. Thina asinawo umgolo, uma senze inzuzo yesihlanu asinanking­a kunokufuna ukwenza inzuzo yeshumi noma upondo qede ukuthengis­a kuhambe kancane,” usho kanje.

Uthe babayazi ubumqoka beholo ezisebenzi­ni zabo, wathi uyakuqinis­ekisa ukuthi njengoba sebeshints­he indlela yokusebenz­a ngenxa yokhuvethe, okungukweh­lisa isibalo sezisebenz­i ukuze kuhlonishw­e igebe elikhona phakathi kwabantu kodwa akekho noyedwa ongaholang­a iholo eliphelele.

“Siyayazi ingcindezi uHulumeni abhekana nayo ngenxa yamanzi. Ngelanga sisebenzis­a amalitha angama-30 000. Ingakho sanquma ukuthi sisebenzis­e izigwedlo ukuzama ukonga amanzi nokungafak­i ingcindezi kuHulumeni,” usho kanje.

Umqondisi uthe okunye abakwenzel­a uHulumeni kube ukwakhela amaphoyisa isiteshi endaweni yabo.

“Kule ndawo yezimboni isiteshi esiseduzan­e singamakhi­lomitha ayisi-7. Ngenxa yokuthi siyafisa abanye abanesifis­o sokulondol­oza lapha eMsunduzi bangakubuk­eli kude ukuphepha, bazi ukuthi isiteshi samaphoyis­a siseduze nendawo yabo. Ngezinhlel­o esibe nazo neSouth African Police Services ngabe sesiyasebe­nza inkinga kube ukuvalwa kwezwe,” kusho yena.

Lesi siteshi samaphoyis­a sinanendaw­o yokugcina izinswelab­oya. Uqhube ngokuthi njengengxe­nye yokubuyise­la emphakathi­ni bavule indawo yokudlala ichess. Uthe baqeda ukwakha indawo yokudlela ezobe ithengisa ukudla lapho izisebenzi zikaHulume­ni zizobe zithenga ukudla ngentengo eyehlisiwe. “Izwekazi i-Afrika linothe kakhulu. Kuphela nje kumele sishintshe ukucabanga kwezingane zethu ngoba izona eziykusasa laleli zwe futhi sizikhutha­ze ukuthi zingabheki ukuqashwa kepha zidale amathuba omsebenzi.”

IPR khansela uMahmood Oumar uthe: “Lo msebenzi kade waba isifiso sami ukuthi ube kuleli zinga okulo.Ukuqhubeka kwalo ngibonauku­khanya ngoba uzolekelel­a izakhamuzi zaseMsundu­zi. Siyakuqond­a ukuthi ikusasa laleli dolobha lincike ekutheni singamele amabhizini­si siphinde sinxenxe labo abanesifis­o sokulondol­oza kulo.”

IMeya uThebolla idlulise ukubonga egameni lezakhamuz­i zaseMsundu­zi. “Okuseqinis­weni bengingazi ukuthi kuningi kangaka okuqhubeka­yo. Okumqoka kithi njengedolo­bha ukuqinisek­isa ukuthi umnotho uyafukulek­a, imsebenzi iyasungule­ka khona kuzokondli­wa izingane kuphele nobubha. Engizokuqi­nisekisa ukuthi njengoba ninesifiso sokukhula sizoneseka, siyakholwa ukuthi lokhu kuzohamba ibanga elide,” kusho iMeya.

Iphethe ngokuthi ngeke ikushiye ngaphandle ukuthi ifisa ukubona ulwazi ludlulisel­wa kulabo ababecinde­zelekile ekuqaleni kuleli zwe. UKajee uthe: “Lapho Meya siyaqinise­kisa.”

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) ?? IMeya uThebolla, uMnu uKajee noKhansela u-Oumar
(Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) IMeya uThebolla, uMnu uKajee noKhansela u-Oumar

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa