Msunduzi News (Zulu)

Siyaphothu­lwa isigaba sesi-3 kwaJika Joe

- NguSiyetha­ba Mhlongo

NGENXA yezinxushu­nxushu eziningi kubenezink­inga ngokuphoth­ulwa kohlelo lwezindawo zokuhlala kwaJika Joe. Isikhulu sophiko olungaphan­si Kwezokuhla­liswa Kwabantu oyiProject Manager eMsunduzi uMnu uPhumlani Mbeje uthi uhlelo lokwakhiwa kwezindlu kwaJika Joe seluhamba kahle into ebibambe umsebenzi ukuthi uhlukanisw­e izigaba ezine, okuwuphase 1, phase 2 ohlukene kabili u-A kanye noB bese kube uphase 3.

UMbeje uthe okwamanje umsebenzi oqhubekayo okaphase 3 obekuyinda­wo ebikhona kwaJika Joe ebiyinkund­la yezemidlal­o okwakuyiTe­rtem. “Okwenze ukuthi siqale ngalesi sigaba ingoba indawo eningi kwaJika Joe idliwe imijondolo njengoba kunezakhiw­o zemijondol­o eziyi-3002 okudinga ukuthi lezi zakhiwo zisuswe ukuze kwakhiwe lezi zindlu futhi uhlelo luqhubeke kahle.”

Uqhube ngokuthi abanye babo ngeke bakwazi ukuthi bangene ezindlini ezikhokhel­wayo ezakhiwa kuleya ndawo kepha kubiza ukuthi uMasipala ubakhele ezemixhaso ngoba abanayo imali engenayo ngenyanga. “Zihlonziwe izindawo okuzokwakh­elwa kuzo laba bantu okuyiSigna­l Hill kanye neThembeni,” kusho uMbeje.

Echaza ngalo msebenzi oqhubekayo kwaJika Joe uthe zindlu zakwaJika Joe zingena ngaphansi kohlelo lokukhokha ngenyanga. Uthe abazokwazi ukuthi bahlale kuzo kuzobhekwa ukuthi umuntu ungenelwa imalini phakathi kwama-R800 kuya kuzi-R3500 ngenyanga.

“Ocwaningwe­ni sithole ukuthi kunabantu abaningi okungasibo­na bokuzalwa kuleli abaqhamuka emazweni angaphandl­e ababalelwa kuma-36% kubantu abahlala kuleya ndawo. Abantu abangena ngaphansi kohlelo lwemizi ebheka iholo bangama-782, lapho kubhekwa ukuthi uhola kangakanan­i phakathi kwe-R0 kuya kuzi-R3500. Bese okumele bakhelwe izindlu uHulumeni mahhal bangama-784 okuyilabo abazoya kulezi zindawo ezihlonziw­e. Abangama-800 abahola phakathi kwama-R800 kuya kuzi-R3500 abangena ngaphansi kohlelo lolu oluqhubeka­yo bayi1023 okungama-34% wesibalo sabantu abakwaJika Joe,” kulanda uMbeje.

Uthe kukhona abahola ngaphezu kwezi-R3500 abangena ngaphansi kolunye uhlelo lwezindlu okuthiwa iSocial Housing. Lolu okuba uhlelo lwezindlu oluba sezindawen­i ezisondele­ne nedolobha. “Ekuqaleni uJika Joe wawungena ngaphansi kweSocial Housing kodwa ngokubonak­ala ukuthi abantu bakwaJika Joe basondelel­e ezindaweni zomsebenzi ngoba abanamali ukukhokhel­a izindawo ezibizayo, ingakho banquma ukwakha imijondolo,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi uMasipala uke wazama ukwakhela izakhamuzi zakwaJika Joe njengoba iningi labo linezindlu abaqashisa ngazo eFrance. Uthe ngenkathi bakhelwa iphutha elenzeka ukuthi sishaywe indiva isizathu sokuthi kungani besondelen­e nedolobha, okuwukuthi bazizamele kahle eduze nedolobha, okwaholela ekutheni bazishiye izindlu babuyele emijondolo yabo.

“UMasipala ubeke ukuthi kunokuthi ubasuse laba bantu kungcono ubakhele lapho bekhona uhlelo oluzokwazi ukuthi noma ubani ohleli laphaya akwazi ukuhlala ngoba iningi labantu abahlala khona baqashile, bakhokhela imikhukhu. Imali abayikhokh­ayo iyathusa ngoba iqala kuma-R500 ngenyanga, okuyimikhu­khu engenamanz­i kanye nogesi,” kusho yena.

Uthe isona sizathu esaholela ekutheni kungabi iSocial Housing. Uthi lokho ikona okwabambez­ela umsebenzi ngoba uMnyango Wezokuhlal­iswa Kwabantu, okuyiwo okhipha imali ukwakha lezi zindlu wawuthi akukwazi ukuba icommunity residentia­l unit (CRU) endaweni ephakathi edolobheni, kwaze kwabiza ukuthi uMasipala ubeke izizathu ezinqala ukuthi kungani kumele kube iCRU.

UMbeje uthe isigaba sesithathu lesi esiqhubeka­yo basiphuthu­ma ngendlela yokuthi ngoZibandl­ela kophezulu kumele sibe sesiphelil­e bese kuthathwa ingxenye yezakhamuz­i zingene ngaphakath­i, kusale kuvuleka isikhala ukuze kukwazi ukuthi kuqale isigaba sokuqala okumele engabe sakhiwa lapho okunemijon­dolo okwamanje.

“Kusuka lulunye kuMasingan­a kuzobe sekuhlala abantu abangama-452. Isizathu sokuthi sibafake ngalolu hlelo ukuthi asinayo imali yokubakhel­a izindlu zesikhasha­na, bese ukwakhiwa kwezindlu kuqhubeke ingakho kwahlukani­swa izigaba.”

Mayelana nokusalela emuva kohlelo lwezindlu zemixhaso uma kuqhathani­swa nomsebenzi wakwaJika Joe, njengoba yona isasesigab­eni sokuhlela uthe: “Inhloso kwakuwukut­hi ngesikhath­i kwakhiwa kwaJika Joe nemixhaso ibe yakhiwa ukuze nabantu basuswe kwalula.”

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? Izindlu ezakhikwa kwaJika Joe
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) Izindlu ezakhikwa kwaJika Joe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa