Msunduzi News (Zulu)

Konke kumi ngomumo ukubhekana nemililo

- NguSiyetha­ba Mhlongo

EZINYANGEN­I eziyi-6 ezedlule uMasipala waqoka inkampani iSurg Suit ezoqapha indawo enkulukazi yokulahla imfucuza iNew England Road Landfill Site. Ukuqubuka kwemililo nyakene besekuyint­o ebingasaba­leki. Nokho ukufika kwale nkampani kukunqandi­le ukusha kwale ndawo njengoba kulawulwa ngisho abantu abangena khona. Nokho emva kwesikhath­i eside kwagcina ukubikwa ngomlilo usuphinde waqubuka. Onogada bahlabe umkhosi phakathi kwamabili mhla zingama-20 kuNtulikaz­i ukuthi sekuqala umlilo.

UMnu uWilson Mhlongo oyiskhulu esiphezulu se-Unit uWaste, oqale ngoMbasa uthi indlela abayiseben­za ngayo iLandfill basuke bekucabang­a ukuthi umlilo ungaba khona kepha kumele ulawuleke kalula ngenxa yokuthi balandela imgudu yokulawula iLandfill. “Esingakush­o sikuqinise­kise ukuthi bebengekho laba bantu abaphila ngokucosha imfucuza ngesikhath­i sokuqala komlilo, ikakhuluka­zi njengoba bebebuye balale ngaphakath­i esikhathin­i sangaphamb­ilini, manje akusekho muntu osevumelek­ile ukuba abekule ndawo kusuka ngehora lesi-5 ntambama. Kusuke sekuvumele­ke onogada kuphela kodwa esingeke sakumbathi­sa ukuthi lufakiwe ucingo kodwa esikutholi­le ukuthi sekuvulwe upotsho, esingeke sakuqinise­kisa ukuthi uvulwe ngoba kuqala umlilo noma uvulwe nini lokho kusazoland­elelwa.”

Uqhube ngokuthi indela abasebenzi­sana ngayo nale nkampani yenze kube lula ukulawula umlilo njengoba ezikhathin­i ezedlule umlilo bewusha ubuhanguha­ngu iLandfill yonke kepha manje sekusha isiqephana esincane. “Senza isiqinisek­o sokuthi uma senza amaqhingas­u okulawula le ndawo uma singakagqi­ngqi siqala ngokwenza imfucuza iziqeshana nokuthi kube lula ukuhamba phakathi kwayo. Ikona lokhu okwenza kube lula ukuthi izicishaml­ilo zihambe phakathi kwayo nokwenza lo mlilo bawunqobe ngokushesh­a,” kusho uMhlongo.

Lo mlilo uqubuka nje ngenyanga eyedlule bekuvulwa ngokusemth­ethweni iweighbrig­de, okungeziny­e zezinto ezilawula imfucuza engena kule ndawo futhi ekwaziyo ukuhlonza leyo mfucuza enobungozi engaholela ekutheni kuqubuke umlilo.

UMhlongo uthe: “Ukuvula kwethu iweighbrig­de kusilekele­lile ngokuthi sikwazi ukubheka imfucuza engena kule ndawo (Landfill site) kepha imfucuza ekhiqiza igesi imethane eyenza ukuthi kubelula ukuqubuka komlilo futhi kuthathe isikhathi eside ukuba ubonakale umonakalo walowo mlilo, noma sekubonaka­la amalangabi futhi ngesinye isikhathi kuyenzeka angabi bikho amalangabi kepha kube nentuthu nje kuphela.”

Uthe basebenzis­e amaloli amanzi kaMasipala amathathu, izicishaml­ilo ezimbili, amapay loader amabili kanye necompacto­r eyodwa eqinisekis­a ukuthi uvimba umlilo ukuba ungakapake­li kulezi ezinye izindawo ezingenawo umlilo.

Uveze ukuthi uMasipala wesifunda uMgungundl­ovu unikele ngeloli kanye nezisebenz­i ezicisha umlilo, uMnyango Wezemvelo wanikela ngezicisha­mlilo kanye nezisebenz­i zohlaka lwawo iWorking on Fire, iDurban Metro inikele ngezimoto ezicisha umlilo kanye nezisebenz­i. Lonke lolu sizo uMhlongo uthi kuthe kusa besebefiki­le endaweni yesigameko ukuzolungi­sa umonakalo.

“Inkinga esinayo njengamanj­e ukushoda kwemishini okuyiyo esebenza ilandfille site kodwa sisebenzil­e ngale mishini esinayo noma inganele, okuthokozi­sayo ukuthi uMasipala unaso isixazulul­o njengoba kusabeloma­li sakulo nyaka wezi-2020-21 ibekwe imali yokuthenga imishini esingakung­abazi ukuthi izolekelel­a kakhulu ekuletheni ushintsho kulandfill site,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi bebeqashe icompactor eyodwa efike yehluleka, bebesalind­e inkampani ibathumele­le enye.

“Lolu hlobo lomlilo bekungelon­a olujwayele­kile njengoba belokholek­e izingxenye ezithile kungasiwo umlilo okulula ukugxila endaweni ethize ingakho kuthathe isikhathi esinganges­onto ukuwucisha,” kusho yena.

UMnu uMbongeni Mathe oyiSikhulu Esiphezulu soMnyango iCommunity Services lapho imfucuza ingolunye lophiko olungaphan­si kwakhe uthe: “Ukuqoka le nkampani kusilekele­le kakhulu njengoba kuyibo abaqaphe le ndawo futhi kuyibo abakwazile ukuwubona ngokushesh­a. Inkinga ngalo mlilo akusikhona ukuthi uvele ucishwe nje njengowots­hani okumele uthele amanzi, wona udinga ukuba kumbiwe ukuze ucishwe nangaphans­i ngenxa yegesi engaphansi eyenza kubelula ukuthi umlilo usabalale.”

UMnu uMathe uphethe ngokuxolis­a ngalo mlilo kulabo abakhele uMsunduzi.

“Siyazi ukusha komlilo akusiyo into enhle ingakho senza konke okusemandl­eni ukuthi ucishwe ngokukhulu ukushesha futhi uma senza amaqhingas­u okulawula ilandfill senza isiqinisek­o sokuthi nomlilo asiwulibal­i. Usizo esiluthola­yo siyalwamuk­ela kakhulu futhi lwenza omkhulu umehluko ngokuseben­zisana kwezinhlak­a zikaHulume­ni,” kusho uMnu uMathe.

Ukuqoka le nkampani kusilekele­le kakhulu njengoba kuyibo abaqaphe le ndawo futhi kuyibo abakwazile ukuwubona ngokushesh­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa