UMsunduzi usuyisidleke sokhuvethe
NGOKWEMIBIKO evela kuMnyango Wezempilo esifundazweni iKwaZulu-Natal isifunda uMgungundluvu silele isibili ngesibalo sabantu abahaqwe ukhuvethe esifundazweni kanti kuso isifunda uMsunduzi yiwo ohamba phambili ngesibalo kulabo Masipala abayisi-7 abakhele uMgungundlovu. Ubuholi bukaMasipala wesifunda bubambisene nobaseMsunduzi sebunqume ukuqwashisa futhi bufundise izakhamuzi ngokumele zikwenze ukugwema ukuhaqwa ilolu bhubhane.
IMeya yoMgungundlovu uKhansela uThobekile Maphumulo isebenzisane nezinhlaka zoMsunduzi ukuhamba bememezela edolobheni kanye nasezindaweni zabantu ukuze bangabambi imihlangano njengoba kungasavumelekile ukuhlanganisa abantu kulesi sikhathi samanje. IKhansela uMaphumulo lithe: “Siyayazi ingcindezi esibhekene nayo, siwuMasipala sithe asiphume siyokhuluma nemiphakathi yethu ngoba indlela izinto ezenzeka ngayo akusiyona le okuthiwe asiyenze.”
Ube esenxusa umphakathi ukuthi ulandela le miyalelo ekhishwe uMengameli uCyril Ramaphosa. Njengokuthi uma uvuka kumele ugeze izandla ngaphambi kokuba wenze okuthile, qede ufake amanzi ashisayo nosawoti uhahaze, sewungaqhubeka nezinhlelo zosuku. Uphinde wanxusa amalungu omphakathi ukuthi labo abanamandla bathenge isibulalimagciwane bese singahlukani nabo khona bezosisebenzisa noma ngabe ikuphi.
“UMengameli usememezele ukuthi ukufaka isimfonyo kuyimpoqo, ongasifakile usephambene nomthetho. Ngicela singazitholi sesiphambene nomthetho ngenxa yezinto esingazigwema. Ngicela kuphinde kube umkhuba wethu ukuthi sigcine igebe phakathi kwakho nomuntu oseduze kwakho ukuze singathelelani ngaleli gciwane,” kusho iMeya uMaphumulo.
Udaba lwemingcwabo akalishiyanga ngaphandle, uMengameli wamemezela ukuthi abantu okumele bathamele imingcwabo abangama-50.
“Yebo kubuhlungu ukungangcwabi loyo obesondelene nawe kepha sicela sike sithibe okwesikhashana,” kusho yena. Uqhube ngokuthi abazali akukabangeni ukuthi bashintshe indlela yokwenza njengoba besahamba nabantwana uma beya edolobheni.
“Abantwana sicela nihambe nabo uma beyofuna usizo lwezempilo, ningabaphathi uma niyothenga ukudla, sicela nishiye abantwana emakhaya,” usho kanje.
Unxuse abasembonini yamatekisi ukuthi babulale amagciwane ematekisini njalo ukuze kungatheleleki abagibeli. “Sicela abanolwazi baqwashise labo abangenalo ababonakala benza okuphambene ngoba sizogcina siphelelwe amathuna ngezinto ebesingazigwema.”
IMeya yoMsunduzi uKhansela uMzimkhulu Thebolla ithe: “Sicela nilandele imiyalelo ekhishwe uMnyango Wezempilo kanye nenhlangano iWorld Health Organisation. Okuningi iMeya uMaphumulo isikushilo,
sizonxusa ukuthi abaqashi babulale amagciwane lapho kuthintwa khona njalo ukuze kungatheleleki izisebenzi. Sicela niphinde nifake izimfonyo, niphinde nigweme ukuphuma ekhaya uma kungenasdingo. Uma singaqikelela lokhu uMsunduzi ngeke uze ube isiphethu sokhuvethe.”
USomlomo woMkhandlu uMsunduzi uKhansela u-Eunice Majola-Zondi uthe abafisa ukukuzuza ngokuhambela umphakathi ukuthi bengubuholi banesibophezelo sokunikezela ngolwazi kuzakhamuzi zaseMsunduzi.
“Siyabona izibalo ziyakhula kodwa sibona kumqoka ukuthi sidlale indima yethu kuzakhamuzi zaseMsunduzi. Siyazi ukuthi lolu lwazi lukhona emisakazweni kanye nakumathelevishini kodwa sithi izakhamuzi lokhu okukhulunywa ngako ezinkundleni zokuxhumana sikugcizelele, bazi ukuthi singalinqoba leli gciwane uma sizolandela imiyalelo.”
Uqhube ngokuthi bewuMasipala uMsunduzi baqaphelile ukuba uma kuyoholwa isibonelelo sikaHulumeni izakhamuzi aziyilandeli imigomo ebekiwe. “Sibone kusemqoka ukuthi silande laba ababhekelele ukugciwane ngemithetho yoMkhandlu ukuze baqaphe lapho kuholwa khona isibonelelo sikaHulumeni. Ngalokho sasihlose ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane. Siyazi ukuphoqa umuntu ukuthi alandele umyalelo akufani nokuthi azenzele kusukela kuyena ngaphakathi. Ingakho siphinde senza ukuthi lezi zisebenzi zizungeze edolobheni ziyalele labo abangazifakile izimfonyo ukuba bazifake. Lokhu esikwenza manje ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi ziyazi futhi ziba nolwazi olwanele bangaboshwa kanti thina asiyiklamanga indima yethu yokubafundisa.”