Msunduzi News (Zulu)

Ukusebenzi­sana kwezinhlak­a zomphakath­i

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UKUFIKA kokhuvethe eNingizimu Afrika kwenze kwabonakal­a ukuthi iminyango kaHulumeni iyadingana futhi iyanikezan­a ngomsebenz­i. Akugcinang­a kuHulumeni kuphela kepha kuphinde kwasebenzi­sana amabhizini­si azimele noHulumeni. Inkampani iSign Wood inikele ngezimfony­o ezingama-30000 eMsunduzi ukuba izakhamuzi ziphephe njengoba kuhlasele ukhuvethe.

Isikhulu senkampani iSign Wood uMnu uDieter Kusel sithe: “Sisanda kuqala ukufaka iFibre Network eMsunduzi sabona ukuthi kukhona okuthile okumele sikunikeze izakhamuzi ngoba vele sisebenza ngawo umphakathi.” Uqhube ngokuth ilokhu bakubone kumqoka ukuthi bakwenze ngaphandle kokuthi beyinkampa­ni basungula amathuba omsebenzi.

“Siyinkampa­ni eMsunduzi uwodwa sesiqashe amalungu omphakathi angama-1500. Esaziyo ukuthi bazokwazi ukuxosha ikati eziko okungenani izinyanga eziyisi-9 kuya kwezili-12, siyazi ukuthi maningi amathuba asazovela ngoba inetwork isazodinga ukuba inakekelwe ngaphandle kokuthi ifakiwe nje,” kusho uMnu uKusel.

Uqhube ngokuthi bebenesifi­so sokuthi uma befika eMsunduzi bangafike nje bese behamba kepha bashiye abayohlezi bekhunjulw­a ngako. Uthe izisebenzi abaziqasha­yo bazipha amakhono abangaphin­da bawasebenz­ise uma sebeyofuna imisebenzi kwezinye izinkampan­i.

Uthe okumqoka kubo ukufundisa labo abangazi lutho nabangenal­o ikhono njengokuth­i ifibre network isebenza kanjani. “Siqikelele ngokuthi asigcini nje ngokuqasha izakhamuzi zaseMsundu­zi kepha siphinde sanika umsebenzi nosomabhiz­inisi abancane balapha eMsunduzi, okuyibo abafaka amanetwork emzini yabantu,” usho kanje.

Uqhube ngokuthi okubagqugq­uzelile kulezi zimfonyo ukuthi wonke umuntu uthwele nzima kulolu bhubhane, wonke umuntu unesidingo sokuzivike­la kanti akusiyena wonke umuntu onamandla okukwazi ukuthenga isimfonyo, ingakho bebone ukuthi banikele.

ISekela Meya uKhansela uMinillal Inderjit lithe: “Siyakwamuk­ela ukunikelel­wa ngezimfony­o i3ply, okuluhlelo inkampani elisungule­le ukulekelel­a izakhamuzi zaseMsundu­zi. Siyazi ukuthi leli inani elincane uma kuqhathani­swa nenani labantu abayizakha­muzi zaseMsundu­zi kepha zizokwenza omkhulu umehluko.”

Uqhube ngokuthi bewuMasipa­la babone kungcono ukuthi banikele ezibhedlel­a, izikole kanye nasezitolo okuyizo ababona ziba nomthamo omningi wabantu abaya kuzona. “Izibhedlel­a esizihlonz­ile iNorthdale ne-Edendale, isitolo uSupersave isona esinabantu abaningi abaya kuso, nabezindab­a amehlo abo abelokhu ethe njo kuso ngisho noNgqongqo­she WamaPhoyis­a uMnu uBheki Cele wasivakash­ela lesi sitolo ukuqinisek­isa ukuthi siyayiland­ela imigomo yeCovid 19,” kusho iSekela Meya.

Liqhube ngokuthi okuyisifis­o sabo ukuthi kungabi bikho muntu ozojikiswa ngoba engenaso isimfonyo, lokhu okwenziwe inkampani iSign Wood bayakubong­a ukuvala lelo gebe njengoba izibhedlel­a kuyizo ezisekhale­ni lokhuvethe. “Siyazi ukuthi uma sithenga thina siwuMasipa­la kunemidant­i, lezi zimfonyo eziza kanje ziqhamuka ngaphandle siyazamuke­la kakhulu futhi sinxusa nezinye izinkampan­i ukuba ziphonse esivivanen­i,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi babone kumqoka ukuba bahlonze izikole ezingenabo abantwana abangomaca­phuna kusale ngoba abafisi ukuthi kube nomfundi ojikiswayo ngoba engenaso isimfonyo njengalesi sigameko esenzeka eBulwer kujikiswa ingane yagcina idlwengulw­a.

Uqhube ngokuthi kunabantu abaningi abangosoma­thuba abenza izenzo zobulwane abathola ithuba lokulutha abantu ngoba bazi ukuthi abanalutho, bayakholwa ukuthi izimfonyo zingaklama indima emqoka ukuthi nesizwe siphephe. “Sibonga imkampani efikile kuleli dolobha lethu njengoba seyifake isandla ekufukulen­i umnotho wedolobha,” usho kanje.

Isibhedlel­a iNorthdale singezinye ezizuzile kulolu hlelo, uNkk uKholeka Makhathini oyiActing Chief Executive Officer uthe: “Sithanda ukubonga iSekela Meya ngemizamo yalo ngokuhlezi liqikelela ukuthi isibhedlel­a sethu sihlezi sisizakala. Njengoba sonke sazi ukuthi isibhedlel­a sethu sikhahlame­zwe kakhulu ukhuvethe njengoba kuyimanje kuyiNorthd­ale ehamba phambili ngesibalo sabantu abahaqwe ukhuvethe eMsunduzi.”

Uphethe ngokuthi lolu bhubhane aluthikame­zanga iziguli kuphela kepha nezisebenz­i. Uqhube ngokuthi izipho abazithola kuMasipala nasezinkam­pani zizokwenza ukuthi balunqobe lolu bhubhane. “Siyabonga nokufika komholi wendawo njengoba kusinda kakhulu ukusebenza kule ndawo, ukufika kobuholi kuzogqugqu­zela nezisebenz­i zakulesi sibhedlela ukuba zisebenze kakhulu futhi zikhuthale ngoba ziyazi ukuthi umsebenzi wazo uyabonakal­a,” usho kanje.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) ?? Ngesinye sezibhedle­la esihlomule ngezinsiza zokulwa nokhuvethe
(Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) Ngesinye sezibhedle­la esihlomule ngezinsiza zokulwa nokhuvethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa